Month: June 2019 Page 7 of 10
Nhleko Mgilija Mabhengu Mngcwangu lomhlophe netinyawo takhe, wena wakalawuba, sdwaba siluthuli, sdwaba sengwe nengwenyama, nguboyengwe Nyanganduna Hluzululu.
Izithakazelo zakwa Tabhu
Mbumbe, Gabhisa, Mathandethule, Mabophe, Malamb’adle ihawu lakhe, Nkongolo, Jojukhalo, Langelihle!
Thoweni uvela eBhekabantu lapho abagcwele khona. Thoweni uzalwa uLubhunga, owayebalekele kwelase Mozambique enguThobela odabuka eSwatini. Lensizwa yasibuya kweleli yazibiza uThoweni ngoba inqena ukubonakala ukth beyibalekela impi yakwaZulu. Kuthiwa Lubhunga ngoba kwaziwa ukth ibhungukile emaThobeleni abathakazela ngoMjadu. Lensizwa kuthiwa yayilokhu ihamba iphuza amanzi endleleni lapho ayayithi maseyikhathele igobe amadlangala khona.
Ngobani okhanyile
Madinane Clan Names ?
Dinabantu njenge nyamazane, Ngwekazi oluhlaza okwe nyongo yembuzi. Msuthu, Mnguni. Nina abe zinja ‘zimbili ziyaphingana zishiyelana amakhinqa – Bo phula santonyana zaba thakathi, mabulal’ ehleka. Nina bokuphunga isisoka sakomgebi. Bo jikijela abhuxeke, ufafa lwezintombi zaseXhobo. Ndolo!