Izithakazelo zakwa-Masuku
Ndwandwe,
Zisongo,
Mkhatshwa,
Zwide kaLanga,
Nhlane,
Mthondo wethusi uyacwebezela,
Thunda bathole abafokazane,
Snqamu sobhedu,
Maphanjwa!
Mgano owamila emini ebusuku wawohloka,
Wena owaguda inkomo nethole layo,
Sihlahla esingahlalwa zinyoni,
Zwide KaLanga.
Unknown
BosoMaphunga SYABONGA Syaziqhenya ngomlando wokithi
Unknown
awuuuu NKABAYENKOSI!!!!!!M PROUD OF BEING A ZWIDE NATION!!!
Unknown
Mdwayi, Gabade'elihle. Wena kaMasuku onovalo njengempisi.Skhwece abasikhukhumeza maqede basinika ishungu logwayi sabhema.Wena kanjaninjani wasezikhubeni.
Unknown
Wena kaMabhili ongasekuya kwasomfunzwana.
masukucaven
Hawu kwaze kwangithinta kwamancani! Mbombotshi! Mthondo Wethusi! Malobola ngalo! Mamila Empankalini njengo msunu! hahahahahahaha Kwaze kwabe mnandi ukuba NguZikode!
Unknown
Ziyafana bafo inkakhulu ngokomlando, kodwa ngenxa yokwehlukana kwemindeni amanye amaqhawe akithi abefike azakhele udumo endawe ayakhele bese amaciko akuleyonxenye yezwe enezezela ezibongweni zawo uma bembonga noma bemhasha.
Suku
Umndeni wami udabuka e Piet Retief nase Swatini kodwa mina ngikhulele egoli. Ngithola ukuthi ubaba akazibizi zonke lezibongo. Ingabe amaswazi namazulu izibongo zabo ziyafana 100%.
Unknown
Mgano owamila emini ebusuku wawohloka,
Wena owaguda inkomo nethole layo,
Sihlahla esingahlalwa zinyoni,
Zwide KaLanga.
Unknown
Mgano owamila emini wawohloka ebusuku!
Wena owaguda inkomo nethole layo!
Masuku!