Izithakazelo zakwa-Sikhakhane
- Mboma kaMqhele,
Mathula,
Nzimase,
Sdwaba esinembobo, - Wena sango elingezantsi,lapho besa khona imilomo,
- Wena owangena nesikhuni emanzini sivutha, waphuma naso sivutha,
- Wena kaMboma os’hlahla samila edwaleni,
- Wena kaSoqhafuza, umlung’odla izinkobe,
- Wena nyoka eyacaca emthini ingenazinyawo,
Inkomo esengelwa emeveni ngoba wayisengela ethungeni iyalikhahlela, - Wena okhishwa ngenoni emgodini,
- Wena ophatha amakhosi uma esedukuzela,
- Wena owahlabana ngokwehlula izinyanga nezanuse,
- Wasuka lapho waxhoshiswa ngokaSenzangakhona, ngezinkomo zekhethelo,
Wakhushulwa, awabanankosi, ngoba inkosi yakho kunguNodumehlezi kaMenzi, - Mboma,wena wase Nkandla!