clan names 💛 clan history 💯

izithakazelo

Month: April 2011 Page 10 of 21

Izithakazelo zakwa Lembede 😍 Lembede Clan Names

Izithakazelo zakwa Lembede

Ndima,
Bayeni,
Sibhuzi esimqala!

Izithakazelo zakwa Linda 😍 Linda Clan Names

Linda Clan Names

Linda

Magidi
Zimase

Cebekhulu,
Mbhekane,

Mshayisa
Dephuza

Mafu kawalingani nawaseNtshengeko ngoba awaseNtsheko angubongubo. Macansi agcwele izindonga. Mhashaza KaNgwadla ka Thambo lanyoka lihlaba elimzondayo ungezwa bethi yedlulela phambili kanti bakugodlele imikhonto. Oye ezansi wabuyelela wathi kwa Zimase akusavalwa ngamvalo sekuvalwa ngamakhanda amadoda. Nsele Ka Linda Mkhonto ngimele Ngisalande ezami eZungeni.

Langa Clan Names

Langa Clan Praises

  • Langa,
  • Sothole,
  • Sodumase,
  • Madevu aqgabul’inkomishi,
  • Phokophalala mnikolusha ngoba oludala lumbangela isilungulelo,
  • Shiy’abantu,
  • Nyongo yendlovu,
  • Madl’umlenze adele isidumbu,
  • Madubandlela,
  • Ngwane,
  • Mcwayi,
  • Gubhazi, Mlindeli,
  • Somaphunga,
  • Mdlaka!

Izithakazelo zakwa Lamula Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa Lamula

Zinyane,
Mthembu!

Kweyama

Izithakazelo zakwa-Kweyama

Vezi,
Mnembe,
Mgabadeli,
Wena owawela ngezibul’elikhulu elawela amakhosi!

Kunene Clan Names & History

Izithakazelo zakwa Kunene

  • Kunene,
  • Madonsela,
  • Mtimande,
  • Lubambo lunye,
  • zingaba mbil’ufuz’ekhabonina,
  • Masango makhulu nawabantu nawezinkomo,
  • Nina bakwa Malambule,
  • Okwathi uMalambule ebanga noMswazi nathi, “Malambule phambili”!

Kubheka Clan Names

Izithakazelo zakwa Kubheka

  • Kubheka,
  • Khathide,
  • Masobode,
  • Wena owasobodela udlubu nokhasi,
  • Mgwaqo awedlul’esibayeni, ngoba kuvalwe ngamakhanda amadoda,
  • Mbend’ebomvu enjengetolwane,
  • Boya obuningi obungangenyathi,
  • Mbokod’ebomvu kaMagayiza esunduza abeSuthu namaNdebele,
  • Sicabha esihle esakhothwa izinyoni zakwaKhathide,
  • Sombheshane,
  • Makhunga, wena owakhunga izimbila emgedeni, zaphuma zingenamisila,
  • Nanamuhla azinawo umsila ngesimanga sikaMaKhunga,
  • Ndolwane,
  • Magonondo!

Izithakazelo zakwa Khwela Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa Khwela

  • Khwela
  • Nduli,
  • Mgabhazi!
  • Sicubu kasosiwa siphekwa ngembiza ende kaMahhumela kuze badle bonke basuthe !
  • Thole lenhlunu kay’gezwa way’geza yoy’hlawula ngamaduna nethokazi !! 🙌🏾🙌🏾

Khuzwayo Clan Names & Umlando

Izithakazelo zakwa Khuzwayo

  • Khuzwayo,
  • Gumede,
  • Qwabe,
  • Mnguni kaYeyeye,
  • Khondlo,
  • OSidlabehlezi bakaPhakathwayo
  • Abathi bedla, bebebeyenga umuntu ngendaba,
  • Bethi, “Dluyeya ngenhlana, umalokazana ubeyethe, kayikhuni sidingida yoyodaba!”
  • Kanti bahlinz’imbuzi,
  • Malandela, ngokulandel’ izinkomo zamadoda,
  • Phakathwayo!

Izithakazelo zakwa Khumbuza Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa Khumbuza

  • Khumbuza,
  • Ndosi,
  • Nombedu,
  • Nkomo kayivuswa,
  • Nkom’isengwa ilele,
  • Wayisenga imile iyakhahlela,
  • Squnga esihle esingahlalwa nyoni,
  • Siqunga esizalela amasakabula
  • Mkhokheleli owakhokhela isizwe ekugqilazweni,
  • Dubandlela!
  • Vico akagezanga,
  • Obuye nensil’emfuleni,
  • Ngob’ethembe ukugeza ngobisi,
  • Magaye ongangolwandle!

Page 10 of 21

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: