meaning of names 💛 clan names 💯 history

izithakazelo

Tag: Mthiyane Page 3 of 5

Mthiyane Clan Names

mazwi
zondo
sokhulu
sikhangane
lunuvo
dlemudlemu

Izithakazelo zakwa Mthiyane Clan Names

Mthiyane Clan Praises

  • Mthiyane,
  • Zondo,
  • Nqoboka,
    • Skhangane,
    • Sokotshane,
    • Mzwili,
    • Sokhulu!
  • Ukuhlangana nezimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili

    Ukuhlangana nezimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili

    Incazelo: ukuhlangabezana nobungozi noma ubunzima

    #umsuka: izimbila zihlala emgedeni uma zithutha zisuke zixoshwa esinye isilwane sasendle esaziwa ngokuthiwa umdlambila…..mazithutha-ke emhlophe esuke ihamba phambili esingathi inkosi yazo lapho-ke, into ezike zahlangana nayo nje ziyayilwisa, zisuke zingesabi lutho ngoba zikholelwa ekthenini abukho obunye ubunzima obundlula lobu eziphuma kubo

    Izithakazelo zakwa Luvuno Clan Names

    Izithakazelo zakwa-Luvuno

    Malembe,
    Mthiyane, Cebisa,
    Dladlami, Makhaza, Mlotshwa,
    Ndawonde, Jele, Nhlapo,
    Khabela, Mchwechwe
    Madlamalala!

    Izithakazelo zakwa Khanyile Clan Names

    Izithakazelo zakwa-Khanyile

    Sothole,
    S’tshopo,othi udl’inkomo kanti udl’impisi,
    Umashaya umuntu aphindele lapho aphuma khona,
    Odl’isinkwa esinothotho,
    Mahamba kancane Sogodi,
    Phondo olukhulu elavuma kwavuma amadoda,
    Shalashala elihle elithukuvuma ukulandula,
    Ntunjwa kaLanga,
    Mthiyane,
    Ndwandwe,
    Zikode, Mabhuqa,
    Ngwane,
    ULanga ongenandlebe angaba nendlebe weza nonina,
    Inhliziyo eyasala ezaleni kwasa bayicosha ngakusasa!

    Izithakazelo zakwa Jele Clan Names

    Izithakazelo zakwa-Jele

    Nonyanda,
    Luvuno, Nguboyengwe,
    Gasa, Malembe,
    Mthiyane, Cebisa,
    Dladlami, Makhaza, Mlotshwa,
    Ndawonde, Nhlapo, Khabela, Sokhulu,
    Skhangane esakhang’amadoda
    Nkala, Vumisa,
    Mpandane!

    Mgenge Clan Praises 😍 Izibongo zakwa Mgenge

    Mgenge Clan Praises 😍 Izibongo zakwa Mgenge

    Mlondo ,
    mthiyane ,
    nodungandaba,
    qubuzankomo,
    mthethwa,
    zondo,
    mlondo ngoku londoloza izintandane nabafelokazi,
    wena owagengeleza umuzi ka dingiswayo inkosi yama nyambose.

    Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

    Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

    Image may contain: one or more people and outdoor

    Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu. Wadlala indima enkulu ngempi yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka, lapho uMpande ayeqhathe khona abantwana uCetshwayo no Mbuyazwe. UZibhebhu wesekela kakhulu umntwama uCetshwayo bayinqoba leyompi. Izinto zajika ngemuva kokunqoba kukaZulu abamhlophe empini yaseSandlwane, njengoba inkosi uCetshwayo yadingiselwa phesheya. Yabeka indodana yayo eyothatha ubukhosi ngemuva kwayo, umntwana uDinuzuluu kumfowabo uZibhebhu kaMaphitha. Indaba yoniwa ngomntwana uNdabuko kaMpande owayelamana nesilo uCetshwayo owanyundela uZibhebhu kumfowabo ethi ebehlupha umntwana emulusisa emusengisa futhi. Sase isilo simshalazela ke ngalokho uZibhebhu okwamenza wagadla kuqala kunenkosi yakhe uCetshwayo. Kulolo hlaselo lwaZibbhebhu kwafa izikhulu cishe zonke zakwaZulu,engingabala ezimbalwa zazo; uGodide kaNdlela, uSihayo wasemaQungebeni, uMbopha kaWolizibi wakwaHlabisa, uNtshingwayo kaMahole namadodana akhe amabili, haaa ngingabala ngifikephi na, cishe 79 eezikhulu ezasala enkundleni zijunywe uhlaselo likaZibhebhu kaMaphitha. Lokho kwadala inzondo phakathi kwaMandlakazi noSuthu okwenza ukuthi isilo uDinuzulu siphindiselele uyise kuZibhebhu.

    Ubongwa kanje uZibhebhu, umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kusabe amagwala! Nani maSwazi yekani ufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ngowakithi eBhanganoma! Haaa inkosi kayiqedwa.

    Izithakazelo zakwa Ngwenya Clan Names Umlando

    Izithakazelo zakwa Ngwenya

    Ngwenya
    Mtimande,
    Bhambolunye zingabambili zobe zifuze ekhaya konyoko
    Ngenela,
    Mthiyane !
    Abanye bazazi kanje: 

    Ngwenya (Eswatini)
    Mtimande,
    Kota,
    Bhambolunye,
    Mabuya engasabuyi ayobuya emangwananeni,
    Nungunde,
    Wakhothe,
    Bayosala beziyolanisa,
    Mabhodla amanzi abantukazana bebhodlutshwala,
    Vusumuzi ngikuvusa uMadonsela aqhamuka esedonsa uKunene noShongwe,
    Gamandze!

    Izithakazelo zakwaMhlungu Clan Names Umlando

    Mhlungu Surname

    Mthiyane,
    Masingasilele,
    Mwelase,
    Nina eningaweli ngezibuko eniwela ngezimpambosi zomfula,
    Ngwane!!!

    Page 3 of 5

    Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

    error: