Izibongo zeSilo uBhekuzulu kaSolomon

INkunzi elukhanda lubanzi
YakokaMathathela
EvimbelâuNgenetsheni
YavalelâuButhelezi
Kwathiwa ivimbeleni bafana
Ingangenâekhaya
Ngoba iyothâingangenâekhaya
Ifikâzone izithole
INsingisi kaNdaba
Ebanga izulâukuphendula
UMnguni wakithi
Itshe elehle phezulu
Kubo eNengeni
Libonwe ngoNdwandwe
Kanye nabaThembu
ONdwadwe bakithi eGudu
Balinomomozelela
AbaThembu bakithi eSandleni
Balinkwezela
Ngoba babeshaywa yisazelo
Kwakungeseziqaku lezinkomo zeNkosi
ISilo limaphandu
Yebo simaphumlela
Simpondo zingemva nangaphambili
Esifana nemvubu
Ngeyakithi oThukela
Ebukâizinkomo yanyukubala
Yabukâamadoda yamomotheka
UNondina kabuso
Ubuso badinâabakwabo
Uncwadi zafika kuqala
KuBhengu eMgungundlovu
UNdaba ofela ngezibomvu
Njengegama lomuzi
WakubâeMgungundlovu
Isife sikaNdaba
Esobhabhâamadoda
Nanamuhla lokhu
Sisawabhabhile
Unomfazâomuhle ngemilenze
Isigawuli semithâemkhulu
Emincane yayisalâiziwela
Isinambathâabasibonde
Basishiyâiphini
Siye saphakwa nguGilibethe
Obezalwa nguNgcongcwana
Kwathi uMdlangayedwa
Wasinda ngokuzibalekela
Ngoba edlâuNtabankulu
Ezalwa nguGwazil
KwabakwaMagwaza
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho
WadlâuMasenjana
Ezalwa nguMkhanyile
KwabaseGazini
Wamqumba phansi
Koludumayo
Kwaze kwahuda
Nezimvana zakhe
Akwabâindaba zalutho
WadlâuZindawule
Ezalwa nguMabheqemana
KwabaseMancwangeni
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho
WadlâuMister Molweni
Kwabamhlophâabelungu
Embangweni eThokazi
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho
WadlâuMister Ashion
Kwabamhlophâabelungu
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho
WadlâuMister Barthalom
EziMantshini kwaNongoma
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho
Inkunzâeyedlule ngodumo
Kubo eMsizini
Yaze yasengwa nguShester
Phezulu eChesterville
URobertson wakhala
Kwabamhlophe abelungu
Unkomo zalâukwanda
Kwelakithi kwaZulu
Ngoba zaliwe ngoMashu
Zaliwe ngoRobertson
Zaliwe ngomfo kaKhambule

Isililo abasikhalâendlini
Kubo kwaZiphethe
Kwakungakhalelwa lutho boNdaba
Kwakuyikukhumbula nje
Kwasendlini kwabo kokaNtuzwa
UBhusha obukhali
UBhushâobhushâamadoda
Uncwadi zaphumâemqulwini
Kunina okaMathathela
UMngoma owethwasela*
Emthonjeni weMbile
Abanyâabangoma
Bethwasela
Phezu kweNgoqongo
Ubuxhakazwa ngobemikhonto
Bebuxhakazwa ngamadoda
NgawasâeNhlophenkulu
KubuzâuSayitsheni
EngowasâEmpangeni
Wathi madoda kwenzanjani?
Bathi sibangelâiNkunzi
Yakithi kokaMathathela
INkosana abayikhiphe nyova
Ekhaya kubo kwaDlamahlahla
Bayibhekisa iMpumalanga
Bathi ayisoze yalibusa
Leli iawoSenzangakhona
Kanti okaNdaba uzakulibusa
Aze ayonethezeka
Iphume maqede
Inyathi kaNdaba
Ithi iphakathi
KukaNdunu noNongoma
Yawajikâamabombo
YabukâuMaduna
Ezalwa nguNhlanganiso
Izinkomo zikaMaduna
Zawafaka phansi amakhanda
Zabukâabafowabo kwaMshanelo
Zikubuke zakwesaba
Ezakini kwaMinyamanzi
Ezazidiâamabala
Zidla kolukhulu ukhalo
LukaManqwashu
UMashoshozela obenjengenyosi
Iyezulwini
Usibasa lukhalweni kwabemukayo
Ubase phakathi kukaNdunu
NoNongoma
Izulu eladuma
Ekhaya kubo oSuthu
Eladuma lathathâiSiyoni
ISiyoni safa kabi
Ngoba safa sizilandelâizindaba
KithâeMahlabathini
Umbango wasuka ngezibomvu
Ekhaya kubâoSuthu
UGagane lukaNdaba
Lubiyâumuzi wakubo
Lapha kwaDlamahlahla
UChakide obephethâigula
Ethi angazâalivule
Ekhaya kubo kwaDlamahlahla
IBululu likaNdaba
Elalingulumi muntu
Elaliluma umuntu
Ngoba elinyathele
UNyazi lukaNdaba
Olushayâamadoda
Nebinezwana layo
Laphelela esiswini
UFezela oneshonâekhalweni
Ugijime ngokhalo olude
NgoloPhiyane
Yakhethelwa zingane
NgezaseKhatholika
EmaLomeni
IMamba eshaya izinhlu
Phansi kwezintaba ngezikaNunu
Unkomo zabhekâeBombolo
KwakungezawoMsenteli
Kwagijima uMpehlempehle
Ezalwa nguNdabokanye
Wathi inkosi siyiphangile
KithâoSuthu
Yemukelwa nguThuthuza
Wathi ngiyayithanda
Ngeyesithole sakithi kwaSibiya
UFudu lukaNdaba
Olwazalela ngaphezu
Kwezindlu zamadoda
Zabola zonke
Nanamuhla kalokhu zisabolile
Umthukululi wefindo*
Elaliboshwe ngamadodâamabili
Ayethi silifinde sifindile
Akakho ongabuye alithukulule
Hlanga lomhlabathi
Silo saMakhosi!
THOLA ESAKHO ISIKIBHA ESINESITHAKAZELO SAKHO. ORDER: 061 868 5163 (WHATSAPP OR CALL) PRICE: R200
THOLA I-HOODIE ENEZITHAKAZELO ZAKHO: ORDER: 061 868 5163 PRICE: R400
Share this post 