clan names 💛 clan history 💯

izithakazelo

Category: Izibongo Page 23 of 31

Izithakazelo zakwaHlela Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Hlela

Madlula,
Kunene, Mphumela,
Maqeda kaNkani,kadabula iziziba,
Hangala,
Malakubuswa, Hlangakazi,
Nyongo yenyathi,
Mashiya amambi,
Nhlonhlonthi,
Ngcwingcwi Ezikhotha komude ngoba komfishane ziyagoba!

Izithakazelo zakwaHlophe Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Hlophe

Samela,
Thumbeza kamyeni,
Ntombi zenda ngonyezi,
Ezabafokazana zenda ngobumnyama,
Mahlekwana,
Nina enahlek’umuntu edlula ngendlela,
Dlezi!

Izithakazelo zakwaHlubi Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Hlubi

Dlamini,
Nkosi, Ludonga,
Mavuso!

Izithakazelo zakwaHlengwa Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Hlengwa

Mashasha,
Nongubo, Shingweni,
Mlebuka, Sijamane,
Dumakude, Mbuyisa,
Ncokela,
Mngcenge!

Izithakazelo zakwaHlatshwayo Clan Names Umlando

Hlatshwayo Clan Praises

Mhayise wakoLanga,
Ngwanya, Siyendana,
Cebisa kaMabhengeda,
Ugid’gogweni ovala emnyango ngamakhanda amadoda,
Mgogodlana,
Nina enanqoba ibuhto lakwaGob’izembe,
Ngele!

Izithakazelo zakwa Hlabisa Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Hlabisa

Ngotsha,
Mdinwa, Vilakazi,
Songiya, Somfula
Bulawayo!

Izithakazelo zakwa Hadebe Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Hadebe

Bhungane,
Bhungane kaNsele,
Zikode, Gob’izembe,
Makhulukhulu, Mehlomakhulu,
Umkhulu Bhungane,
Ziyengane eziyeng’umuntu, zimyenga ngendaba,
Mthimkhulu,
Mashiya amahle, amade anjengawenyamazane,
Mafuz’afulele njengelifu lemvula,
S’goloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kube sengathi siyamujamela,
Ndlubu zamil’ebubini, ngoba zesab’ukwehlela,
Ingab’emhlabeni zesabani?
Nina enindlebe zikhanya ilanga,
Nina enindlebe zinhle zombili,
Nina bosiba olude olungakhothami endlwaneni kodwa kwezinde luyakhothama,
Nina bomagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele,
Mahlubi amahle,
Nina maHlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana,
Mashwabadela owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo,
Ngelengele!

Izithakazelo zakwa Gwala Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Gwala

Mphephethwa
Nzimande
Khondlwane
Majiya
Khamanga
Mdlovu
Mantshinga
Ntimbane
Ngwede
Ngwevu
Jili
Ngwavuma
Sihlase
Vilakazi
Gcuma

Izithakazelo zakwa Gumbi Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa Gumbi

 

  • Skhende,
  • Jele,
  • Ngubo yengwe.
  • Somkhanda, wena owakhanda amadoda,
  • Wena ka-Mathumb’ayiphanyeke,
  • Ntongande, Mdakane,
  • Mehl’enkomo, Ntini,
  • Nozingelayo,
  • Ndandali,
  • Wena kaNgoni,
  • Mlotshwa!

Zikhona izikibha nama-jacket/hoodies akwa Gumbi :
Whatsapp / call: 061 868 5163

Izithakazelo zakwa Gumbi
Izithakazelo zakwa Gumbi

Izithakazelo zakwa Gumede Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Gumede

Mnguni,
Qwabe,
Mnguni kaYeyeye,
Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo,
Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba
Abathi “dluya kubeyethwe”,
Kanti bahlinza imbuzi,
Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni,
Sidika lolodaba,
Phakathwayo!
Wena kaMalandela,
Ngokulandel’ izinkomo zamadoda,
Amazala-nkosi lana!
Mpangazitha!

Page 23 of 31

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: