clan names 💛 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Shezi

Izithakazelo zakwaMlotshwa Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwaMlotshwa

Makhombothi,
Ntumbeza kaNtuzi,
Cabuzela onyawo zincane, ziingaba nkulu zifuz’ekhabonina,
Khambule,
Mzilankatha, Shezi,
Magidla!

Izithakazelo zakwaShezi Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Shezi

Dlaba,
Shukulas’, Mnomiya,
Dludle,
Dludl’owadl’imihlambi yamadoda,
Wadl’izinkomo zamaNdebele,
Oyodl’ezikaDlaba uyoceba,
Dlab’ akadleli phansi,
Udle’ edlodlweni,
Abanye bedlela phansi,
Mavulane owavul’ iNkandl’ivaliwe,
Mchube, Mlotshwa,
Wena kaLumbazo, kaZokufa,
Sigananda phum’eNkandla!

Abakwa Shezi ama Chube badabuka eNkandla, nazi izibongo zabo:

  •  Shezi
  •  Dlaba
  •  Shukulas
  •  Mnoniya
  •  Dludle
  •  Mchube
  • Mlotshwa ka Lumbazo ka Zokufa
  • Sigananda ophum’ eNkandla !

Ama-Qamu kwa Majozi kuthiwa bahlobene nabakwa Shezi.

Mncube Clan Names & History

Izithakazelo zakwa-Mncube

Khambule,
Mzilankatha,
Inkatha kayingen’endlini,
Yangena kubola izinkaba zabantwana,
Nina bakaNkomo zilal’uwaca,
Ezamadojeyana zilal’amankengana,
Mlotshwa,
Malandel’ilanga umaliyoshon’emaNcubeni,
Mpangazitha, Magasolo,
Nina basebuhlen’obungangcakazi,
Abadl’embeleni wenkomo kungafanele,
Kwakufanel’udliwe ngabalandakazi,
Nina bakaDambuza Mthabathe,
Nina basemaNcubeni enabalekel’uShaka naziphons’emfuleni,
Kwakhuz’abantu benifihla,
naphenduk’ abakaKhambule,
Nafik’ eSwazini naphenduk’uNkambule,
Msuthu,
Mncube onsundu ngezinyawo zakho,
Wen’oyithath’iNkosi uyibek’enhlabelweni,
Nina baseSilutshana,
Nin’enakhelana noMbunda,
Nina bakaMaweni,
Nzimande,
Mncaphayi, Shezi,
Malangatsha!

Page 2 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: