Mbambo
Jangase
Mahlamba
Tag: Mbambo Page 1 of 2
- Mangethe,
- Cebekhulu,
- Mbengo,
- Mbambo,
- Mungwe,
- Phikelela,
- Nsela,
- Ndabakansele,
- Zikode,
- Nsele,
- Mafu,
- Mthayi,
- Mgabhi,
- Mhlaba,
- Mchwayo,
- Ntshosho,
- Cengesi,
- Thinta
Abanye bazikhumbula kanje
IZITHAKAZELO ZOMBAMBO
Mageza ngobisi lwenqu⌠yabafazi bamanye
amadoda, abafakozana begeza ngamanzi,
Ubambo kaludliwa ngabafokazana, ludliwa
umlandokazi, Mbiko, Mkhemezela, khethwayo,
Jangaza, Bhubhu kaNdaba, Goba ngokugoba
amadolo, Mbambo kaLushozi kaMomoyi ka
Mandlovu.
uMlando wakwaMbambo:
ABANTU bakwaMbambo ba-phuma kwabakwaMthethwa, okusho ukuthi bangama-
Lala-Nguni ngokwesigaba sabeNguni. Baziwa
ngoMbambo owabe eyindodana kaJangaza
kaJobe kaKhayi wakwaMthethwa. Le ndodana
kaJangaza yayizacile, inezimbambo ezihleli
obala, yingakho yagcina isibizwa ngoMbambo.
Kuthiwa uMbambo lona wayengaganiwe futhi
engakufuni sidalo. Wayezikholisa ngabafazi
babafowabo ngesikhathi besempini. Kwathi
angabanjwa ukuthi ugila lo mkhuba, wabizelwa ecaleni kodwa akayanga lapho.
Wavele wazigibelela injomane yakhe. Ngaleso senzosakhe wabe esebizwa ngokuthi nguNjomia okwagcina sekungesinye sezithakazelo zakwaMbambo.
AbakwaMthethwa banquma ukuba bamhlasele
ebusuku engazelele. Sebemkakile, wavele
waphuma nezinkomo zakhe wagoba walingana
nazo futhi wagobisa izandla njenge-zimpondo.
Wahambake nemfuyo yakhe wayozinza
ngaseMvoti. Lapho ke wafika wakha umuzi
wathi kukwaMbambo. Ngenkathi elapho
uMbambo, waqala wakhumbula ukuthi
kufanele aganwe ma-nje ngoba babengasekho
abafazi babafowabo njengenkathi
esekwaMthethwa. Waganwa ngamakhosikazi
amane.
Wazala kakhulu, uzalo lwakhe kwaze kwathiwa
ngolwakwaMbambo. Inkosana yakhe kwaba
nguZikhohlwana. Nayeke uZikhohlwana
waganwa. Inkosikazi yakhe yayengelwa iNdiya
elabe lakhe eduzane kwabo, wagcina ezale
ingane yomfana igama layo okwabe
kunguNkobezemfe. Naye uNkobezemfe wazala
inkosana yakhe uLusongo okwagcina exabana
nomndeni ngoba umsola ngokuthakatha.
Wabaleka wayokwakha eThekwini. Nethuna
lakhe lilaphaya eZimbuzini, ngaKwaMashu.
Kunabanye abakwaMbambo abalaphaya
eNdwedwe, bonake abazibiza ngoGoba.
Bakanye nabo laba abaphuma kwaMbambo
ngoba kuthe sebehambe kakhulu, base begoba
amadolo.
Bakhona abanye abahamba bayokwakha
eMthwalume naseBulwer. Kuthe uma abelungu
sebenikeza uMqundane kaMaboyi wakwaMlaba
eMahlabathini indawo, abakwaMbambo
nabakwaVilakazi bahamba nabo okwagcina
abakwaMbambo beba ngondunankulu
bakwaMlaba. KunabakwaMbambo
abaseDundee bona abazibiza ngoChiliza kanti
uma uya eMkhambathini, kunabakwaMbambo
abazibiza ngoMdunge. Kuyavela futhi
emlandweni ukuthi endlini encane yakhona
eMaDungeni amaDunge abuye athakazelwe
ngoMageza ngobisi lwenquâŚ.. yabafazi ba-
manye amadoda.
OMbambo baseMvoti belamana kanje: UKhayi
wazala uJangaza, uJangaza wazala uMbambo,
uMbambo wazala uZikhohlwa-na, yena wazala
uNkobezemfe yena owazala uLusongo, uLu-
songo wazala u-Isaac ozala uJotham.
OMbambo abaKwaMaphu-mulo bazalana
kanje: USikana (uNjongolozemikhonto) waza-
la uSambane (onguMavalane ibutho lakhe)
yena wazala uNtinti.
OMbambo baseNhlungwane eMahlabathini
bazalana kanje: UNdaba uzala uBhubhu
(owakha umuzi wasoDondolo) wazala
uMahawule, uSikhulumi noNomalenje.
UMahawule wakha umuzi waseNkalangiphethe
nethuna lakhe likhona lapho.
USikhulumi wakhe umuzi wakwaDingumphathi.
UNomalenje uzalo lwakhe luseNjampela
KwaNongoma. UNomalenje uzale uNdindindi
noMbhali owaphuma nomuzi wasoDondolo.
USikhulumi wazala uChwasha (uShayitshe) no
Madolo.
IZITHAKAZELO ZOMBAMBO
Mageza ngobisi lwenqu⌠yabafazi bamanye
amadoda, abafakozana begeza ngamanzi,
Ubambo kaludliwa ngabafokazana, ludliwa
umlandokazi, Mbiko, Mkhemezela, khethwayo,
Jangaza, Bhubhu kaNdaba, Goba ngokugoba
amadolo, Mbambo kaLushozi kaMomoyi ka
Mandlovu.
Mbambo Surname Origin, Mbambo Meaning & Mbambo Last Name History
Mbambo: If you know any information about this surname, such as Mbambo Meaning, Mbambo Origin, Mbambo History or Mbambo Clan names, please add the info in the comments below or click this button + ADD CLAN NAMES
Please use the form below to add info for this or another surname/clan name:
Izibongo zeSilo uDinuzulu kaCetshwayo
UMamonga kabulali uyasizila
Uqotha imbokode nesisekelo
Ufana neNdlovu emnyama yasOndiniUsilwa nankunzi mbili
Enye ngeyakwaNgenetsheni
Enye ngeyaseBhanganomo
UMgwazi kadinwa zinqapheli
Isikhomo esikhomo esimazinga
Umuzi bawuphume ehlathin
Bawulabalabela
Ithole lakokaMsweli
Elanyisa liguqile
Indaba engiyizwe ngimncane
Ngaze ngakhula ngayibona ngamehlo
Usifuba sigungu sigungubele
Nyakane sabhoboka
Umuntu uyakuzizwa izindada
Usikhipha mbila ehlathini kwaCeza*
Kulale yena esixhotsheni
UNdaba uhlomehlathini
Ube njengohlanya
UMashesha njengezulu*
Ephikelele kwaNdunu
UMphangela langa
Lingaphumi kwaNdunu
Lithe liphuma
Laliphuma ngezingazi zamadoda
Wazithatha izihlangu zikaMandlakazi
Waziphonsa eMkhuze
Wamudla uMcwasimbana kaMaphitha
Wamshaya phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wamudla uXukwana kaMaphitha
Wamshaya phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wamudla uNdlovu kaMaphitha
Wamshaya phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wamudla uPhuzukumila kaMaphitha
Wamshaya phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wamudla uSiwana kaMaphitha
Wamschaya phansi lokudumayo
Akwabindaba zalutho
Wamudla uSikhizane kaNomageje
Wamshaya phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wamudla uSomfula kaMaphitha
Wamshaya phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Isikhova sikaMaphitha
UMgwagwa wezulu
Umpondo zamilâenjeni
Engabâenkomeni zesabani
Lokhu sasiyokwenza
Amagudu okubhema
UDlothovu kabhekeki uyesabeka
Ufana nemisebe yelanga
UDlothoâonjengebhubesi
Uliso lifana noyazi lwezulu
Sengathi ngelengwe
Sengathi ngelengonyama
UMamba yeVuna
Umaqhamusela
Ngoba uqhamusele
Ezihlangwini zabasEkuvukeni
UMalokotha izizwe zilokotheke*
Usihhawuhhawu siyinkondlo bayivumile
Ivunywe ngabaMhlophe
Ivunywe ngabaphansi nabaphezulu
Uphaphâoluphezu kwendlu kaKhotho
Umathathelâahlome onjengezulu
Lalela luntu omemezayo
Ungathi uyakhala
Ukhalâisililo
INkosi yensizwa
UMaphikelela
NgobâephikelelâamadodâakwaZulu
Esagunda izicoco azibeka emseleni
Mlomo ongawodwa
Sukâukhulume
Uyayibonâimilomâeminingi
Iyavunana phakathi kwezwe
Kuvunana uZibhebhu benoHamu
Kuvunana uZiwedu benoMnyamana
Izulu elidume
Emva komuzi eNkalakuthaba
Lazithatha izingane
ZikaMaphitha zonkana
Lazithela eMkhuze
Gijimami ngazo zonke izindlela*
Niyobikela abakwaSidladla naNtini
NabakwaVuma
Nithi amanzi oMkhuze ningawaphuzi
nGoba uDinuzulu indaba uyenzile
Ulile ngomkhonto kwelakubo kwaZulu
Ngoba udadewabo enguSililo
Wagwaza impi yema
Yanjengegama likadadewabo uSimiso
Wagwaza umntu wameya
Ngoba udadewabo enguBeyisile
Ohlasele nemikhonto
Njengemuzi waeMkhontweni
Ohlasele ngamahhashi
Njengomuzi waseMahhashini
UMagagamela!
Ogagamele izinkomo zamaBhunu
Inkunzi yakithâeMkhontweni
Unophumuza abantâamaphika
Unonhlahlâamazibuko akwaSekane
UNongqayiza bayakuthibela*
Uthitshelwe nguMalimade
Kwabamhlophe abelungu
UMgwazi kaqaqi
Uqaqelwa zinyoni
Umkhonto kaShaka noDingane
INgwenyâedlelâogunjini lomfula
Ngaphezulu yesabâukuhlatshwa,
Yimisebe yelanga
UgubuzelâuCeza noHlathikhulu
Unhlamvu zamdeka kwaCeza
Zashaya amagatsha emithi
Umgwadlaza nqola ziyakwethuka
ZiyakushonâeNkonjeni
UPhondo lwendlovu
Luyenqaba ukungena
Ezindlini zamankengane
INgqungqulâegoqâamaphiko
Enhla komuzâEkuvukeni
UKhozi lukaNdaba
Olweqe luphindelela kwaMandlakazi
IziNgqungqulu zibethene phezulu
NgekaMaphitha enye
NgekaCetshwayo enye
Angiqondi nezokubhabhalala
Kwathi ekaMaphitha yabhabhalala
UMkhangela jozi ngaphansi kweTshana
Ulikhangele ngoFalaza
UFalaza wathukuthela
Uzitho zimbombo zimbombonono*
Zifana nezikadadewabo uSililo
USomkhandi wakithi eMkhontweni
Okhandâabezindlu nabezindlwana
Abazindlu bayikhexâimilomo
Ucala lathethwa ngomkhonto kwaMalandela*
Amanye amacala ethethwa ngezindukukwana
ISidlova kasidinwa nayikuhoma
InganâoButhelezi badiniwe
Abasematheni badiniwe
Indaba yenziwe ngabakwaNgenetsheni
Umkhosi bawuhlaba eBhanganomo
UNobhanaza ngendlela ezenyukayo
EziqondâoThaka kuNkosiluhlaza
Wathi ukubufike oThaka
Kwathi iBhunu uPotolozi
Wakuthwesa isigqoko
Kwathi isigqoko sakufanela
Wena Nkonyane kaPhunga noMageba
Inkunzi kaShaka
Babethi iyahlaba
Kantâithibela imihlambi yamadoda
Izizwe zonke ziyambuza
Zithi uMamonga ungakanani
Umthentâohlabâusamila
Insimu yakwabo kaKhambi
Ivumâamanhla
Yavuma amazansi
Uthukuthele wayophuma ngesikhala
seNgonyama
Eyakudabula kuMlandu ezalwa uNkungu
Waphuma ngesikhala seHlobane neZungeni
Eyakudabula kuNdabankulu ezalwa
nguLukhwazi
Wayikhipha eyomnyatheliso
Wakhethelwa nguLevisa
Kwabamhlophâabelungu
Wakhethelwa nguLukhwasi
Kwabamhlophâabelungu
Wakhethelwa nguNkosiluhlaza
Kwabamhlphâabelungu
Ngomkhumbi wakho phansi kukaCeza
Wawakha wayithukulula
Eyakuyibhekisa kuMantanga
Ezalwa nguMkhanyile
La kwakhethâamathnsâesilimela
Eyakuyidlulisa kuSinquma ezalwa uMvamane
La kwakhethâamathonsâesilimela
INtukuzo yakithi
Ibithukuzwe ngabakithi eKushumayeleni
Ngomkhumbi wakhâomnyama
Eceleni kwabafana bakMlonyeni
Uye wadabula emaNtungweni
Izalukazi zasemaNtungweni
Kawabe usazinika mlomo
Eyakudabula kuSonkeshana
Ezalwa nguNgqengelele
Nanamuhla lokhu
Abafana bakaSonkeshana bangavuma
Bathi yedlule lapha insizwa yeNkosi
Iphethâibhosho
Iphethâihawu
Unxeba laphumâintunthu yesibhamu
UMngenuli wamaguma
Kusalâizmpahla
Ziyakusala zibadabula
Nanamuhla lokhu
Abanini Mpembeni basamangele
UMagalelâagase
NjengeNkosi yaMantshali
UgaselâuZibhebhu kwaNdunu
UMavelâajahe
OnjengeBhunu lakoPhewula
USitshongo siyithuntu yamabhosho
Abedutshulwa ngoNongqayi
ESikanekisweni kwaNongoma
Umashishiliza ongazindlovu
Ziyakudlâamaganu kwaNongoma
Ujame ukuhlangabeza
Uhlangabezâizihlangu zaMankentshane
Okhalweni kwaNongoma
Usibamba nkunzana bayesabayo
UMathangâadabululwandle
Ngemvula yezinyembezi
Uyajabula mfazi waphesheya kolwandle
WenâobonâiThole lakokaMsweli
Liyoke liwaphulâamanyâamathole
Gqabula Thole !!!
Amanyâamatholâakonona asakhulekiwe
USinakanaka sezincwadi zabamhlophe
abelungu
Beziloba bezinakazisa kakhulu
Zilotshwe ngamSotsha
Zalotshwa ngamaGumgedlela.
THOLA ESAKHO ISIKIBHA ESINESITHAKAZELO SAKHO. ORDER: 061 868 5163 (WHATSAPP OR CALL) PRICE: R200
Izithakazelo zakwaMdunge
Chiliza,
Mwelase,
Mbambo,
Makhathini!
Leave a Reply