Masimula! Mnguni, Ngabade, Boyana, Chinswayo, Zambule, Mgabhi wena owagabha ngamashoba amabili ezinkomo abanye begabha ngezandla, wena owabamba impi esandlwane kwakhala abafo nabafokazane babuya bethwele imikhono ekhanda bethi we hhem! we hhem!
Vezi, mthiyane, bangela, gusundwane, zobhi zamahlathi, ntuntwane zikhwela ngothi, ziludwendwe zibheke kamashobane, nina bakamngcanjana kuvele mungcanjane, nina bakansimi eyavuma emngceleni yaze yavuma ngisho esinyikithini, nina bakamugxala kawungeni uyathantalaza, nina bakachaphane manzana ngokuwela imifula nemifudlane, nina bakakhweya abantu entabeni, bathi niyofa nini banisike izihlangu abafo nabafokaze, nina enibuya lakungabuyi khona muntu, nina eniphuza kwezinde iziziba !!
Leave a Reply