clan names πŸ’› clan history πŸ’―

izithakazelo

Ngcobo

Want a t-shirt or hoodie with your clans? click here to see pictures

Izithakazelo zakwa-Ngcobo

Mapholoba!
Mbele!
Maguya!
Nyuswa kaDingila
KaNgcobo kaVumezitha
Ngcob’ omhlophe
Ozal’ uNgongoma

UNgongom’ azal’ ushangase
UMkeshana
Ngcob’ omhlophe
Ozal’ uGasela
UMfuz’ afulele

Nina basemaQadini
Enizal’ uDude noDabeka
KaSilwane kaNjila kaNgotoma
IQad’ uqobo
nina bakwaMgudwa
KaMshiwa kaNcume kaMgabhi

Mashiy’ amakhulu!
Mashiy’ amade!
Mashiy’ amahle!
Angathi azoshumayela

Nin’ enibiye ngenkomo
Abafokazana bebiya ngamahlahla
Nin’ entatanyiswa
Njengabafazi ningebona

Mpaka ziyaphikisana
Ith’ enye yim’ igoso
Neny’ ithi yiyo
Yemese kaNyuswa
Nina bakaMbethe weqhina

Sihayo!

Zikhona izikibha zakwaNgcobo ezinhle ezibhalwe izithakazelo/izibongo: 061 868 5163
T-shirts: R200
Hoodies: R400

 


More information is available on our YouTube channel


Previous

Ndwandwe

Next

Ngema

18 Comments

  1. Kumnandi ukuba owakwaNgcobo uhamba uziqhenya ngoba uyazi ukuthi owasebukhosini

  2. Awu awu bakithi wasisho wasisho, kwathi angikikize

  3. Kodwa ngempela maseziningi kangaka ziyadida ngidabukela abangagani

  4. Yithi labo ngavukwa uhlevane kwathi angigiye phezu kombhede

  5. kwaNgcobo isibongo esikhulu esinomlando

  6. Fuze!!noDambuza pho? ay ziningi shame ebengingazazi and ziyangimangaza

  7. Hhaybo shuthi Ngcobo no ngongoma into eyodwa, hhay ngathi kuncono ukuhlala ungazi makunje

  8. SHONO KAHLE LAPHO πŸ™‚ NGYABONGA MINA

  9. ..mmm wasisho madoda kwath cosololo

  10. Asihlangani thina noSibiya (lento yokubiya is just an expression, much like Ogumede nabanye when they say 'Mpangazitha'). oMbili ke ntombi, yebo, bangabakithi. So, awulokothi ugane khona!

  11. Kuningi ngomlando wethu okushayisanayo. Enye imbangela ukuthi wawubhalwa abanye betshelwa abantu lokho okwenza kube khona okushiyekayo. … . Uma sibhala nge English, sisuke siixhaphaza ulimi nje, hayi ngoba siluthanda..

  12. M so proud to know this..all along kunabamntu endingaz kuthi nginobhlobo nabo #huntshu ngalemini ye heritage

  13. I'm actually proud to know almost most of my clans #fuze, Mavela πŸ™‚

  14. KwaMbili ngeke ugane kwakona nje yikini

  15. Manje njengoba ngiwuNGCOBO angeke ngigane kwaSIBIYA NAKWA MBILI

  16. Mapholoba!

    Mbele!

    Maguya!

    Nyuswa kaDingila

    KaNgcobo kaVumezitha

    Ngcob' omhlophe

    Ozal' uNgongoma

    UNgongom' azal' ushangase

    UMkeshana

    Ngcob' omhlophe

    Ozal' uGasela

    UMfuz' afulele

    Nina basemaQadini

    Enizal' uDude noDabeka

    KaSilwane kaNjila kaNgotoma

    IQad' uqobo

    nina bakwaMgudwa

    KaMshiwa kaNcume kaMgabhi

    Mashiy' amakhulu!

    Mashiy' amade!

    Mashiy' amahle!

    Angathi azoshumayela

    Nin' enibiye ngenkomo

    Abafokazana bebiya ngamahlahla

    Nin' entatanyiswa

    Njengabafazi ningebona

    Mpaka ziyaphikisana

    Ith' enye yim' igoso

    Neny' ithi yiyo

    Yemese kaNyuswa

    Nina bakaMbethe weqhina

    Sihayo!

  17. lol bayawu ncinda

  18. lolest..umuno bawenzani ekuseni??

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: