Ake sithathe ukubheka inqubo yokulobola.
Lobolo negotiations
Izinkomo zamalobolo
Ingxoxo ngelobolo – imibuzo nezimpendulo
Ake sithathe ukubheka inqubo yokulobola.
Lobolo negotiations
Izinkomo zamalobolo
Ingxoxo ngelobolo – imibuzo nezimpendulo
Inkomo yomncamo β lenkomo kamakoti ayihlaba ekhaya evalelisa ezintombini zangakubo.
Isiqondo β lenkomo inikezwa umakoti mhla ephuma ekhaya eya emzini bethi ngayo ekhaya lakhe adle asuthe angalambi.
Isiwunkulu β lenkomo eyohlatshwa emshadweni ihlatshelwe abesifazane.
Inhlabisamthimba β lenkomo ehlatshelwa umthimba uma kugcagcwa.
Imbeka β lenkomo ehlantshwa emzini ngumakoti yokujabulisa abasemzini. Lenkomo ihlatshwa emuva kwesithathi umakoti egcagcile. Isikhathi kungaba yizinyangana noma unyaka ophelele. Lenkomo ngoba ithatha isihathi ukuhlatshwa, kungaba nje yithole lenkomo.
Isibhoma β lenkomo yisipho umkhwenyana asipha umakoti kuthiwa eyesidwaba sikamakoti ayosiqgoka emzini.
Isikhumba – lenkomo umkhwenyana ayinika uyise kamakoti kuthiwa eyesikhumba sikamnumzane wekhaya. <
Umqholiso β lenkomo eyokungeniswa kukamakoti emzini. Lenkomo ikhonjwa innxeba ngumakoti ngosuku lomshado. Umakoti uthelwa ngenyongo yalenkomo, kanti futhi umakoti akayidli inyama yalenkomo.
Inkomo kababa
Inkomo kababa – lenkomo iyisipho umkhwenyana asipha uyise kamakoti ebonga ngokukhulisa umakoti.
Powered by WordPress & Theme by Anders Norén