clan names πŸ’› clan history πŸ’―

izithakazelo

Category: Izibongo Page 20 of 31

Izithakazelo zakwa Luthuli Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Luthuli

Mshibe,
Madlanduna,
Abadl’insikazi belambile,
Ngoze ngikwenze owangenza khona,
Nina eningawadl’amasi ningawanikiwe,
Nesab’amas’ehla ngendololwane,
Nina bakwaMashiza,
Ndlwan’enhle,
Sigencagenca mbaz’ebukhali,
Malal’aqhamuke ngezansi,
Zingwazi ezidla inyama abanye bedl’inyamazane,
Mavel’enkomeni abanye bevel’ebantwini,
Luthuli lwezinkomo,
Mshibe kaNonopha,
Mshibe kaMakhiph’inj’efukwini kuzalele yena,
Donda

Izithakazelo zakwa Luvuno Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Luvuno

Malembe,
Mthiyane, Cebisa,
Dladlami, Makhaza, Mlotshwa,
Ndawonde, Jele, Nhlapo,
Khabela, Mchwechwe
Madlamalala!

Izithakazelo zakwaLembede Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Lembede

Ndima,
Bayeni,
Sibhuzi esimqala!

Izithakazelo zakwaLanga Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Langa

Sothole,
Sodumase,
Madevu aqgabul’inkomishi,
Phokophalala mnikolusha ngoba oludala lumbangela isilungulelo,
Shiy’abantu,
Nyongo yendlovu,
Madl’umlenze adele isidumbu,
Madubandlela,
Ngwane,
Mcwayi,
Gubhazi, Mlindeli,
Somaphunga,
Mdlaka!

Izithakazelo zakwa Khwela Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Khwela

Ndulini,
Mgabhazi,
Sicubu kasosiwa, wasosa uyosihlawula!

Izithakazelo zakwa Kubheka Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Kubheka

Khathide,
Masobode,
Wena owasobodela udlubu nokhasi,
Mgwaqo awedlul’esibayeni, ngoba kuvalwe ngamakhanda amadoda,
Mbend’ebomvu enjengetolwane,
Boya obuningi obungangenyathi,
Mbokod’ebomvu kaMagayiza esunduza abeSuthu namaNdebele,
Sicabha esihle esakhothwa izinyoni zakwaKhathide,
Sombheshane,
Makhunga, wena owakhunga izimbila emgedeni, zaphuma zingenamisila,
Nanamuhla azinawo umsila ngesimanga sikaMaKhunga,
Ndolwane,
Magonondo!

Izithakazelo zakwa Kweyama Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Kweyama

Vezi,
Mnembe,
Mgabadeli,
Wena owawela ngezibul’elikhulu elawela amakhosi!

Izithakazelo zakwaKunene Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Kunene

Madonsela,
Mtimande,
Lubambo lunye,
zingaba mbil’ufuz’ekhabonina,
Masango makhulu nawabantu nawezinkomo,
Nina bakwa Malambule,
Okwathi uMalambule ebanga noMswazi nathi, “Malambule phambili”!

Izithakazelo zakwaKhumbuza Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Khumbuza

Ndosi,
Nombedu,
Nkomo kayivuswa,
Nkom’isengwa ilele,
Wayisenga imile iyakhahlela,
Squnga esihle esingahlalwa nyoni,
Siqunga esizalela amasakabula
Mkhokheleli owakhokhela isizwe ekugqilazweni,
Dubandlela!
Vico akagezanga,
Obuye nensil’emfuleni,
Ngob’ethembe ukugeza ngobisi,
Magaye ongangolwandle!

Izithakazelo zakwaKhuluse Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Khuluse

Hlongwa,
Gabhise,
Mtumaseni, Khawula,
Mdindela!

Page 20 of 31

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: