clan names 💛 clan history 💯

izithakazelo

Category: Izibongo Page 19 of 31

Izithakazelo zakwa Ndlovu Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwaNdlovu

Gatsheni,
Boya benyathi, obusonga busombuluka,
Mpongo kaZingelwayo,
Nina bakwaNdlovuzidl’ekhaya, ngokweswel’abelusi,
Zaze zeluswa intombi uDemazane,
Nina bakwaKhumbul’amagwala,
Nina bakwaDemazane Ntombazana,
Nina bakwaS’hlangu sihle,
Mthiyane,
Ngokuthiy’amadoda emazibukweni,
Nina bakwaMdubusi!
Continue reading>>

Izithakazelo Zakwa Tembe Clan Names Umlando

Izithakazelo Zakwa-Tembe

Mthonga!
Tembe
Mlawu, Ngolanyama
Khamangathi, Khamel’abahloti
Mlawu wantshenga!
Nyomfi wandawu
Kabahlomeli
Hlomela hlomela
Adingi omnyama!
Kameli bahluthi
Ngwanase
uMsongi wensimbi!
Noziyingili

Izithakazelo Zakwa Thwala Clan Names Umlando

Izithakazelo Zakwa-Thwala

Thwala!
Msani!
Mtimande, Kunene, Majoka, Nxaba, Mbhekane, Madluvalo, Mthantathwa, Mnguni, Nonqewu,
Mgobhozi, Ntetha, Vangisa,
Mvuna, Mageza Ngobisi…
Mqadi
Mbuyisa, Hlobose, Nobela,
Sosingathi, Jakaja…
Mpofana
Ntombela, Zulu…
Mpanza
Thabekhulu, Sandanezwe, Nongalo,
Mavundla, Siwela, Dubandlela,
Soyikasi, Mzingane, Donda…
Motha
Mvulane, Nyamande, Thwala

Izithakazelo zakwa Xulu Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Xulu

Makhathini,
Gxabhashe,
Donda wasEnkweleni,
Khuhla phansi njenge khowandlovu,
Ntulikabongwa ubonga yena uzona umlomo,
Wena owashaya phansi kwavela abantu nezinkomo,
Sonkophe,
Sombizi!

>> Imvelaphi yakwa Xulu | Xulu history <<

Izithakazelo zakwa Ziqubu Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Ziqubu

Khathini,
Biyase,
Ngonyama yenduna,
Luphondo!

>> Nazi izithakazelo eziphelele <<

Izithakazelo zakwa Zondi Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa Zondi

  • Nondaba,
  • Gagashe,
  • Mancinza,
  • Nhlab’shile Luqa,
  • Bhambatha,
  • uMancinza intombi yabuyela esokeni!

Izithakazelo zakwa Zuma Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Zuma

Nxamalala,
Mdlovu,
Mafahleni,
Nina baka Lugaju kaMatomela KaShisa,
Mashingizela ashiye impi yakhe,
Dwala elibushelelezi,
Maphum’ephethe inyama ngala, amasi ngapha nobukhosi amasi ngapha nobukhosi phambili!

>> Umlando wakwa Zuma <<

Izithakazelo zakwa Zulu Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Zulu

Ndabezitha,
Zulu kaMalandela ngokulandela izinkomo zamadoda,
Zulu omnyama ondlela zimhlophe,
Wena kaPhunga noMageba,
Wena kaMjokwane kaNdaba,
Wena wenkayishana kaMenzi eyaphuza umlaza ngameva,
S’thuli sikaNdaba,
S’thuli sikaNkombane,
Wena kasihhawuhhawu siyinkondlo bayikhuzile ngoba ikhuzwe abaphansi nabaphezulu,
Wena kanogwaja omuhle ngomlenze,
Wena kaMbambelashoba,
Ndabezitha!

Zikhona izikibha – nawe thola esakho: 061 868 5163

Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Zulu – fonela nome Whatsapp le nombolo: 061 868 5163 wenze i-oda lakho!

Izithakazelo zakwa Zungu Gwabini Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Zungu

Gwabini,
Manzini, Geda,
Ncwane, ngankomo yaseMahenyeni,
Nyama kayishi, isha ngababhebhezeli,
Wena owaphuma ngenoni emgodini,
Sengwayo!

>> Umlando wakwa Zungu <<

Izithakazelo zakwa Zondo Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Zondo

Mthiyane,
Sokhulu, Nqoboka,
Mnguni kaManekwane,
Skhangane esakhanga amadoda
Luvuno, Sokotshane
Mzwili!

Nawu umlando wabakwaZondo

Page 19 of 31

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: