Izithakazelo zakwa-Sibiya
Ndaba,
Gumede
Sibiya ngenkomo, abafokazana bebiya ngamahlahla,
Nina bakwankom’isengelwa emaweni,
Ingasengelw’esibayeni akuyon’eyakhona.
Gumede kaNdaba,umanyelela njengentombi iy’esokeni,
Mkhananda owafinyelela kubalondolozi,
Wemuka noGodokazi way’eMfolozi.
UHhiya kwabanani,
Okwaphwekwa esendlini,
Kwaze kwephulwa esendlini,engazange afe ukufudumala,
Mgxebe!
Khathi!
Nina bakaSotobe kaMpangalala!
Unknown
sibuyi and Mthunzi
Unknown
Ngabe usibiya uyakwazi ukuthatha ka Gumede?
NE SIBIYA
Cha
Unknown
Ngicela izithakaselo zakwa Thango ngiyabonga
Unknown
Ngicela izithakaselo zakwa Thango ngiyabonga
Unknown
ngicela ukwazi ukuthi iziphi izibongo hambisana noSibiya
Unknown
UMnguni noSibiya bahlangana emlwandweni wokuthi uMnguni wazala uGumede, kwasekuthi uGumede wazala enye yamadodana akhe uZingelwayo. uZingelwayo ke nguyena okwavela ngaye isibongo sakwaSibiya. Kodwa ke abakwaMnguni nabakwaSibiya bayaganiselani, kanjalo nabakwaGumede nabakwaSibiya bayaganiselana futhi.
Unknown
Philani Gumede umlando wokuhlangana kwaSibiya nabakwaGumede uqala endodaneni kaGumede egamalayo kwakunguZingelwayo. UZingelwayo wayenomfowabo uZethembe. UZingelwaye wayenemfuyo eningi ngendlela yokuthi yayigwala esibayeni izephumele ngaphandle, ikake umuzi. yingakho ke kwazekwathiwa bangoSibiya ngenkomo ngenxa yezinkomo ezakekeleza umuzi kaZingelwayo. Isibongo sakwaSibiya savela ngendodana kaGumede uZingelwayo…
Unknown
This comment has been removed by the author.
Unknown
Lothjani
Mina ngingu Hezekiel Sibiya ngikhuliswe ngesindebele ngenza nesiko lesindebele nobaba naye walenza kodwa ngimangazwa ukuthi ubaba wami wathi angithathi umtazana wakwaMathibela umathibela lindebele naye.ubaba akasaphili manje angazi iqiniso kahle ngami nabokhokho bami akekho obaziko ngibawa ukwazi ingabe usibiya yindebele na?
Unknown
uGumede wazala uZingelwayo benoZembethe. AbakwaSibiya bavela endodaneni kaGumede uZingelwayo. Uma ungase ufune umlando wokuthi uSibiya wavela kanjani, uzothola ukuthi indodana kaGumede uZingelwayo wayenezinkomo eziningi ngendlela yokuthi zazize zikake umuzi ngenxa yobuningi bazo. USibiya wavela ngesenzo esasenziwa yizinkomo zikaZingelwayo indodana kaGumede. Indodana kaGumede uZingelwayo yabangeyakwaSibiya ngenkomo kanjalo, savela kanjalo isibongo sakwaSibiya. kahle kahle abakwaSibiya bangabazukulu bakaGumede.
Unknown
Ngcela ukwazi ukthi uMnguni uyangena yini koSbiya
Unknown
Ngicela ukwazi ukuthi uqala kuphi umlando ohlanganisa oSibiya nesibongo sakwaGumede njengesithakazelo sabaKwaSibiya?
Unknown
siyabonga izthakazelo
Unknown
syabonga kakhulu ngiyazthokozela izthakazelo,nami kukhona ebengingazai