Shenge,
Sokwalisa,
Mnandingamondi,
Phungashe,
Sondiya,
Mvulane,
Mbangambi,
Gibisizungu,
Ndaba, Ngwane,
Mbangambi,
Ngqengelele oyivalo zimbili, uthi uvala lesi, avule lesi,
Nina zinyawo ezimahhele!
Tag: Buthelezi Page 1 of 2
Isizwe sakwaButhelezi singowakwaZulu, siphuma emndenini wasebukhosini bakwaZulu KwaZulu-Natal, eNingizimu Afrika; ikakhulukazi, inzalo yesizwe sakwaButhelezi ixhumene ngqo nendlu yobukhosi bakwaZulu ngemishado okwakuhloswe ngayo ukuvala izikhala phakathi kwesizwe nenkosi ebusayo, amalungu aqavile njengeNduna uMangosuthu uGatsha Buthelezi eyingxenye yalesi sizukulwane.
Amaphuzu abalulekile ngesibongo sakwaButhelezi:
Ukuxhumana kobukhosi bakwaZulu:
Isizwe sakwaButhelezi sithathwa njengengxenye yobukhosi bakwaZulu, futhi uzalo lwaso lusukela emakhosini amaZulu aphambilini.
Ilungu eliphawulekayo:
UMangosuthu Gatsha Buthelezi, usopolitiki owaziwayo waseNingizimu Afrika nomholi wendabuko wamaZulu, uyilungu elaziwayo lesizwe sakwaButhelezi.
Umongo womlando:
Imishado phakathi kwamalungu esizwe sakwaButhelezi kanye nobukhosi bakwaZulu yayivame ukusetshenziswa ukuze kuqiniswe imifelandawonye yezepolitiki nokuqeda ukungezwani phakathi kwesizwe noNdlunkulu.
Buthelezi Meaning in English. Buthelezi History. Buthelezi Clan Names
Buthelezi surname info is currently not listed.
if you know its Meaning, Clans or History, please add it by clicking the button or make a comment below.
+ Add surname info
Nina beNyathi emhlophe yakithi eMcakwini ebisembethe izikhumba zeziNgwe nezeziNgwenyama?
Mina Mbhekiseni kaShibela Buthelezi eMcakwini ngidabuka eNdlini yaseKhohlwa eSigodlweni eThelezini seNkosi Ngwane kaShenge.
Akengizichaze ukuthi ngizaleka kanjani.
INkosi Ngwane izale uShabeni yena wazala uNonkonkela wazala uShibela yena wazala uMandulo wazala uNoxhaka wazala uFanyana wabe esezala mina Mbhekiseni.
MaShenge amahle ningadideki iNkosi Ngwane yigama lokuzalwa akusisona isibongo.
Ngilapha ekutheni umlando omuhle oyokhulunywa abakwaButhelezi kepha hhayi oyokhulunywa emgwaqeni ngoba kuningi okuphanjaniswayo.
AbakwaButhelezi bangesinye seZizwe ezindala kakhulu lapha eZansi neFrika.
Akesibelamanise ngokuzalana kwabo.
INkosi Buthelezi
Mlotshwa
Ndaba
Shenge
Ngwane
Phungashe
Mevana
Lawa amakhosi amakhulu aseNdlunkulu yeSizwe sakwaButhelezi jikelele adabuka abusela khona eMcakwini.
eBabanango igama le ntaba eNkulu yakhona lapho okwakubusela khona uKhokho OMkhulu uButhelezi.
Igama elithi “Baba nango” laba isehlakalo noma isenzakalo.
Umlando esiwaziyo thina eMcakwini uthi , endulo ngenkathi kubusa iNkosi Shenge kwaku kade kunempi eyayiliwa kwabe sekuduka uMntanenkosi uLuzumane kaShenge.
Ezweni laseMcakwini laziwa noma lidune ngokuthi yizwe eline nkungu eyisimanga.
iNkosi Shenge yabe isikhipha amabutho ukuba ayothungatha umntanayo.
Nangempela kwezwakala sekumemeza ibhungwana selithi “Baba nango”
Labe selichuma lapho igama lentaba kwathi intaba yaseBabanangu , kepha ngenxa yokuthi endulo babe thefuya kanti namhlanje sekwaduma ukuthi kuse Babanango.
UButhelezi
Waye ganwe uNdlunkulu OkaMnguni.
OkaMnguni wazala izingane eziningi esingazazi amagama azo ngenxa yokuduka komlando ,ukusuka kuButhelezi kuya kuMlotshwa.
UMlotshwa yigama kepha akusisona isibongo.
UMlotshwa ube esezala uNdaba wabe eselanywa uMinyamanzi okukholelwa ukuthi wafudukela eSwatini.
UNdaba wabe esezala uShenge (1640) b okusolakala ukuthi uzalwa kuleyo minyaka. USixhobo ,uNtabeni
UShenge kuNdlunkulu OkaMageba Zulu iNkosazana yeNkosi Mageba Zulu wakwaNobamba eMakhosini wazibula ngo Ngwane , iNyathi ematheza , uMageba.
Sokhumbula ukuthi umuntu manxa ezelwe akabi negama elilodwa kukhona alethiwa uNina noYise , alethiwa zinsizwa ngokuhlaba ezimpini.
Igama elithi “Mageba” isidlaliso ayedlaliswa ngalo ngoba efana noYiseMkhulu ezala uNina iNkosi uMageba.
UShenge wazala ,uQwangubana , uMnandi , uLuzumane.
UMnandi wazala uSowalisa yena wazala uSondiya wazala uSondaba wazala uNtenetsha owagana iNkosi Senzangakhona Zulu.
ESigodlweni eMzansini iNkosi Shenge yazala uNgwane.
INkosi Ngwane yaganwa kakhulu yazala izingane eziningi.
eMzansini kuNdlunkulu wokuqala yazala uNduvana kanye neNkosazana uMzansi , eyake yaba yiBamba Bukhosi ibambele iNkosana Phungashe isencane.
KuNdlunkulu OkaMklebhula Khumalo wazibula ngoPhungashe ozalwa yedwa kwabo.
ESigodlweni eThelezini KuNdlunkulu OkaNtombela yazala uShabeni.
ESigodlweni kwaNomahhina yazala uMvulana noMpondo ababe ngamaWele.
ESigodlweni eMakhwatheni wazala uMpundulwana.
iNkosi Phungashe
EManqashiyeni izale uMsicwa
EMpelelamadoda izale uSiklovu
ESigodlweni eMcakwini wazala iNkosazana Mevana kanye neNkosazana uThelezana
EZinyambe wazala uSabobo welanywa uLubisi.
Namanye amadodana amaningi.
INkosi Mevana kaPhungashe kayibanga nayo inhlahla yokuzala izingane.
MaShenge amahle bengithi angikho phezulu ngibhale nami ngabhala abambalwa abaningi ngibashiyile kepha ungangilandela ekhasini lika Facebook elithi “iNkosi Phungashe eMcakwini”.
Kulelo khasi ilapho engichaza kabanzi ngomlando wamaShenge.
Buthelezi Clan History, Umlando, Meaning & Origin
The meaning, origin and history of Buthelezi surname is not yet listed.
This surname is prevalent in South Africa.
Click to add info about this surnameUmntwana uMangosuthu Gatsha Buthelezi
Umntwana wakwaPhindangene esiyinsizwa kulesithombe. Uzalwa inkosazane umntwana uMagogo kaDinuzulu kaCetshwayo nenkosi uMathole, engumzukulu ka Mnyamane kaNqengelele wakwa Buthelezi.
Umntwana lo uphinde abengumsunguli nomongameli weqembu INKATHA YENKULULEKO (IFP)
umntwana lo uthwale kanzima ngesikhathi zobandlululo ngoba yena bezimunetha izimvula ekhona kulelizwe akazange abaleke aye ekudingisweni waxolela ufela kuleli ezabalaza bukhoma.
Ufude eLovedale school beno Nelson Mandela noRobert Mugabe waseZimbabwe. Ubuye futhi ebe undunankulu kaZulu. Kuningi esingakukhuluma ngomntwana akwenzele isizwe sakithi.
Abantu bakwa Buthelezi Shenge
Umlando esinawo wabantu bakwa Buthelezi uqala ku Shenge futhi okunye esikutholayo ukuthi bangaba Ntungwa singazi noma bukhona ubuhlobo naba Ntungwa bakwa Khumalo.
U Shenge uzale uMageba (hhayi uMageba Zulu), yena wazala u Qwangubana no Nyathikazi, u Qwangubana wazala u Mevana no Cole, u Cole wazala u Lubisi, Mtshubhane kanye no Msicwa.
U Mtshubhane wazala u Malahle, u Msicwa wazala u Mandulo.
U Nyathi (Nyathikazi) ka Shenge uzale u Nduvane no Mlambo, uMlambo wazala u Mvulane ozale u Ngqengelele ozale u Mnyamana, ozale u Tshanibezwe no Mkhandumba.
U Tshanibezwe wazala u Mathole, uMathole wazala u Mangosuthu oyinkosi yakwa Phindangene eNkonjeni, Mahlabathino, oLundi.
Izithakazelo zakwa Buthelezi
Buthelezi, Shenge, Ndaba, Ngwane, Mvulane, Ngqengelele oyivalo zibili, uthi uvala lesi avule lesi;
Wena owadliwa yiNdlovu,
Zimudla Zimlabalabela,
Mbangambi;
Inyathematheza, eyatheza lapho kungathezi khona muntu,
Gibisizungu, Mthandeni, Sokwalisa, Mnyamane ka Ngqengelele,
Sondiya, Somkhabase;
Nina bezinyawo ezimahhele,
Enaganisa izintombi, nanganye nangambili!