Sinanatelo saka Mabilaย
Mabila,
Solani,
Mkomati,
Limisa,
Wena lowalimisa ngenkhomo, ngoba tjwala buphuta kubila enguleni.
Wena lowaSola indzaba emadvodzeni,
Mahhomane , Sibongwesihle. Mkomati.
Category: Surname meaning & origin Page 21 of 789
Hey Admin
I’m Xhosa and my surname is Majova in amaxhosa tribal groups my clan names aren’t included and I’d love to know them I know a few ,Gaba Bhisha, Xhondlovu
Guest reply:
OoMajova into zika Bhisha zika Xhelindlovu ngamaNtambo oMvundlโ olubhelu bathi nguNyawana zincinane oku kwe bhlayi letolofiya, Gantsa, Gigaba ngamaZotsho lawo kodwa singengawo amaZotsho omgquba sabufumana eluhambeni ubuzotsho mhla sawela umlambo iZotsha sayoma eNkumbini namaVundle namaZotsho namaWushe.
UMajova uzala uBomvana inkulu, uMevana uMbasa, uDakada noSiwaphi.
UMajova ehamba nomntakwabo uSikhova bafika bema eGarnerโs drift eTsomo ngo 1827 uSikhova wahamba wayoma noMhluzi eMawusheni
Izithakazelo zakwa Sacolo
Ndabukelwayo!
Mavavemvula, bhubhu landaba!
Nyandeni waLanga,
Wena owedada labhula amanzi ngezimpiko! wena owebuhlalu abuhlangani kodwa kadade wabo buyahlangana!
Wena wentaba ezimbili ezingendelani iNtondozi neNtungula!
Laba bantu bakwaNtshilibe kuthiwa baphuma esizweni soSuthu okuthiwa amaKwena. Uma silandela umkhondo wesizwe samaKwena okuphuma kuso isizwe samaNtshilibe. UKwena wazala uKhabo I endlini yokuqala, kwathi kowesibili wazala uNgwato, kwathi kowesithathu wazala uNgwaketsi. Emzini kaKhabo ngazala uMasilo wesibili; UMasilo II wazala uNapo; UNapo wazala uMotebang endlini yokuqala, uLisema kweyesibili, kwathi owesithathu wazala uMolapo.
Kukulezi zindlu ezintathu zikaNapo lapho kuqhamuke khona izizwe zamaKwena: Monaheng; Ababungazi; Amakhosi; amaKgwakgwa; amaChows; Izinkampani; abakwaModibedi.
Isizwe samaNtshilibe sadabuka ngaseZambezi. Saqala sayobusa emaMpondo sabe sesisuka lapho saya kumaXhosa. Ngoba amaXhosa namaMpondo yizizwe ezazibusa ngaleso sikhathi sakudala. Isizwe samaNtshilibe sake salwa nesizwe sabaThembu, uZondwa inkosi yabaThembu kuthiwa wabulawa yilesi sizwe.
Ngngwangi, S.K. Encwadini yakhe ethi, “Emqwashini” ulandisa ngemvelaphi yamaNtshilibe: “AmaKwena kaTiya ayehlala emfuleni iCaledon obizwa ngokuthi uMrhugwane ngesiXhosa. Bafulathele iLusuthu ngenxa yezimpi zokubuyiselwa umhlaba. Bawela izintaba zasoLundi, bawela eMpondoni, basebenza iminyaka eminingi.
Bafike kwaGcaleka besuka eMpondoni. Basuka emaMpondo bakhokhelwa abazukulu bakaTiya uMvelase noBhanqo. Bawela eyabaThembu, bebuka uMbashe, beqhuba imihlambi yezinkomo zabo; uma bebona abaThembu kwaluma amakhwapha. AbakwaBhanqo bavikela izinkomo zabo. Empini yabo nabaThembu, kwafika amaNgqotsini kaMjobi;
bahlangana babhodloza ngesasasa kwasala inkosi yabaThembu uNdaba. Baqhubeka ngalendlela oBhanqo noNgqozini baze bawela uMbhashe balala ngale ngoba kwase kuhlwile. Babasa umlilo bapheke. Futhi balandela abaThembu; ngoba abakwaBhanqo bezwe bememeza bethi: “Nina zingwenya?”
Yabuya impendulo: “Cha, singamaNtshilibe.” Laba oNtshilibe inqobo nje uma bengoBhanqo.
Bathe befika enhlokodolobha yaseKhwata bamukelwa banikezwa izindawo. AmaNtshilibe namuhla athathwa njengamaXhosa. Baningi ePesheya naseNeno eNciba, eSikweiya kwaQhayi, eNkontso eDushane. Asisona isizwe esihloniphekile ngisho maphakathi nezigodi zaseXhoseni. Zibizwa uma zithuthwa: Bhanqo, Nondize, Langa, Khawuta, Tshiwo, Phalo, Malangana, Mdumane, Bobese, Ncancase, Ntshontso, Ndlondho Gqabantshi, Zika Sarhili, Zikaleka, Zika, Zika Ngwelashe, Zika Bhadula, Mvelase, Zikajukutyya. Enyameni, enyameni ngamehlo, Khuluma nomfowethu, umfowethu ungifuna ngaphesheya, Khuluma nami, ngimi nawe, Uma uyigwala, hamba endodeni, Uyokhokha isikweletu ngoba. Ngingumfowenu angikwazi ukuziyela ngidinga usizo, Khuluma, ngizofika, Kusho uMhlengikazi uma sekwenziwa!
Lona ngumbuzo obalulekile kubantu banamuhla uma bezwa ngomlando
Yama Mvulane ithi: Sibaluleke ngani lesi sibongo? Kungani kufanele umuntu abe nomkhaya?
Noma, kungani umuntu kufanele azi umndeni wakhe? Nansi impendulo: Izizwe zibaluleke kakhulu kuBuntu ngoba ziyindlela yokuthola imvelaphi yakho, ukuthi ungubani nokuthi obani izihlobo zakho ngegazi, nokuthi izihlobo zakho zingobani. Yake yakhala indoda ihleli yodwa nesithandwa sayo kwelinye lamazwe ashibhile, izwe limjikela lathi angazi mina nawe sihlobene kuphi ngoba vele sisodwa! Uma silandela umndeni wesizwe sakwaXhosa amaXhosa anezinto ezibonwa ngumuntu wesizwe sawo, yilezi: izinwele, isandla, unyawo, uzwane, izinzipho, umunwe, isithupha, inkaba, negazi. umXhosa uthi: Izinwele lezi noma ngabe izinto ziyafana nezomndeni.
Ngithe uma ngikhuluma ngaye kwavele kwanqunywa phakathi kodwa ngimazi nje umzala wami waseQonce. Abangane beqiniso bahlobene ngegazi.
Ngithe ngiqala nje ukukhuluma ngawe ngezwa egazini, ngezwa ukuthi muhle, kunento ethi angikhulume nawe, kodwa ungumuntu walapha eQocweni ngempela. Ngiyakubona ngomunwe ukuthi ungowakwaMzudumi. UMzudumile umzala wami, lezinzwane zivulekile, leminwe emifishane ikwenza kube nguwe ohleziyo. Ngathi ngibona insizwa yaseNcotshweni, isho kanjalo imamatheka yakhe. Kou, ufihla umhlaba! Lesi sandla, leminwe emide, isithupha lesi esigwegwile, lezi zinzipho, yizo ezingenza ngizizwe sengathi ungowakwaZangweni Mlungisi.
Stshane Clan Names | Stshane Surnameย
Godloza,
Stshane sika Ndaba,
Mvundlane,
Maphephelentsheni owathi itshe liyomsibekela kanti liyomqoba,
Buhlali abulingani bulingana udadewabo unozibiko biko,
Mlungu omnyama ngenkani omhlophe ngenhliziyo,
Mkhandi wezi nsimbi,
MAKHOMBOTHI !!
Abakwa Mbotho ngapha e south coast e Harding abanye baziwa ngo Mdleko okuyiso isithakazelo sakwa Mbotho. Ebengikufisa ukuthi uMdleko angene emlandweni wezithakazelo zakwa Mbotho.
Izibongo eziphuma kwaMncube
NguMlotshwa,
Khambule, Khubisa, Dludlu noSibisi.
OSibisi kodwa bonabagcine sebephuma kuMlotshwa. Kanjalo uDludlu noKhubisa baphuma sebephuma kuKhambule.
Ake sibelamanise abakwaNcube\Mncube:
UNcube wazala uMzilankatha yena wazala
UMlotshwa owazala UMthombeni yena wazala uSiyobi owazala
uMadluya,
Mbovana,Khambule.
UMadlozi wazala uNdaba yena wazala
uNgonyama owazala uSogejana noMaguya (Mankomboya), Usogejana wazala Nonkatha
owazala uSomhlola noMapholoba.
UNonkatha wazala Mkosi owazala u-Jeremiah.
UMapholoba wazala uMaxhibana owazala
UMeveni noGunda. UMeveni wazala uHunu ozala inkosazana yakhe okunguSindisiwe,
ngu-Zachariah, ngu Busisiwe, nguTim, nguJabulan, uMsawenkosi kanye noSibusiso.
UMaguya (Mankomboya) wazala
uZinsongo noMkhatshwa. UMkhatshwa wazala uNdumeya no Maphofu. UMaphofu wazala Nyanda yena
wazala uNkiyankiya.
Indlu yaseSlutshana
UMbovana owazala uMaweni owazala uMgombane
owazala uMsimbu-yena wazala uFelani (owabusa isikhathi esincane washeshe
wakhothama) yena wazala uHlangabeza- ozala iNkosi uNkanyiso osabanjelwe ngunina
uNdlunkulu uHlelaphi (2009).
Abantu bakwaKhambule nabakwaKhubisa
Abantu bakwaKhambule baphuma kwaNcube.
Eqinisweni uKhambule bekuyithakazelo be kuthi uNcube kube isibongo. Kodwa uzalo
lukaKhambule owabe engumnawabo kaMadlozi bezalwa naye nguSiyobi
kaMthombeni kaMlotshwa kaMzilankatha
kaNcube lona lwanquma ukusenzisa igama lakhe njengesibongo.
Kwase kuba ukuvela kwesibongo sakwaKhambule. UKhambule lona ngenkathi inkosana yakwabo okwabe kunguMadlozi isithuthele kwaZulu lapho yase izitholele khona izwe esizweni sakwaMthethwa yena wavele wacela uyise ukuba amabele ifa okungelakhe.
Kwaba ukulithola wathutha ezintabeni zondi walibhekisa ezansi kwelamXhosa, wafikela endaweni eligwdule eyabe inesomiso, Izinkomo zafa zaphela indlala. Wanquma ukubuyela kuyise eyocela ezinye futhi izinkomo, nebala wafike wamnika futhi. Nazo zafike zafa zonke kuleyandawo
ayakhe kuyo.
Wathi uma esebuyela isithathu manje uyocela futhi kiyise wakhuza wababaza manje athi awu kanti wena usunguKhubisa ke wase ephuma eseyokwakha umuzi wakwaKhubisa. Kodwa wabadonsa ngendlebe ukuthi baze bengaganana nabantu bakwaNcube ngoba basengabantu abababodwa. Wabatshela ukuthi uma beke baganana bayozala izilima.
Uzalo lwakhe lwehlukana phakathi kwaba
khona oluzibiza ngoKhubisa kanti olunye lona lwazibiza nogKhambule. Lapha kuKhambule kubuye kuphune abantu bakwaDludlu abangahlobene noDludlu Ndanisa.
Laba babizwa ngoDldlu okwabe kuyindodana kaKhambule. LoDludlu wazala amadodana akhe alishumi nayedume ngoba iziqhwaga.
Uzalo lukaDludlu njengamanje lutholakala laphaya oGwini ko ezindaweni ezakhele ie Portshepstone. Abanye abantu bakwaKhambule sibathola bona sebakhe laphaya eSwazini.
Bayisizwe impela esiningi kuleliya likaMswati. Bafike kuleliyazwe beholwa nguMlambo kaKhambule.
Ngenkathi labantu bakwaKhambule beya eSwazini babehambisana nomhlobo wabo okwabe kunguShalibebe owabe ezalwa nguNgonyama kaNdaba kaMadlozi waseMancubeni owayesuke lena eDukuduku.
Ngenkathi befika eSwazini bafike kubusa Ingwenyama uNdungunya ongakaze abemukele ezweni lakhe. Babaleka bakhumbula ukubuyela kuleli likaMthiya.
Isenzo sikaNdungunya sabaphatha kabi lababantu. Bamfanisa nemfolozi emnyana eyayibemukisa nezingodo.
Bathi uma befika kuleli bahamba phakathi ngoba abanye basuka bayokwakha laphaya eMpolweni okungumfudlana osenyakathi nomfula uMngeni. Belapho babehlala becabanga ngesenzo senkosi uNdungunya owabaxosha kabi ezweni lakhe. Belapho sithola inkosi yabo kunguMpambani (Mbusi) kaMbozane kaLubombo.
Ake sibelamanise oKhambule:
UKhambule wazala uMlambo yena wazala
uLubombo owazala Mbozane yena wazala Mpambani( Mbusi)
ABAKWAMLOTSHWA
Abanye abantu bakwaNcube banquma ukuzibiza
ngoMlotshwa okungenye yamakhosi akhona amadalal. UMlotshwa wabe eyindodana
kaMzilankatha kaNcube. Nakuba UMlotshwa lona kwaNcube esebenza njenesithakazelo kodwa abanye bendlu yakhe uMlotshwa bagcina sebemsebenzisa njengesibongo.
Abantu bakwaMlotshwa sibathola ekusukeni nabantu basemaMbatheni ababakhe kwaHlazakazi kanye nabakwaMthembu. Kubo lababantu kube sekuphuma abantu baseZibisini zakwaButhela, ezimlomโ ubomvu nabantwana bazo, Izibisi zakwaSikiti sengimpongo yembuzi, kunabanye abantu bakwaMlotshwa abazibiza ngokuthi bangabakwaNkabini.
Mfingwana
khanyayo
MaQeda