Shikico, schevula, Bhadi kaMlungu, into engafuni nto yamntu, Msuthu !
Month: June 2019 Page 6 of 10
Ngicela ukwazi umlando wakithi kaNgwabe nezithakazelo
Ngcamphalala, mcusi wendlunkunku nina enagigqika ngesilulu nafika kwaNgwane naba yizinduna zempi ngobuqhawe beno nina abamandla. Kuthe amaswazi ahlaselwa naye nalwa impi nayinqoba. Wena owendlu yamandla kuthe sowunqobe impi amaswazi aphenduka amambukwe abuzana odwa athi niyambona kodwa loNgcamphalala ukuthi uyolidla lezwe libengelakhe……..
Khomo, sibiya, qwabe, gumede, ndaba, gazu,nandisa, mbende, sotobe, phakathwayo, khathi, zamisa
sibiya ngenkomo abafokazana bebiya ngamahlahla
qwabe kamalandela. mnguni.
gazu kazembethe
zingelwayo. mkhananda owahamba nogodokazi wawela umfolozi kwahhiya.
manyelela njengentombi iy’esokeni.
khomo!zamisa
nina bakankomo isengelwa emaweni, yasengelwa esibayeni akuyona eyakhona.
mgxebe kayotho
khathi! nandisa
sotobe kampangalala! nobiya
magamanxane kangobe, ngobe esemngeni. nogwaza wom’belebele.
sikhobobo qhawe labaqulusi.
ndaba komkhulu. gumede!
Isibongo sakwaKhomo sidabuka kwaSibiya futhi ehlukene izigatshana naso ngokwaso.
ngizothatha uKhomo Zamisa, ngimshiye uPhambuka nezinye.
Loluhlangothi lukaKhomo lwabaleka ngesikhathi sezimpi zemfecane bayokhosela kwaXhosa bafika baphenduka amampondo, kodwa nakhona babuya bazinze empumalanga duze nenkosi umaKhanya lapho namanje babizwa ngamampondo.
Izithakazelo zakwa Khomo:
Khomo, zamisa, mbundu, yiga, nomenco, ncamuza kancane abanye bencamuza kakhulu, mnyaphane, khomo ongathethi othetha ngoba konakele, sbiya ngezinkomo abafokazana bebiya ngamahlahla.
kukhona noKhomo Phambuka yena esingeke singene manje kuye.
Thomo khambule ndabane yoni eyakhela esizibeni abanye bathi ibambeni abanye bathi iyekeni kwazi kwamandabane mzilinkathi indoda indoda eyakhwela emithini ngenyawo elilodwa