Category: Surname meaning & origin Page 31 of 789
uMamNtlane, Dingi, Nqabane, Valela, Ntingili, Sukude, Njusana, Malebomvu, Mkhondwana, Ngxididi, Makhaful’inyam’ikrwada, Manz’akanabusuku nam
the forename Sigudu means all together in wisdom and has become more popular in Zimbabwe and united kingdom.
UZwangendaba ungumuntu oqavile emlandweni wesizwe samaZulu. Wayengumholi nomsunguli wesizwe samaNgoni, iqembu elaphuma embusweni wakwaZulu ekuqaleni kwe nayintin-century ngesikhathi sokufuduka nokuhlakazeka.
UZwangendaba ekuqaleni wayengumkhuzi omkhulu webutho lenkosi yakwaZulu uShaka. Nokho, ngemva kokukhothama kwenkosi uShaka ngo-eyitin-thwenti-eyithi, uZwangendaba, kanye neqembu labalandeli abaqotho, baphuma embusweni wakwaZulu. Baqala uhambo lokufuduka, olwaziwa ngokuthi uMfecane (okusho ukuthi “ukuchoboza” noma “ukuhlakazeka” ngesiZulu), okwakuyinkathi yezinxushunxushu kanye nokufuduka kwabantu eNingizimu Afrika.
Ngalesi sikhathi sokufuduka, uZwangendaba nabalandeli bakhe bahlangana neminye imiphakathi eyahlukene, balwa, bagcina sebezinze emazweni anamuhla aseZambia, Malawi, naseTanzania. Abantu bakwaNgoni, beholwa nguZwangendaba, bahlanganisa izici ezithile zamasiko endawo abahlangabezane nazo ngesikhathi begcina ubunjalo babo obuhlukile.
Ubuholi bukaZwangendaba kanye nokusungulwa kwemiphakathi yabaNgoni kwaba neqhaza elikhulu ekulolongeni umlando kanye nesimo samasiko ezifundeni abazinze kuzo. Namuhla, abantu bakwaNgoni banamasiko, imikhuba, nezilimi zabo, okuqhakambisa imvelaphi yabo yamaZulu kodwa futhi bahlukile ngendlela yabo.
>> Lalela umlando wabakwaBhebhe kuYouTube <<
Isibongo sakwaBhebhe sinemvelaphi eNingizimu Afrika, ikakhulukazi eShowe KwaZulu. Kahle-kahle laba-bantu bangabakwaMhlongo.
Kodwa-ke, ngokuhamba kwesikhathi ezinye izibongo ziyagu-qugu-quka futhi zixhumeke ebudle-lwaneni bamasiko emishado kanye nokunye.
Isibonelo sezibongo eziphuma kwaMhlongo esakwaMagwaza, esakwaDlomo kanye nezinye.
Okunye okubalu-lekile okufanele kubhekwe ukuthi, ngezikhathi zokuxoshwa kwenkosi uShaka, abanye bafudukela enyakatho.
Abantu bakwaBhebhe bayatholakala futhi eNingizimu yezwe laseZimbabwe endaweni eyaziwa ngokuthi kukwaMzilikazi noma kwaMthwakazi. bayingxenye yabantu baseLangeni.
UBhebhe abazibiza ngaye nguyena kanye owakwaMhlongo owazala iNdlovukazi yaseMkhindini iNdlovukazi u-Nandi Mhlongo uNina weNgonyama u-Shaka kaSenzangakhona.
UYise ka Mhlongo kwakungu-Ngqeshe ka Soyengwase wakwaDlamini eNdlini yaseLangeni nokuyindlu yakwaDlamini ebusa eSwazini. Abantu bakwaBhebhe bafika kudala kakhulu lapho sekuseZimbabwe khona namuhla, engakafiki amaQhawe afana noMzilikazi Khumalo, Nxaba Msane, Zwangendaba Jele , Soshangana Nxumalo kanye namanye amaQhawe ake ankanisa kuleya ndawo osekuyiZimbabwe namuhla. Abantu bakwaMhlongo ba-phuma eSwazini bayozitholela izwe elisha kwaZulu ngaseMthinemide . Kuyilapho-ke sithola iNkosi u-Bhebhe yakhe khona endulo, isizwe sayo sisikhulu impela.
Umuzi wayo wawubizwa ngokuthi kuseBozeni. INkosi u-Bhebhe yabusa ngesikhathi seNkosi u-Jama ka Ndaba , uYise weNkosi uSenzangakhona.
Ezinganeni noma ngithi emadodaneni eNkosi u-Bhebhe kwakukhona u-Thu-mbale okunguyena owahola ingxenye yabantu baseLangeni abaphikelela enhla nezwe bagcina benkanise lapho sekuseZimbabwe khona. Labo bantu namuhla baziwa ngokuthi babakwaBhebhe , bazibiza ngayo iNkosi u-Bhebhe uYise kaThumbale owaba ngu-Mholi wabo. Ngesikhathi abantu bakaThumbale befika endaweni osekuyiZimbabwe khona na-muhla bafica leya ndawo isaphethwe isizwe sabaNyayi.
AbaNyayi bayingxenye yabaKhalanga kanye nabaLozwi. Ngaleso sikhathi babengakafiki abeNguni abafana noZwangendaba , Soshangana kanye nabanye. Songasho nje sithi isizwe sakwaMhlongo siyizwe sabeNguni bokuqala abazinza kuleya ndawo.
Kuthiwa u-Thumbale wafika kuleya ndawo waba iSilomo eNkosini u-Mambo (Moyo) yabaNyayi, wafundisa isizwe sayo ngezempi . Wayifundisa nokusebenzisa izikhali zamaNguni ezifana nemikhonto, amawisa nokunye. Kuthiwa isizwe sabaNyayi saba mandla kakhulu sagcina sinqobe isitha saso esikhulu ubuKhalanga ngaphansi kweNkosi u-Tshibundule . Ngenxa yokwelekela kwakhe abaNyayi u-Thumbale waklonyeliswa ngoDedangendlela wezwe alisekelwa iNkosi yabaNyayi iNkosi u-Ma-mbo. Kuthiwa lalilikhulu impela izwe likaThumbale lisuka ngaseBubi lihambe njalo lithathe nengxenye enkulu yalapho iNkosi u-Lobhengula eyagcina yakhe khona umuzi wayo wakwaBulawayo. INkosi u-Mambo yabuye yaklomelisa u-Thumbale ngokumeza u-Ndunankulu wesizwe sabaNyayi. INduna u-Thumbale yagcina isale kwenye yezimpi ezaliwa noZwangendaba Jele owayehola abaNguni ababesuke kwaZulu bebalekela iSilo u-Shaka. Omunye umuntu esimbona egqama kakhulu kulesi sizwe sakwaBhebhe ngu-Mancokazi owagana iNkosi u-Mzilikazi, wazala uMntwana uMakhulambila okuthiwa wakhothama esehlala nabamhlophe , eseyiKholwa.
UNina u-Mancokazi Bhebhe yena kuthiwa wayeKhokhovu lweSangoma. Ithuna loMntwana u-Makhulambila lingaseMpandeni Mission buqamama nakwaBulawayo.
Ake ngime lapho Nina beNgabade, singakusho nje singananazi sithi abantu bakwaBhebhe abakwaMthwakazi abantu ababodwa laba nabaseLangeni oNjomane kaMgabhi.
Ake sithi-khumu okwanamhlanje. Sibonge ukusiboleka indlebe. Uze ubuye nangokuzayo.
Menziwa Biyela
Izithakazelo zakwa Mndayi
Manyase, Mamduma, Mantsebeza, Cala lenkomo emdaka, Nothintwongathintwayo, Bhobhoza !!