clan names 💛 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Ndlunkulu

Amagama abafazi esithenjini

1. Umfazi wokuqala (indlunkulu) ngowakini. Uqondene nomnikazi wesibongo. Uzala inkosana or inkosazana.

2. Umfazi wesibili (ikunene, abanye bathi ikhohlo kuya ngezindawo) ngokayihlo. Uyena oshaya umthetho uma kunezingxabano alungise. Akayizali inkosana, nenkosazana.

3. Umfazi wesithathu (iQadi). Lo-mfazi ngowakho uyazilobolela wena. Iqadi aliyizali inkosana, nenkosazana. Umsebenzi weQadi ukusiza/ ukwelekelela indlunkulu ingabi ntekenteke, ikwazi ukwengamela ukwenza umsebenzi wayo wokwengamela umuzi. Uma bengekho abafana endlunkulu, abafana baseQadini kuphatha bona.
Emandulo indoda esuthayo ibiqhubeka iganwe inwebe igceke bedlule eshumini abafazi.

Extra notes:

NgokwesiXhosa iQadi neXhiba ngamalalela, ayayizala inkosana ngokudalwa, ukuba inkosana ayikho kwindlu eNkulu.

Umlando: Ondlunkulu beSilo uCetshwayo kaMpande

Laba besifazane abane babengondlunkulu, izindlovukazi zikaZulu ezazigane iSilo uCetshwayo kaMpande. Njengoba kuke kushiwo ukuthi emendweni akuhlezi kumnandi, ziyafika izikhathi zobunzima.

Lapha baseThekwini behamba neSilo uCetshwayo, beyogibela umkhumbi owabantuntisa wayobafikisa eKapa. Lapha kungonyaka ka-(1880), mhlazane uZulu esengasazimele gelekeqe. Nyakana uZulu esanda kuhlulwa eSandlwana.

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: