clan names 💛 clan history 💯

izithakazelo

Category: Izibongo Page 22 of 31

Izithakazelo zakwaKhanyile Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Khanyile

Sothole,
S’tshopo,othi udl’inkomo kanti udl’impisi,
Umashaya umuntu aphindele lapho aphuma khona,
Odl’isinkwa esinothotho,
Mahamba kancane Sogodi,
Phondo olukhulu elavuma kwavuma amadoda,
Shalashala elihle elithukuvuma ukulandula,
Ntunjwa kaLanga,
Mthiyane,
Ndwandwe,
Zikode, Mabhuqa,
Ngwane,
ULanga ongenandlebe angaba nendlebe weza nonina,
Inhliziyo eyasala ezaleni kwasa bayicosha ngakusasa!

Izithakazelo ZakwaJali 😍 Jali Clan Names Umlando

Izithakazelo Zakwa-Jali 😍 Jali Clan Names
Sjongo,

Phumela,

Ngcolosi,

Mpemvu,

Mlomunendaba,

Mmemezi ka Hlangabeza !!

Abanye bazikhumbula kanje:

Jali,
Ngwane,
Bhengu,
Mthimude kaceyane,
Shongololo ngabe siyalidla sesaba imiletelete,
Hlangabeza,
Mepho,
Sjongo wena owabona ngeSondo ukuthi iyamazane iwelile,
Dlabazane sambula nkungu kuvele ilanga wenakaNgqatha ziyazukana ubuqathaqatha ukunya kwenjendala okwakungayi amachalaha kwakungoBhova !!

Abanye bathihaya kanje:

Jali!!
Mbenyezkrakra njengetshongwe,
Mgwaqu mpukwenkone Evele ngomgca engceni,
Mhlanuvevele, Hlomendlini abanye behlomaphandle Ilanga Libalele, Mdli, Nomachide…

Umlando wakwaJali | Jali Clan History:

Cindezela lapha ukulalela umlando wabakwaJali

Click here to SEE MORE results for related to this surname

Izithakazelo zakwaJama Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Jama

Dlamini,
Mzizi,
Jama Ka Sijadu
Nomane, Mtikitiki,
Cubungulashe,
Ndabazamthethwa, Nsukunsuku,
Ntabuyanyuka, Sandluluba,
Nkosi!

Izithakazelo zakwaJamile Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Jamile

Nsele,
Nkamzwayo,
Mehloluhlaza!

Izithakazelo zakwaJele Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Jele

Nonyanda,
Luvuno, Nguboyengwe,
Gasa, Malembe,
Mthiyane, Cebisa,
Dladlami, Makhaza, Mlotshwa,
Ndawonde, Nhlapo, Khabela, Sokhulu,
Skhangane esakhang’amadoda
Nkala, Vumisa,
Mpandane!

Izithakazelo zakwaJili Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Jili

Masengwa,
Qabase ,Vilakazi,
Mphephethwa,
Nkom’esengw’ilele ngoba uma imile iyakhaba,
Nomjoli, Binda,
Ntombi engaqomi kwaJili iyogana impaka nesikhova,
Gqagqangene!

Izithakazelo zakwaJiyane Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Jiyane

Mkhathini,
Magolwane, Zikode,
Mzilankatha,
Phangela koqhoqhoqho,
Mashishwana,
Mbopha kaSthayi,
Gome kamshebe,
Mandlazi othab’izolo,
Mahlinza!

Izithakazelo zakwaHlomuka Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Hlomuka

Ngidi,
Bophela,Busane
Fuyane, Mazinga,
Mlalazi kaNoxhaka,
Laka lathengwa ngembuzi,
Imbuzi kwakungeyempongo,
Wena bhaka laseMakhasi,
Wena nyoka zakhwela emthini zingenanyawo,
Wena nkomo zehla ngelengiso estikini,
Wen’okandunu mabukwa yombili abasezitheni nabasekhaya,
Dlokwe lendlovu,
Jiji Mankononkono,
Geza ngenhla abafokazana begeza ngezansi,
Mnguni!

Izithakazelo zakwaHlongwa Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Hlongwa

Khuluse,
Gence, Shozi,
Gabhisa, Mtumasela,
Langa, Mbasha,
Wena owehla ngomzungulu wasala wabola,
Khawula!

Izithakazelo zakwaHlongwane Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Hlongwane

Ngwane,
Masumpa,
Masenga sileka,
Nduku Zinobulongwe,
Zikhali ezingalingani nezamaxhegwana,
Nina bakaSangweni elingawelwa abafokazana liwelwa izinkonjane zasemaNgwaneni,
Sang’elibanzi elingavulwa abantukazana ngoba livalwe ngezihlangu zamadoda,
Nina bakaMatiwane,
Abaqhobosha ithole elintanga zimashumi,
Ligwalagwala lakithi elimadolo abomvu!

Page 22 of 31

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: