Want a t-shirt or hoodie with your clans? click here to see pictures

Thabizolo,
Nonkosi,
Muthwa,
Nkomo eluthuli,
Pembe kaLokothwayo,
Sengama ka Jozi,
Nodwala lakwa Nodumakazi,
Abathwa abamzimb’omuhle njengo wosana ongathi ngingawanga, Abasikhumb’ esibushelelezi,
Abaziqunjana zimbili esinye singenhla esinye singenzansi kwendlela, Abafunga uNonkosi ngahawuka kwangathi nami ngingamfunga,
Abazi nzipho zimnyama ngokuqhwebana,
Sishange sika Mlotshwa,
uSongo akamnci okamcinizana,
Iyanini MaHlubi nihlabeni ngezindlela zonke niyobikela abase Masimangweni ukuthi ubhedu lwaphukile,
Amazala nkosi ngokuzala uBhungane,
uMdidwa zindlubu ezamila eMthondweni,
uShwamisa ukhukho lomhlanganiso olwahlanganisa indlu yakwa Dlomo, Dlomo dludlu kwabendlwana,
Wena kaSengama owangamela imizi yaba Fokazane ngeJozi,
Wena owehla ngesilulu abafokazane behla ngezinyawo/ngomcacambane, Nina enama ngensimu yase MaNtshalini yaphenduka imfaba,
Amadlela phezulu ngenxa yokusaba amanyala, uGembe uNkonka weFusi, Mathanjeni !


More information is available on our YouTube channel