Ngezansi izisho kanye nezincazelo zazo.
Isisho |
Incazelo |
Ukuba inkomo kunobhutshuzwayo. |
∼Ukungakwazi ukudlala unobhutshuzwayo. |
Ukuba mtshingo ubethwa ngubani |
∼Ukuba intandane. |
Ukuba nenhliziyo engaphandle |
∼Ukuhaha. |
Ukuba nkomo |
∼Ukungabi nokuzivikela, ukungalwi. |
Ukuba yinyoka |
∼Ukuba nobuqili obufihlakele. |
Ukubamba isisila sehobhe |
∼Ukuthembela entweni engenampumelelo. |
Ukubeka icala |
∼Ukumangalela umuntu. |
Ukubeka inkunzi |
∼Ukuphawula inkunzi. |
Ukubhodlela emswanini |
∼Ukukhala emva kwendaba. |
Ukubhongela emswanini |
∼Ukukhala emva kwendaba. |
Ukubophela amanqina enyathi |
∼Ukwakhela uzungu. |
Ukubukana ngeziqu zamehlo |
∼Ukungezwani. |
Ukubulala inyoka |
∼Izinto noma abantu abaningi. |
Ukubuya inhlazane |
∼Ukubuya kwezinkomo emini yasekuseni sezizosengwa. |
Ukubuya nembande yesikhova |
∼Ukuba neshwa ungaphumeleli entweni obuyizama. |
Ukucela induku |
∼Ukwedelela okudala impi. |
Ukuchathazelwa kwelengane |
∼Ukuxoxelwa izindaba ezingandile. |
Ukuchitha kwenkabi |
∼Ukumisa kwenkabi izimpondo zivulekile. |
Ukuchunywa imfuyo |
∼Ukwandelwa imfuyo. |
Ukucupha uchuku |
∼Ukwedelela abantu ngento eyaziwayo ukuthi abayithandi. |
Ukudla impundu |
∼Ukuba umuntu okhohlwayo. |
Ukudla ubhedu |
∼Ukuba ingqwele noma uhambe phambili kulokhu okwenzayo. |
Ukudla udaka |
∼Ukuhlupheka. |
Ukudukuza oswini |
∼Ukungabi namqondo, udidekile. |
Ukufaka kwenkomo |
∼ukugcwala kobisi ebeleni lenkomo. |
Ukufaka Umunwe esweni |
∼Ukwenza into komunye umuntu angayithandi emphatha kabi okanye emdinayo. |
Ukufinya ngolimi njengenkomo |
∼Ukuhlupheka. |
Ukugaqela eziko njengengane |
∼Ukuzisondeza engozini. |
Ukugodla ubisi |
∼Ukungehlisi ubisi kwenkomazi. |
Ukuguda inkomo |
∼Ukusenga inkomo engasenankonyane. |
Ukugxaza amanzi njengencuba |
∼Ukuhlupheka, ukuba mpofu. |
Ukuhlaba usentu |
∼Ukuqhwitha umhlabathi. |
Ukuhlahla inhloko |
∼Ukuklabela ukhanda lwenkomo. |
Ukuhlala phezu kwezikhali |
∼Ukuhlala ulindele noma yini engenzeka njengokuhlaselwa. |
Ukuhlamba imikhonto |
∼Ukuhlaba izinkomo emva kwempi. |
Ukuhloba kobisi |
∼Ukuvuthwa kobisi. |
Ukuhosha umongulo |
∼Ukusenga izimfihlo. |
Ukuhudula izikhumba |
∼Ukuhona |
Ukujikela eshobeni |
∼Ukungenela into lapho ingenangozi ngakhona. |
Ukukhipha inhlazane |
∼Ukuvulela izinkomo ekuseni ngaphambi kokusenga. |
Ukukhiphela inkonyane |
∼Ukukhipha inkonyane enkomeni efile. |
Ukukhunga umntwana |
∼Ukupha umntwana izipho. |
Ukukhwela phezu kwendlu njengenja |
∼Ukwedelela abadala kunawe. |
Ukulala ngenkomo |
∼Ukuzivikela. |
Ukulala ngophondo |
∼Ukuba sesimeni sokungakwazi ukuzisiza. |
Ukulandela amabheka |
∼Ukufuza ekhabonina. |
Ukuma ngenkomo |
∼Ukuma ubambelele ehawini. |
Ukumisa amanhlakomuzi |
∼Ukulala ubheke phezulu umise amadolo. |
Ukuncelisa amawele |
∼Ukuyishaya emuva uyishaye phambili. |
Ukuncelisa umbele ofile |
∼Ukukhohlisa. |
Ukunyathela ngabantwana |
∼Ukuba nezitho ezinhle. |
Ukuphehla uzuthu |
∼Ukusukela umuntu noma abantu ngoba wethembe ubuqhwaga. |
Ukupheka inyama ngomhluzi wenye |
∼Ukuhlaba njalo. |
Ukuphonsa kwenkunzi |
∼Ukuhlaba kwayo lapho ilwa. |
Ukuphuma amathambo |
∼Ukukhumuka kwamazinyo obungane. |
Ukuqhuba intwala ngewisa |
∼Ukwedelela. |
Ukuqhuma abathakathi |
∼Ukuvela kwamazinyo enganeni. |
Ukusenga inkomo nenkonyane |
∼Ukungabi nasimilo. |
Ukusenga ezimithi |
∼Ukukhuluma amanga. |
Ukusengela ophondweni |
∼Ukonela umuntu into yakhe. |
Ukusengela umuntu esigujini |
∼Ukulutha ufake enkathazweni. |
Ukushaya utshani |
∼Ukuvele uhambe ngokushesha noma ukubaleka. |
Ukushisela uphondo |
∼Ukususa uthuthuva. |
Ukusongela inkomo ingakahlatshwa |
∼Ukukhuluma sengathi into seyenzekile ibe ingakenzeki. |
Ukuthola isisu |
∼Ukukhulelwa. |
Ukuthola umntwana |
∼Ukubeletha. |
Ukuthwala ilunda |
∼Ukuzazi. |
Ukuzalela phansi |
∼Ukushonelwa abantwana. |
Ukuzichoma kumalunda |
∼Ukuzithintela, uzithele enkingeni. |
Ukuzizala |
∼Ukuzala umntwana ofana nawe. |
Ukweqa izinyawo zenkosi |
∼Ukuba nochuku wenze izinto ezingakufanele, ezingekho ezingeni lakho, ezifanele abakhulu kunawe. |
Ukweqela inkomo |
∼Ukuvimba inkomo uyikhalime. |