Tag: Mthiyane Page 3 of 5
Ukuhlangana nezimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili
Incazelo: ukuhlangabezana nobungozi noma ubunzima
#umsuka: izimbila zihlala emgedeni uma zithutha zisuke zixoshwa esinye isilwane sasendle esaziwa ngokuthiwa umdlambila…..mazithutha-ke emhlophe esuke ihamba phambili esingathi inkosi yazo lapho-ke, into ezike zahlangana nayo nje ziyayilwisa, zisuke zingesabi lutho ngoba zikholelwa ekthenini abukho obunye ubunzima obundlula lobu eziphuma kubo
Izithakazelo zakwa-Khanyile
Sothole,
S’tshopo,othi udl’inkomo kanti udl’impisi,
Umashaya umuntu aphindele lapho aphuma khona,
Odl’isinkwa esinothotho,
Mahamba kancane Sogodi,
Phondo olukhulu elavuma kwavuma amadoda,
Shalashala elihle elithukuvuma ukulandula,
Ntunjwa kaLanga,
Mthiyane,
Ndwandwe,
Zikode, Mabhuqa,
Ngwane,
ULanga ongenandlebe angaba nendlebe weza nonina,
Inhliziyo eyasala ezaleni kwasa bayicosha ngakusasa!
Mgenge Clan Praises
Izibongo zakwa Mgenge
Mlondo ,
mthiyane ,
nodungandaba,
qubuzankomo,
mthethwa,
zondo,
mlondo ngoku londoloza izintandane nabafelokazi,
wena owagengeleza umuzi ka dingiswayo inkosi yama nyambose.
Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu
Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu. Wadlala indima enkulu ngempi yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka, lapho uMpande ayeqhathe khona abantwana uCetshwayo no Mbuyazwe. UZibhebhu wesekela kakhulu umntwama uCetshwayo bayinqoba leyompi. Izinto zajika ngemuva kokunqoba kukaZulu abamhlophe empini yaseSandlwane, njengoba inkosi uCetshwayo yadingiselwa phesheya. Yabeka indodana yayo eyothatha ubukhosi ngemuva kwayo, umntwana uDinuzuluu kumfowabo uZibhebhu kaMaphitha. Indaba yoniwa ngomntwana uNdabuko kaMpande owayelamana nesilo uCetshwayo owanyundela uZibhebhu kumfowabo ethi ebehlupha umntwana emulusisa emusengisa futhi. Sase isilo simshalazela ke ngalokho uZibhebhu okwamenza wagadla kuqala kunenkosi yakhe uCetshwayo. Kulolo hlaselo lwaZibbhebhu kwafa izikhulu cishe zonke zakwaZulu,engingabala ezimbalwa zazo; uGodide kaNdlela, uSihayo wasemaQungebeni, uMbopha kaWolizibi wakwaHlabisa, uNtshingwayo kaMahole namadodana akhe amabili, haaa ngingabala ngifikephi na, cishe 79 eezikhulu ezasala enkundleni zijunywe uhlaselo likaZibhebhu kaMaphitha. Lokho kwadala inzondo phakathi kwaMandlakazi noSuthu okwenza ukuthi isilo uDinuzulu siphindiselele uyise kuZibhebhu.
Ubongwa kanje uZibhebhu, umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kusabe amagwala! Nani maSwazi yekani ufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ngowakithi eBhanganoma! Haaa inkosi kayiqedwa.
Izithakazelo zakwa Ngwenya
Mthiyane !
Ngwenya (Eswatini)
Bhambolunye,
Bayosala beziyolanisa,