Izithakazelo: Nyathi
Mbhense.
Mgwaba.
Nyath’eMnyama,ingaba mhlophe ifuze ekhaya koNina.
Bhensela.
Gwaba laZitha,
Nina enidla niGwabelan’abasezitheni,nabasekhaya.
Wena oweza ngomnyama,uNyezi ukhona.
Wena owakwa mlamla’Nkunzi,ezimashobashobane,ziyeke zibulalane eMnyama neBomvu.
Nina abakwaMweli,enawela ngothi phesheya koMfula uMzimvubu.
Nyath’eMnyama eJame ngomkhonto pheko mfula uMzimvubu.
Ahlehla amaMpondo ahlehlela kwababo.
Tag: Manyathi
Libafazi bedube inyama
Lesi simo sokukhuluma sichaza ukubanda nokuguqubala kwezulu
Umsuka: sonke siyaz kuth mangabe kunomcimbi komakhelwane kuyaye kuze omama basize ngokuqoba imifino nangokugeza inyama, manje mangabe kwakwenzeka loyo msebenzi uqondane nesimo sezulu esibandayo omama babebikelwa makumele bayosiza ngoba phela kuyabanda beth “uban nje ongagezana nenyama kubanda kanje”
izithakazelo zakwa Manyathi
Uma unolwazi ngezithakazelo zakwa Manyathi, zithumelae kule-email: [email protected]
Izithakazelo zakwa Manyathi
Uma unolwazi ngezithakazelo zakwa Manyathi, zithumelae kule-email: [email protected]