Tag: Msibi Page 1 of 2
Meaning & Origin:
Msibi is a Swazi surname from Eswatini (Swaziland), meaning “one who builds” or “creator.”
History & Notable People:
The name reflects themes of construction and growth. Families with this surname are often associated with roles in community development or craftsmanship.
Kwesinye isikhathi abantu banokufisa ukwazi imvelaphi yabo. Ake sibheke kafushane ukuthi abantu bakwaMsibi kahle-kahle baphumaphi. Umlando uyakuveza ukuthi Abantu bakwaMsibi kusengabantu bakwaKhumalo. AbakwaMsibi bazalwa nguSiwela Khumalo kaGasa Khumalo kaZikode kaMkhatshwa kaKhumalo kaMntungwa kaMbulazi kaNdabezitha.
uGasa ongukhokho wethu thina bantu bakwaMsibi wazala uMagugu noSiwela kanye nabanye. uSiwela wazala uMloshwa ongukhokho wabantu bakwaNkosi oNdlangamandla wabuye wazala uKhuhlase owaye futhi aziwe ngelikaVongoye ozala abantu bakwaMsibi… ubukhosi bakwaMsibi bu-buya kwelikaNgwane kwaHlatsi kubusa abakwaKhumalo. obunye ubukhosi bakwaMsibi bu-buya oPhongola eNtumbane futhi basabizwa ngamaNtungwa kuleyondawo. Sibonge ukusiboleka indlebe. Uphinde ubuye futhi nangokuzayo.
Sive sakaMsibi lesitalwa nguMentiwa sitfolakala eMjindini, Barberton. Mentiwa watala madvodzana lasihlanu lokungu Zomba(Amos), Mcoshwa(Mtshopane), Mlwati Kanye naTimadze loliphahla na Ntfwane. Lawo madvodzana a Mentiwa asabalala nelive labanye baseNhlazatje, labanye bakaThema, labanye baseDvwaleni besekutsi labanye basagcwele khona eMjindini. Indvuna yabo lesaphetse njengamanje ngu Enock(SAYITSHENI) Lokuyindvodzana lendzala yaZomba, ngiyolelapha eNtsabamhlophe endzaweni yabo labakaMsibi.
MSIBI CLAN NAMES
NDLONDLO
NDUMAY’THENI
HABINE
COTSHWAYO
NDLONDLO ENOPHAPHE EKHANDA
BASHISE
MABUYA KASIWELA
GASA
GULIWE WENA OWESENDE/
NDLONDLO EYANDLA UBULONGWE YALIBALA.
>> Lalela umlando wakwa Msibi <<
Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu
Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu. Wadlala indima enkulu ngempi yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka, lapho uMpande ayeqhathe khona abantwana uCetshwayo no Mbuyazwe. UZibhebhu wesekela kakhulu umntwama uCetshwayo bayinqoba leyompi. Izinto zajika ngemuva kokunqoba kukaZulu abamhlophe empini yaseSandlwane, njengoba inkosi uCetshwayo yadingiselwa phesheya. Yabeka indodana yayo eyothatha ubukhosi ngemuva kwayo, umntwana uDinuzuluu kumfowabo uZibhebhu kaMaphitha. Indaba yoniwa ngomntwana uNdabuko kaMpande owayelamana nesilo uCetshwayo owanyundela uZibhebhu kumfowabo ethi ebehlupha umntwana emulusisa emusengisa futhi. Sase isilo simshalazela ke ngalokho uZibhebhu okwamenza wagadla kuqala kunenkosi yakhe uCetshwayo. Kulolo hlaselo lwaZibbhebhu kwafa izikhulu cishe zonke zakwaZulu,engingabala ezimbalwa zazo; uGodide kaNdlela, uSihayo wasemaQungebeni, uMbopha kaWolizibi wakwaHlabisa, uNtshingwayo kaMahole namadodana akhe amabili, haaa ngingabala ngifikephi na, cishe 79 eezikhulu ezasala enkundleni zijunywe uhlaselo likaZibhebhu kaMaphitha. Lokho kwadala inzondo phakathi kwaMandlakazi noSuthu okwenza ukuthi isilo uDinuzulu siphindiselele uyise kuZibhebhu.
Ubongwa kanje uZibhebhu, umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kusabe amagwala! Nani maSwazi yekani ufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ngowakithi eBhanganoma! Haaa inkosi kayiqedwa.
Leave a Reply