Izithakazelo zakwaNyembe
Ncamane,
Skhandisa samakhosi,
Thwala lomzimkhulu,
Mnyamande,
Mkhont’oduma njengezulu,
Ithala lomkhonto lisemaNyamandeni,
Nhlangothi zimanxebanxeba,
Wena kaMlamulankunzi ungaziyeki zibulalane,
Wena kaSiwela owawela umfula ngesilulu,
Mnyango kawuvalwa, uvalwa ngamakhand’amadoda,
Ntshivakazi engenampondo,
Bhijela wamaMbane,
Sakade kaGemane,
Gemane kaSiwela,
Nzilagazi!
Unknown
Ngifisa ukwazi umlando nengenvelaphi yabantu bakwaNtsele ngoba ngeke ngizwe abanye bethi samaHlubi manje ngiyadideka noma mhlambe ukwazi lwami luncane
Unknown
ulwazi nemvelaphi yomuntu ibalulekile kufanele siyivikele emvelaphi yethu ma africa ulusha luqhubeke ngo kuziqaja sebenolwazi uluthuthukile phambili ngokuxhumana ma africa nani boskhandia
Unknown
Sibonge ngolwa enisichathazela lona, kininonke ndlu kaZulu ngiyanicela futhi ngiyaninxusa qhubekani nokwazisa ngokubaluleka kokwzi'mvelaphi yakho, ningaphel'amandla. Ngiyabonga