- Sikhakhane, mboma kamqhele, mathula kanaka, nzimase, sdwaba esinembobo!
- wena sango elingezantsi, lapho besa khona imilomo!
- wena owangena nesikhuni emanzini sivutha, waphuma naso sivutha!
- wena kamboma os’hlahla samila edwaleni!
- wena kasoqhafuza, umlung’ odla izinkobe!
- wena nyoka eyacaca emthini ingenazinyawo!
- inkomo esengelwa emeveni ngoba wayisengela ethungeni, iyalikhahlela!
- wena okhishwa ngenoni emgodini!
- wena ophatha amakhosi uma esedukuzela!
- wena owahlabana ngokwehlula izinyanga nezanuse!
- wasuka lapho waxhoshiswa ngokasenzangakhona, ngezinkomo zekhethelo!
- wakhushulwa, awabanankosi, ngoba inkosi yakho kungunodumehlezi kamenzi!
- mboma, wena wase nkandla!!
Leave a Reply