Want more info? Watch on YouTube

uMkhasibe uphuma endaweni eyayaziwa ngenkundla yakabulawayo ngolwimi lasemandulo, eyayaziwa nge Rhodesia,ngesikhathi sabamhlophe esekwaba yi-zimbabwe kulesikhathi samanje, ezalwa ngugabadela, ugabadela elwa ikhehla esingalazanga igama lalo.

lelikhehla elizala ugabadela laliganwe unkosikazi oyedwa, kulonkosikazi lazala amadodana namadodakazi, kanti ukhwenyana walo wayenendodana aythola ekuhambeni ogamalayo ayibiza ngo gabadela, lendodana wabe seyithanda kakhulu ngenxa yobuhlakani eyayinabo.

Uyise kagabadela wayenesikhundla esikhulu ebukhosini bangalesoskhathi, nakuba ayezele izinsizwa kumakoti wakhe kodwa uthando ayenalo ngogabadela lwalungangabazeki, ugabadela lona naye wayenendodana yakhe ayeyithanda kakhulu ogama layo kwabe kungu mkhasibe. ubaba kagabadela wayesekhulile kakhulu, uthe lapho esezokhothama wabiza amadodana akhe ukuba eze ukuze azoqoka umuntu ozothatha isikhundla sakhe sasebukhosini uma ekhothama, nebala bafika.

Wase eqoka indodana yakhe engazalwa umkakhe, okwabe kungu gabadela, kazange kuhlale kahle lokho kumadodana akhe azalwa umkakhe amganile. ngesikhathi selokhotheme ikhehla abafana balo baphuma inqina kuzingelwa ugabadela ukuba asocongwe, ukuze ubukhosi buzobuyela kumadodana azalwa ilomama owayegane lobaba, nebala bamthola, bamgwaza abafowakhe.

kazange ashone lesoskhathi, ngoba wahamba ibanga waze wafika kundodana yakhe umkhasibe esekhasa ngamadolo, wafike waphangalalela eduze kwakhe, kodwa esewshiyile umyalezo wokuthi “akaphume aphele kulendawo, sebefuna ukumsoconga naye nabantwana bakhe, ngenxa yesikhundla sobukhosi.

Nebala waphuma ngesamagundane umkhasibe ehamba nabantwana bakhe, uhambo lwaba lude nokho kodwa ngoba wayengafisi ukubuyela emuva, bahamba behlala izindawo ngezindawo, bewela iziziba ezihlala izingwenyama, ebambelela ngesidindi somshiki, behla ngesilulu ezintabeni, baze bafika kumfula umfolozi emnyama, umkhasibe wabe esezama ukuwela kuwo lomfula ngesilulu kodwa wahlileka ngoba samwisa samgubuda isilulu engakayi nakude, wabuyelemuva senxamile. yenzeka yonke lento abantwana bakhe bayabuka, kulaphoke kwahlukana khona imibono, kwase kwanda isibongo, ngoba nabantwana abanye babo kabavumanga ukuphinda bewele kulomfula bancamela ukugudla ngezintaba ukuze bakhone ukuwelela ngaphesheya, nebala umkhasibe nabanye bamadodana basala.

Kwasekuthi indodana endala nabanye bahamba, umlayezo abashiyela wona mabehamba wathi kubo “umlando wami usuyosala kini bantwana kanjalo nezigameko zami ziyosala nani” bahambake abantwana sebezibiza ngo sgubudu,saqala kanjaloke isibingo sakwa sgubudu.