Izithakazelo zakwa-Mbokazi
Donda,
Nxele, Sontuli,
Lwandle aluwelwa,luwelwa zinkonjane,
Zona eziphapha phezul’emafini,
Phangela kobhongo, nakoqhoqhoqho,
Mlamulankunzi ngab’uziyekile, zabulalana,
Hlamukazi kaMdaka, umdaka usezintangeni,
Wen’owephul’umuth’uphekiwe endlini kaMantombase,
Wena kaPhangela, owaphangel’izinkomo zamadoda!
Mbokazi Jali
Ngiyanizwa nithi azefani izithakazela zoMbokazi bakwaZulu. Lalelani ke, kubi kakhulu uma usuziqhathanisa nezomuzi wakwaBhaca. Mina ngingowaseMzimkulu emaBhaceni. Izithakazelo zakithi zihamba kanje: Mbokazi, Jali, Ncamane, Masina, Ngejane, MlamlaNkunzi ngabe uziyekile zabulalana, Ngcwecwe, Masiphula… lunqamuka lapho ulwazi lwami.
Luzuko mbokazi
I'm such a disappointment ?
Unknown
Mina ngaz ukuth Donda hlamukazi kaMdaka lwandle olungawelwa luwelwa zinkonjane kuphela zona eziphaph'emafini
Unknown
Mina ngaz ukuth Donda hlamukazi kaMdaka lwandle olungawelwa luwelwa zinkonjane kuphela zona eziphaph'emafini
Unknown
Thina sithi Mbuyazi…eyezinkonjane angiyaz
Unknown
Enter your comment…Bathi Mbuyazi, Magembe,Dube.
Oletha
abanye bathi Mbuyazi
[email protected]
Mthiya
Unknown
abanye bathi Magembe….Kodwa thina siyizo izinkonjane
tooly.b
then that mean izithakazelo zakwaMbokazi azifani.. ngoban thina sithi..
mbokazi, nyoni elihlaza