izithakazelo

clan names πŸ’› clan history πŸ’―

izithakazelo

Izithakazelo zakwa Phenyane clan names & History

Mboma kamqhele,
ndayiya ongena ngezitho ekhaya abanye bengena ngemcondo,
mvovo, makhanda alukhuni ngabe ayethambile ngabe ayachoboka, mpangazitha, wena kasiyobi !!

Izithakazelo zakwa Poswa

POSWA
O DONSA
O SHEMBE
O DLUDLU
O DLABATHI
O NYATHI NYATHIKAZI !!

Mpofana Clan Names & History

Mpofana Clan Names

Mpofana,
Zulu,
Ntombela,
Ngxanyana,
Toni,
Malandela owalandelwa intombi ithi ngizeke,
Hlahlalibobo,
Sthuli sikaNdaba,
Sthuli sikaNkombane,
Sthuli samakhosi,
Nina bakaMashikizela ashiye impi yakhe,
Nsingizi ebika izulu ukuduma,
Ningayithinti leyonyoni [endiza*] ezulwini, mhla nayi thina konyakaza itheku kunyakaze ulwandle,
Nina bakampondo zamila kabi ngoba zamila enjeni ukube zamila enkomeni sasothola amashungu kagwayi sibheme,

Ndabezitha,
INkosi kayiqedwa !!!

Admin notes: *this word needs confirmation

Izithakazelo zakwa Mpanza Clan & History

Mpanza,
Thabekhulu,
Sandanezwe,
Nongalo,
Donda,
Siwele,
Mavundla,
Mwelase,
Dubandlela,
Soyikazi!

Jangase Clan names

Jangase, scubu, mageza, mbambo!

Mbambo clans & History

Mbambo clans

Mbambo, Nyambose, Mthethwa, Mageza ngobisi amanzi engekho esigubhini!

Izithakazelo zakwa Langa clan names & History

β˜€οΈLanga🌞
Mkhatshwa,
abakhatshwa ngezinde nezimfushane,
Sothondose,
Gcwabe kazihlandla,
Nkabanye – nkabayenkosi,
Zwide,
Ophunyuka bemphethe njengenyoka eluhlaza,
Nxumalo,
Sdweba ngophaphe
abanye bedweba ngama pensela,
Mlondolozi we Langa,
Hlobo oluhle,
Zingilosi zasemhlabeni,
Sbani esihle sendalo,

β˜€οΈLANGAβ˜€οΈ

Izithakazelo zakwa Khwela

Khwela, Nduli, Mgabhazi,
Scubu kasosiwa siphekwa ngebhiz’enkulu kamahhumela.
Insundu zabaseNgcingcimane abadli’nyama ongayitholanga akhalele emsobweni.
Thole lenhlunu kay’gezwa way’geza yoy’hlawula ngamaduna nethokazi !!
hah sukanini yeka, inkosi kay’qedwa !

Izithakazelo zakwa Mvula Clan & History

Mvula, Mlotshwa, Mgamule, Magangane, Macala, wena sibhamu esaduma kuqala enkundleni zonke zingakadumi, Wena Ka Macala, Mlotshwa ! βœ‹πŸΎ

Izithakazelo zakwa Gceba Clan & History

Gceba,
Phondoluhle,
Malungisa,
Mtsanyelo,
Nkongwane,
Malibatile
Wena walibata bonina bangayi ekulimeni bamunyise wena,
Wat’uyamza wasgwaza yena!

Page 30 of 1290

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: