Tag: Ntuli Page 2 of 3
AbakwaMbudu bangabeNguni.
Lesisibongo siyatholakala ezindaweni ezininganyana okubangelwa ukufuduka kwabantu ngesikhathi seMfecane.
Esingakusho nje ukuthi labantu babehlala ezintabeni zaseQhudeni eNkandla lapho uMzinyathi uthela khona oThukela.
Amakhosi aphambilini alababantu awasaziwa kahle, sekukhumbuleka nje kuphela lawo okungcina uTshoko noThekela, ngaphambikokuthi izwe labo lidliwe abamhlophe balinike abakwaNtuli.
Ntuli Clan Names
ntuli,
mphemba,
wena kasompisisothole,
gudukazi uyincwayo.khuboni,
sompisi,
mphemba ngamabele abafokazi bephemba ngezibi.nina base lenge,
enabonakala ngefu lezintuli,
kwabe kungusompisi kaguqa,
kamasalela.mazimuzimu enidla’ abantu.mgwabini wemikhonto,umahlatshwa ebuhleni njengethole,
umagaju njengengwe.inhlangu eyeqa iphindaphinda.umanxeba angamanxulumakwasa bemhlaba ugwabini,
waphika.mphemba!lang’ elaphum’ endlebeni yendlovu,
nyaka wumbelophum’ endlebeni yengwenya.unonjiyelwa,
kulala uhlangothi lubomvu.ugodo olumuka namankayiya.mgwabini wemikhonto,
langa, sompisi!
Abantu bakwaNtuli baziwa njengaMabhele.Batholakala endaweni engaphasi kwentaba iLenge ngaseMhlumayo,
EMnambithi.Baziwa kakhulu ngokuth uma befunga bathi,
“Ngiwafunge aMabhele eseLenge!”Amanye aMabhele atholakal ngse Ntabeni yaseNkuzi ngenhl nomfula iNdaka ngaseWashibhange.
..Kuthiwa lang limbe iNkosi u Shaka izipholele bgaphansi komthunzi nenduna yayo kwabonakala ngefu lothuli liza ngakubona.kuthiwa kwakukhona amadoda,abantu besifazane nezingane.kuthiwa bthi uma befika ngasemfuleni u Thukela iNkosi u Shaka yababuza ukuthi babalekani bthi babaleka amazimuzimu.kuthiw iNkosi yayalela induna yayo eyayihleli nayo uMaphitha kaSithole ukuth akahamb ayohlala nalabobantu ngaphansi kwentaba iLenge abagade bengadliwa amazimuzimu.
Kuthiwa iNkosi uShaka yabahlalisa ngaphansi kukaZihlandlo kaGcwabe nMkhize,endaweni yaseNkandla.Bafika e Nkandla babizwa. Ngokuth abakwaNtuli ngob kwabonakal izi Ntuli zishunqa bebalekel amazimuzimu.
Bahlalisana kahl nabantu baseMbo kwaze kwavel u Ndlela indodan kaSompisi Ntuli.
Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu
Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu. Wadlala indima enkulu ngempi yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka, lapho uMpande ayeqhathe khona abantwana uCetshwayo no Mbuyazwe. UZibhebhu wesekela kakhulu umntwama uCetshwayo bayinqoba leyompi. Izinto zajika ngemuva kokunqoba kukaZulu abamhlophe empini yaseSandlwane, njengoba inkosi uCetshwayo yadingiselwa phesheya. Yabeka indodana yayo eyothatha ubukhosi ngemuva kwayo, umntwana uDinuzuluu kumfowabo uZibhebhu kaMaphitha. Indaba yoniwa ngomntwana uNdabuko kaMpande owayelamana nesilo uCetshwayo owanyundela uZibhebhu kumfowabo ethi ebehlupha umntwana emulusisa emusengisa futhi. Sase isilo simshalazela ke ngalokho uZibhebhu okwamenza wagadla kuqala kunenkosi yakhe uCetshwayo. Kulolo hlaselo lwaZibbhebhu kwafa izikhulu cishe zonke zakwaZulu,engingabala ezimbalwa zazo; uGodide kaNdlela, uSihayo wasemaQungebeni, uMbopha kaWolizibi wakwaHlabisa, uNtshingwayo kaMahole namadodana akhe amabili, haaa ngingabala ngifikephi na, cishe 79 eezikhulu ezasala enkundleni zijunywe uhlaselo likaZibhebhu kaMaphitha. Lokho kwadala inzondo phakathi kwaMandlakazi noSuthu okwenza ukuthi isilo uDinuzulu siphindiselele uyise kuZibhebhu.
Ubongwa kanje uZibhebhu, umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kusabe amagwala! Nani maSwazi yekani ufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ngowakithi eBhanganoma! Haaa inkosi kayiqedwa.