clan names 💛 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Luphalule

Luphalule Surname, Luphalule Clan Praises

Mthimkhulu, Bhungane kaNsele, Zikode, Gob’izembe, Bhong’onekhala Makhulukhulu, Mpangazitha, Sothondoshe Ziyengane eziyeng’umuntu, zimyenga ngendaba, Bathi uBhungane uyaphalaza, Umanyele ncenceni Mashiya amahle, amade anjengawenyamazane, Mafuz’afulele njengelifu lemvula, S’goloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kube sengathi siyamujamela, Ndlubu zamil’ebubini, ngoba zesab’ukwehlela, Ingab’emhlabeni zesabani? Nina enindlebe zikhanya ilanga, Nina enindlebe zinhle zombili, Nina bosiba olude olungakhothami endlwaneni kodwa kwezinde luyakhothama, Nina bomagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele, Mahlubi amahle, Nina maHlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana, Mashwabadela owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo, Ngelengele!

Izithakazelo zakwa Qoma Clan Names

Izithakazelo zakwa Qoma 😍 Qoma Clan Names

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: