Nqubuka
dladlama,
mlotshwa,
shawushawu,
magadlel’onjengenqama,
umosi wenyama ngezibi zendlela abanye bosa ngezinkuni,
omsongi wensimbi aybeke ekhaleni ukuze amagwala ezombalekela,
saziwa kude njengomthakathi,
nina baseB’thongwa eMangweni !!
Tag: Nqubuka
Iqhina liphume embizeni
kusho ukuphunyuka kwento/umuntu okade esebanjiwe
iqhina uhlobo oluthile lwenyamazane
imbiza lana kusuke kukhulunywa ngabantu abasuke belikakele bavula iskhala sokuth liphume khona bazolishaya kahle lona nje livele lingaphumi lapho lithole enye indawo libaleke.