clan names πŸ’› clan history πŸ’―

izithakazelo

Sikhakhane

Izithakazelo zakwa-Sikhakhane

Mboma kaMqhele,
Mathula,
Nzimase,
Sdwaba esinembobo,
Wena sango elingezantsi,lapho besa khona imilomo,
Wena owangena nesikhuni emanzini sivutha, waphuma naso sivutha,
Wena kaMboma os’hlahla samila edwaleni,
Wena kaSoqhafuza, umlung’odla izinkobe,
Wena nyoka eyacaca emthini ingenazinyawo,
Inkomo esengelwa emeveni ngoba wayisengela ethungeni iyalikhahlela,
Wena okhishwa ngenoni emgodini,
Wena ophatha amakhosi uma esedukuzela,
Wena owahlabana ngokwehlula izinyanga nezanuse,
Wasuka lapho waxhoshiswa ngokaSenzangakhona, ngezinkomo zekhethelo,
Wakhushulwa, awabanankosi, ngoba inkosi yakho kunguNodumehlezi kaMenzi,
Mboma,wena wase Nkandla!

Previous

Sibiya

Next

Ziqubu

4 Comments

  1. Abakwaphenyane bona bafika kanjani kwaSikhakhane?

  2. Izthakazelo ziyaqhubeka ngokuzalana kwamakhehla, awukho wrong lapho.

  3. Ngyacabanga lapho sekuluzalo ngoba thina sibiza uNgungwana emva kaNzimase nalapho awudukanga.

  4. Aziphelele kuphi lokhu okuthi "wena kazinqanyana ezilingene ukuhlala kuphela"?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: