clan names 💛 clan history 💯

izithakazelo

Author: admin Page 9 of 1331

Izithakazelo zakwaKhambule Clans & History

Khambule, 

Mzilankatha, 

INkatha kayingen’endlini,

Yangena kubola inkaba zabantwana,

Nina bakaNkomo Zilal’uwaca,

Ezamadojeyana Zilal’amankengana,

Mlotshwa,

Malandel’ilanga umaliyoshona emaNcubeni,

Mpangazitha, Magasolo,

Nina basebuhlen’obungagcakazi,

Abadl’embeleni wenkomo kungafanele,

Kwakufanel’udliwe ngabalandakazi,

Nina baka Dambuza Mthabathe,

Nani basemaNcubeni enabalekel’Ushaka naziphos’emfuleni,

Kwakhuz’abantu Banifihla naphenduk’abakaNkambule ,

Msuthu,

Mncube onsundu ngezinyawo zakhe,

Wen’oyithath’iNkosi uyibek’enhlabelweni,

Nina baseSilutshana,

Nina baka Maweni,

Nzimande,

Mncaphayi, Shezi,

Malangatsha! 

Malta Clan Names

Malta, Libele, Mboyi, Ndesane, Khwangeshe!

Phanyane Clan Names

Phanyane, wa Muselesele,
Muleya!

Izibongo zika Mankanyiyana

umphangula Jozi, uNogqiza ngumawisa
umnumzane ozihlabanalayo.
inkonjane ezihuqe odakeni
izilo ziyalwa kofabase.

Izibongo zikaZidunge
uSigqoko samuka nemishu yezulu
umavuba ovube kubo kwaNjomela
uMadubula phansi kwetshana
uphalane ocele ‘tshaneni
umfuyi wezinkomo eziafnayo
umdakoziqulu, umdaka ungaze ungoma
Ucombela kwelezolo !
Chief Ndengezi kaKhuzwayo Mdlalose

Izibongo zika Qwangubana

umpatsha awadla  omunye umpatsha
Ishungu elimtshambili lika mgulugulu
Ingwazi eyagwaza kuqala etshaneni
umasabalala onjengelanga.

izibongo zikaMbenge

uNoqongaza wezimbemba
imbenge kanhlaka eguge ngesinqe
yasala amahla
uBantu bafa bebheke ekufinyeni
uMahamba lwengubo kanswinswinswi

Izibongo zika Mgulugulu

uNsangulo  zabeSuthu
umnyezane owengame izizba
undengezzzi zimashumi…
uQomondo olumashiya lukaNhlaka.

Izibongo zika Ntuzwa

uMxhakaza’ phande
uPhangela ko Bhongo
uPhangela ko Qhoqhoqho
uMashwabadela  oshwabadele inkudla yakwa yakwaMguni
kwazamazama ezweni
umashwabadela  osshwabadele ezikwaBizobi
kwathi ezakwa mngani waziyekela..
uDalala wesika, uzagila zinomfutho
uMahlokohloko cvela  kwaMthelwane
Inhlamvu ebizela amawombe

Izibongo zikaThondolozi

uJenefane bakusika amahawu
uNogwaze ‘buku ‘Zulu
Uphaphe lwensingizi elibika izulu lakwazulu ukuduma
uSihlangu ukubatshazwa omunkengane
uKhwelela abantu entabeni,
umqobela ‘bantu esweni
unyawothi emnyama usomfimfithwayo
umabamba kayeki kanjengodlawu labamba lubayekethisa
sehla nohololo umuntungantombi wawomlotha
Intabe’nameva phakathi kweNcome noMzinyathi
umathondo onjengakaThayi !

Thondolozi

Amadodana kaThondolozi

uMadlangampisi (Inkosana) Udududu
uMpiyakhe (Ikhohlwa) Ingomamakhosi
uMpiyenzani Ingomamakhosi
uMganu Ingomamakhosi
uNsukumbili Ufalaza
uDosi Ufalaza
uMtoli Ufalaza
uMgwala Ufalaza
uvalelisa Ufalaza
uSibhalo Ufalaza
uNsukunganye Uve
uNozishina Uve
uMjilingwane Uve
uWekwana Uve
uMubi uve
uKhende Ukhandempemvu
uHhawini Umthisazwe
uNtwili Ikwenkwe
uMagolokoqa Ubhewula
umadlanga  Uve
uMgwaqana Uphefeni
uMuntuwani Uphefeni
uQabukane Uphefeni
uMakhanjana Uphefeni
uNkunzi Uphefeni
uNanko Uphefeni
uNjajana Uphefeni
uBoya Ufelaphakathi
uKhiphayiphi Ufelaphakathi
uBomvana Ufelaphakathi
uQondokwakhe Ufelaphakathi
uMthi Udakwa

Izibongo zikaThondolozi

uJenefane bakusika amahawu
uNogwaze ‘buku ‘Zulu
Uphaphe lwensingizi elibika izulu lakwazulu ukuduma
uSihlangu ukubatshazwa omunkengane
uKhwelela abantu entabeni.
umqobela ‘bantu esweni
unyawothi emnyama usomfimfithwayo
umabamba kayeki kanjengodlawu labamba lubayekethisa
sehla nohololo umuntungantombi wawomlotha
Intabe’nameva phakathi kweNcome noMzinyathi
umathondo onjengakaThayi……

Imizi ka Thondolozi

    1. Ekuvileni
    2. Emayeni
    3. Kwangubo
    4. Ozulaleni
    5. Engwavuma
    6. Embuluze
    7. Egemfini
    8. eNkondlwaneni
    9. Ekuthethisaneni
    10. kwaPhelayela

    Amadodakazi kaThondolozi

    1. uNozingela
    2. uHawukile
    3. uMsamuni (owangana isilo uDinuZulu)
    4. uNtombiyaphansi
    5. uMandovo
    6. uKhalala
    7. uZenzile
    8. uMbikose
    9. uNtombiluthi
    10. uPhathekile
    11. uNobelungu
    12. uNoqhina
    13. uNomakhwayi
    14.  uNokhuluma
    15.  uZimuhle
    16.  uNobesuthu
    17. uNeziduli
    18.  uNoziqeohu
    19.  uNokusa
    20.  uNokwabela
    21.  uNozinduku
    22.  uPenesi
    23.  uNobathakathi
    24.   uZenzani
    25.   uThathani
    26.   uNomathophi
    27.   uNogazi
    28.   uNondede
    29.  unosixi
    30.  uPotokele

    Page 9 of 1331

    Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

    error: