clan names ๐Ÿ’› clan history ๐Ÿ’ฏ

izithakazelo

Tag: Mpangazitha

Gedeza:

  • Mnyandu,
  • Nongalaza,
  • Mpangazitha,
  • Mngunyana,
  • Mphankomo,
  • Nyanda yemikhonto, Nondela..

Ngwenya

  • Madonsela,
  • Mtimande,
  • Kunene

Macambi
Mathaba, Cambi

Vilakazi

  • Mphephethwa,
  • Mahamba,
  • Sidlodlo,
  • Ndabandaba,
  • Binda,
  • Gama
    JILI:
  • Vilakazi,
  • Masengwa,
  • Singawoti,
  • Hlabangane,
  • Mnqonywa,
  • Mnyayi.
    GWALA:
  • Majiya,
  • Khamanga,
  • Khondlwane,
  • Mdlovu,
  • Matshinga,
  • Ngwevu,
  • Ngwavuma,
  • Sihlase,
  • Mphephwethwa.

Mncube Clan Names & History

Izithakazelo zakwaMncube

Khambule,
Mzilankatha,
Inkatha kayingen’endlini,
Yangena kubola izinkaba zabantwana,
Nina bakaNkomo zilal’uwaca,
Ezamadojeyana zilal’amankengana,
Mlotshwa,
Malandel’ilanga umaliyoshon’emaNcubeni,
Mpangazitha, Magasolo,
Nina basebuhlen’obungangcakazi,
Abadl’embeleni wenkomo kungafanele,
Kwakufanel’udliwe ngabalandakazi,
Nina bakaDambuza Mthabathe,
Nina basemaNcubeni enabalekel’uShaka naziphons’emfuleni,
Kwakhuz’abantu benifihla,
naphenduk’ abakaKhambule,
Nafik’ eSwazini naphenduk’uNkambule,
Msuthu,
Mncube onsundu ngezinyawo zakho,
Wen’oyithath’iNkosi uyibek’enhlabelweni,
Nina baseSilutshana,
Nin’enakhelana noMbunda,
Nina bakaMaweni,
Nzimande,
Mncaphayi, Shezi,
Malangatsha!

>> Lalela umlando wakwa Mncube <<

Izithakazelo zakwa Gabela Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Gabela

  • Mkhondo,
  • Mpangazitha,
  • Mahlasela,
  • Vezi kanoNene,
  • Uvezi akangakanani ngoba nasentendeni yesandla uyenela,
  • Zikhundl`ezimbili, esokulala nesokuthamela,
  • Nina bakonkomo zeza nomungu njengamabele,
  • Maqomboli kakhohlwa zindlela abadala zibakhohliwe,
  • Wena wakasilengela ntabeni engakhe ntabeni,
  • Nsele kaLinda mkhonto!

Page 5 of 5

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: