Jiyane,
Mpangazitha omhlophe,
Slokazi livico kawugezanga wabuya nensila emfuleni wathi ugezile kanti unyambisile,
Bantwini,
Mthonti,
Thembu,
Lutholoni,
Mdlenevu!
Mabunu clan praises
umlungu omnyama, abampund’ezincane engazingongiwe
umasoka,
mzimkhulu,
ntanzi ,
rhoyi kunene kwelizwe,
unkumbuzo zika mdladla, nzimane, nala mnandi obele lide lingang’elikabelelenyana, owancelisa umntwana engaphesheya komfula uthukela. isibhekuza esabhekuz’enkundleni kwa dadeboyise umntambose. izilila gazi abanye belil’nyembezi.amahomb’asezweni awangaphumi mhla ligquthayo, aphuma mhla linethayo umfazi onamanxeba ngasemva nje ngamadoda.cabisa, mbengeshe, incuncu ezimlomo emide ,abantwana abesaba ukunatha amanzi amadwala banatha amanzi eziziba ngoba besaba umlomo ukungqindeka.thotholo into `wakahina.co.za`.ezathi xa zizawuvela kwangen’inkalankal’endlini…umlambo oowelwa ziinkonjane kuphela,nazo kuba zibhabhela phezulu zaxa, mbokazi, mehl’embuzi, masingila, ngwenya.
Mcineka
Nkomo
Gwazela.
Mncinci.
Somtshiyosi!
Ntulikabongwa obongayo,
Gwazela ngokugwazela amanye amadoda owathi ukhomba inxeba
Wakhomba isidiya sempunzi kamfazi akashawa ngenduku ngoba induku iyabozisa,
kepha umfazi ushawa ngomucu!
Nkomo enkulu
Msimang clan names
nonkosi!
thabizolo,
muthwa,
nkomo eluthuli,
nodwala lakwanodumakazi,
abathwa abamzimbomuhle njengowosana,
kwangathi ngingawanga,
abaziqunjana zimbili,
esinye singenhla,
esinye singezantsi kwendlela,
abafunga unonkosi ngahawuka kwangathi nami ngingamfunga,
abanzipho zimnyama ngokuqhwebana,
usongo akamnci,
akamncinazana,
ehene iyanini mahlubi,
nihlabane ngezindlela zonke,
zonke,niyobikela abasemasimangweni,
ukuthi ubhedu lwaphukile,
amazala nkosi ngokuzala ubhungane,
ukhukho lomhlanganiso olwahlanganisa indlu yakwadlomo,
dlomo-dludlu kwabendlwana
Izithakazelo zakaShabane 😍 Shabane clan names
AbakaShabane abakaDwala kaPhingoshe kaSphaph’esihle kaLinda mkhonto uMkhont’usandulo Nolinda oCabaja kaMgoji oZebelibomve wen’Owabatshazwa yinyoka yathi”waze wamuhle weShabane”amaSom’amahle
Izithakazelo zakwa Mbokazi 😍 Mbokazi Clan Praises
Donda,
Nxele, Sontuli,
Lwandle aluwelwa,luwelwa zinkonjane,
Zona eziphapha phezul’emafini,
Phangela kobhongo, nakoqhoqhoqho,
Mlamulankunzi ngab’uziyekile, zabulalana,
Hlamukazi kaMdaka, umdaka usezintangeni,
Wen’owephul’umuth’uphekiwe endlini kaMantombase,
Wena kaPhangela, owaphangel’izinkomo zamadoda!
Izithakazelo Gamede
Dlamini Mntungwa Lokothwayo
Dlamini
Mtungwa
Lokothwayo
Ndlebe ezim’chewane
Nibahle nina bantwana benkosi!
Another used added the following:
Thina singo Dlamini, mntungwa Lokothwayo ndlebe ezimchewane nibahle bantwana benkosi ngathi izulu lihlomile mfazi omabel’amade ngokuncelisa ingane ngaphesheya komfula.
posted on izithakazelo.blog by Ndumiso Dlamini
Powered by WordPress & Theme by Anders Norén