clan names πŸ’› clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Lobola-procedures

Imbeka 😍 Inkomo yamalobola

Imbeka – lenkomo ehlantshwa emzini ngumakoti yokujabulisa abasemzini. Lenkomo ihlatshwa emuva kwesithathi umakoti egcagcile. Isikhathi kungaba yizinyangana noma unyaka ophelele. Lenkomo ngoba ithatha isihathi ukuhlatshwa, kungaba nje yithole lenkomo.

Lobola process 😍 Lobola procedure

Insizwake mase izimisele ukuthatha intombi, iyaye ibikele uyise ngalezinhlelo zayo. Uyise ebese ebiza abalingani bakhe abayomsiza ukuyoxoxisana nalabo akakwantombazane undodana azimisele ukuyithatha ibe ngumfazi.

Abalingani mase bechazeliwe ngohlelo, kwakubeke sebenquma usuku lokuyovela lena ekhaya lentombi abazimisele ukuyilobola. Ngosuku oluhheliwe, abakhongi laba masebefika emzini wendoda lapho intombi abazoyilobola ihlala khona, bagibela emthini bese bekhuleka behaya ngezithakazelo nezibongo zedoda ephethe lelikhaya okuziwe kulo. Bayo haya lendoda ngezibongo zanyo nezithakazelo kuze omele umdeni wakwa ntombi le ezolotsholwa bazobona ukuthi labantu abazobanga umsindo emzini wendoda bezengani. Mebefika esangweni, omele ikhaya uyathula angasholutho baze abakhongi laba bakhiphe lenkomo emizwa β€œImvulamlomo”.

Sekuyothi mase ikhishiwe lenkomo, omele abomndeni wankwantombi ezolotsholwa bese ebuza ukuthi amadoda lawa ezengani nakhu bebanga umsindo emzini wendoda. Babeke sebechazake udaba abeze ngalo abakhongi. Uma umndeni uzithanda lezindaba abeze ngazo labakhongi, babeke sebemvunyelwa ukungena ngaphakhathi emzini wendoda bezoqedela izingxoxo abezengazo.

Umdeni ubeseke ubiza izintombi zomdeni bacele ukuba abakhongi bakhombe intombi abezengayo. Mase beyikhombile, intombi ibeke isibuzwa ukuthi iyabazi yini labantu. Uma ivuma ithi iyabazi, kubeke sekujatsulwa sekuqhutshekwa nodaba losuku. Izinkomo, amagama azo, izindlela eziphuma ngazo, kanye nezizathu zakhona zichaziwe lapha ngenzansi ngokulandelana kwazo.

1.Imvulamlomo – lenkomo enikezwa ubaba kamkoti ekuqaleni kwezingxoxo zamalobo, ukuba akhulume nabakhongi. Lenkomo ngencane kunazozonke ezinye, kungaba nje yithole lenkomo. <img alt=”” src=”//upload.wikimedia.org/wikipedia/commons/thumb/2/2d/Imvulamlomo.jpg/220px-Imvulamlomo.jpg” decoding=”async” width=”220″ height=”220″ class=”thumbimage” data-file-width=”640″ data-file-height=”639″>
Imvulamlomo

2. Inkomo kamama/Inqguthu – lenkomo umkhwenyana ayinikeza umkhwekazi wakhe. lenkomo ikhishwa ngumkhwenyana ebonga umkhekazi ngokukhulisa umakoti kahle otholakale esayintombi nto. Uma ubuntombi sebalahleka lenkomo umkhwenyana akayikhiphi. Lenkomo ingenkulu nebiza kunazozonke izinkomo zelobolo. Ngaphambi komshado, umakungukuthi intombi ubuntombi bayo bese balahleka, lowo owathatha izimbali zentombi uyahlawula ngenkomo okuthiwa Inkomo yohlanga. Lenkomo ayingeni emagcekeni akamakoti, kodwa ihlatshwa ngaphandle kwegcekelakwamakoti kukhishwe inyongo, bese kuchelwa ngayo umuzi wendoda. Izintombi zesigodi zibe seziyogeza ngenyongo yalenkomo emfuleni ohambayo, zikhiphe ichilo elilethwe yilentombi esigodini sendawo.

3. Inkomo kababa – lenkomo iyisipho umkhwenyana asipha uyise kamakoti ebonga ngokukhulisa umakoti.

4. Umqholiso – lenkomo eyokungeniswa kukamakoti emzini. Lenkomo ikhonjwa innxeba ngumakoti ngosuku lomshado. Umakoti uthelwa ngenyongo yalenkomo, kanti futhi umakoti akayidli inyama yalenkomo.

5. Isikhumba – lenkomo umkhwenyana ayinika uyise kamakoti kuthiwa eyesikhumba sikamnumzane wekhaya. <
Inkomo yesikhumba

6. Isibhoma – lenkomo yisipho umkhwenyana asipha umakoti kuthiwa eyesidwaba sikamakoti ayosiqgoka emzini.

7. Imbeka – lenkomo ehlantshwa emzini ngumakoti yokujabulisa abasemzini. Lenkomo ihlatshwa emuva kwesithathi umakoti egcagcile. Isikhathi kungaba yizinyangana noma unyaka ophelele. Lenkomo ngoba ithatha isihathi ukuhlatshwa, kungaba nje yithole lenkomo.

8. Inhlabisamthimba – lenkomo ehlatshelwa umthimba uma kugcagcwa.

9. Isiwunkulu – lenkomo eyohlatshwa emshadweni ihlatshelwe abesifazane.

10. Isiqondo – lenkomo inikezwa umakoti mhla ephuma ekhaya eya emzini bethi ngayo ekhaya lakhe adle asuthe angalambi.

11. Inkomo yomncamo – lenkomo kamakoti ayihlaba ekhaya evalelisa ezintombini zangakubo.

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: