clan names 💛 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Mthembu-Mvelase

Izithakazelo zakwa Mthembu Clan & Umlando

Mthembu
Mvelase
Qhudeni
Jama ka Mnisi
Mnisi wemvula ilanga libalele,
Gabadela owagabadel’ inkundla yakwaBulawayo
Utshani abushi busha ngokubhebhezela
Khuluse omuhle
Phewa
Ngoza kaMkhubukeli kaGazi.
Nina baseMlamlankunzi!
Wena kaNgoza ‘kakhokhobi, ‘kanjengay’ uMacingwane waseNgonyameni, yen’ obedl’ imihlambi yamadoda ngokuyikhokhobela;
Wena kaJel’ ophume kuNdingiza kuHlazakazi, abanini beNdingiza basale bevungama…
Cuphayibambe
Mhlakazanhlansi bayosala becisha abafokazane
Gabadele
Mvelase ka Guda!
Guda kaNgoza kaNgwavuma
Ogud’ inkom’ ingenalubisi;
Wena owathembelenjeni imithi wathi uzosenga ngenxa yokuzingelwa yizitha nabafokazane
Wena Owavel’eNyandeni yemikhonto yakwaMabaso,
Akadli ‘mathibane,
Kuth’ angadl’ amathibane kube indlala iwile
Ndaba!
Ndaba kaLushozi kaGeze kaMangqiyima
Ndab’ongakhothameli amakhosi angakhothama kuyozilwa e Qhudeni!
Mthembobomvu
Myayiza omuhle nezinyawo zakhe!
Wenophuza kwezind’iziziba
Uphuz’oPhongolo wayophuzeManguza!
Usikhothanyelwa kama Kholokotho ngokukhothanyelwa zintaba zo Bombo no Phongolo
Jama wena owajamela imingcele ka Sobhuza neka Soshangane!

Mthembu Family Tree

UMangqiyima uzale
UGeze owazala
ULushozi owazala
UNdaba noMlenze

UNdaba wazala
UMnisiwemvula owazala
UJama noNdima

UNdima wazala
UVico,uSondaba kanye noMangcikivana

USondaba wazala
USiyembeyembe

UJama kaMnisi wazala
UMahawana noSojabha

UMahawana wazala
UMmangaliso owazala
Ulokothwayo

USojabha wazala
UMashobane owazala
UFunwayo

UMlenze kaLushozi wazala
UBhacile owazala
USikhala owazala
USomopho owazala
UMsiyana.

Indlu encane: abakwaMvelase

uMangqiyima wazala
uNyandeni owazala
uMvelase owazala
uGazi owazala
UMkhubukeli owazala
UNgoza owazala uMnhlakomuzi noNodada

UNodada wazala
UMganu owazala
UMabizela noNgqamuzana

UMabizela wazala
UKufakwezwe noZisulu

KwaMvelase kwaduma kakhulu uNgoza kaMkhubukeli owalwa noShaka kodwa wehlulwa wase ebalekela eKoloni nabantu bakhe.

Kubese kuba nezindlu eziyisende likaNgoza eKoloni okuvalwa kuzo nazi;
Mathanzima
Dalindyebo
Mandela
Nezinye ezingingi.

Izithakazelo zako Mvelase:

Mvelase
Qhudeni
Mvelase kaGuqa
Owavela enyandeni yemikhonto yakwaMabaso
Mnisi wemvula ilanga libalele
Nina basemlamankunzi
Nina eningawadli amathibani nawadla kobe iwile.
Ngoza kaMkhubukeli.

Izithakazelo zako Mthembu:

Mthembu
Mvelase
Qhudeni Mvelase
Ndaba
Jama kaMnisi
Mthembu waseGubase
Wena owavela enyandeni!
Nina eningawadli amathibani
Nina basemlamankunzi
Ngoza kaMkhubukeli kaGazi

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: