clan names 💛 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Linda Page 1 of 2

Ndlozi clan names & History

Ndlozi,
Linda,
Mjaji Wena Mathetha ngezinyembezi abanye bathetha ngomlomo,
Ucu aluhlangani okhalweni luhlangan’ entanyeni,
Nsibane !

Poswayo clan names & History

Poswayo surname origin and info

This is a Xhosa surname. Approximately 1 320 bare this surname in South Africa, predominantly in the Eastern Cape.
The clan name (isiduko) for the surname is Xaba.
ooXaba
– ooNonkosi
– ooNonxa asikhathali
– ooNomjoli
– ooLinda
– ooMwelase
– ooMlotywa
– ooShwabada
– owashwabadel’inkomo neempondo zazo, Apho kungavalwa ngamivalo kuvalwa ngamakhand’amadoda, aMahlubi amahle!

Skosana clan names & History

Skhosana, Mtungwa, Novaphi Msi kamhlanga, Linda, Buze’likhulu elizala amabuzi namabuzibuzwana, Nontuthu intuthu eyaqhuma emhlangeni kuphuma amabuzi namabuzubuzwana, Nolinda mkhonto njenge ntsele !

Linda Clan Praises

Linda

Magidi
Zimase

Cebekhulu

Mshayisa
Dephuza

Mafu kawalingani nawaseNtshengeko ngoba awaseNtsheko angubongubo. Macansi agcwele izindonga. Mhashaza KaNgwadla ka Thambo lanyoka lihlaba elimzondayo ungezwa bethi yedlulela phambili kanti bakugodlele imikhonto. Oye ezansi wabuyelela wathi kwa Zimase akusavalwa ngamvalo sekuvalwa ngamakhanda amadoda. Nsele Ka Linda Mkhonto ngimele Ngisalande ezami eZungeni.

Izithakazelo zakwa Zwane Clan Names

Izithakazelo zakwa Zwane

  • Zwane
  • Mangethe
  • Linda Mkhonto
  • Umafa avuke
  • Zikode kaPhikela
  • UZwane akadlelanga phansi
  • Wadlela emkhombeni Wezinyamazane
  • Edla im’hlambi yezinkomo zamadoda
  • Ndlangashushwana ngokudla amaNdebele
  • Bathi uZwane udleni kwaMtambo?
  • Kuthiwa udle izinjana zimbili
  • Zigcwele umdakana!
  • Ntshosho!
  • Wena Kamafu kawalingani- angaphansi naphezulu
  • Ngoba aphezulu angubo ngubo!
  • Ntsele kaLinda kaMkhonto!
  • Awungilinde Ngilande Ezami
  • Mthanti!Nduna ngokuthwal’ isila sensele!
  • UNtsele kangakanani,
  • Ngoba nasothini lomkhont’ angahlala.
  • Nin’ enadlel’ encazeni!
  • Nin’ eniphakel’ umyeni odengeleni,
  • Ngoba ningabenkosi.
  • Zikode kaNdabansele
  • Mabhayi kawalingani awangaphansi nawangaphezulu
  • Nina bakaVezi
  • Owadl’ isihlahla njengengwababane!

Zwane – Phikela wengwe – Nselenduna nina base tsheni lase Ntshenteka

Zwane – Mandaba, Ukub’ uMandaba wayengehlanga phezulu saso buswa ngubani?

Zinkomo zakwaLinda ezimhlane ugcwele udaka, ezathi zidl’ubhoqo kanti ziyawuhlakulela

Ntshosho, obhukuda ezizibeni ezijulile, uma engabhukudi kwezijulile zibuya nodaka

Mangethe omakhandakhanda

Nina baseMangweni !
Zikode !!!

Zikhona izikibha nama-jacket/hoodies zakwa Zwane Whatsapp / call: 061 868 5163
Prices:
t-shirt: R200
Hoodies: R400

Izibongo zakwa Cebekhulu

Shabane Clan Names

Shabane
Dwala
Majiya
Mabhal ngozipho abanye bebhal ngepensel
Mabiya ngwoko
Sbumbu esiqumbil
Linda

Izithakazelo zakwa Ndlozi Clan Names & History

Ndlozi, Nsibande, Linda, Mjaji, Wena owalinda izingwe nezingonyama, Mdlanyoka, Mdluli, Inhlunukuhlangana nenhlabathi kuphumabantu, Hlanga lwami wavelaphi na?
Hlanga lwami wavel’ Eswatini !!!

Izithakazelo zakwa Linda Clan Names

Ntsele kalinda mkhonto dibahkasiziba

Izithakazelo zakwa Zakwe Clan Names Umlando

Zakwe Clan. Surname Meaning. Zakwe Origin. Zakwe History

Cebisa, Mdlolo, Linda, Xhangane, sihlabane. Wena kazukuzela njengenyosi iya ezulwini. Wena ojoja ngokalo wena owela ngefu!

This surname is prevalent in RSA

Page 1 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: