clan names 💛 clan history 💯

izithakazelo

Month: June 2019 Page 8 of 10

Direto

Anyone who has direto tsa Mokonyane please do share. All help appreciated

BoMashize

Thanks for the heads up and the insightful information

Izithakazelo zakwa Mavimbela Clan Names

Mavimbela, sihlasi, mkholo lonsudvu netinyawo takhe letihle tekucaftu-caftuta emabaleni endvodza, awunukelani nemacaca,…wena longadli inyama yembuti kepha undla inyama yenyamatane…mdlomane wetindlovu, ngubo yengonyama, nine bonyatsikati basemtini, nine bomatala nkosi, nine botaba…nine bomkolo labahle, lilanga seliyotibeka kunina !!

Izithakazelo zakwa Malinga

Malinga

Mlotshwa,

Vunisa, Gumakhulu,

Zindela!

Maluleka

Maluleka
Thomoyi

Abakwa Miya 😍 Umlando wakwa Miya

Isibongo sakwaMiya savela ngoMiya kaMtiti wokuqala (Mzizi). Laba bantu bakwaMiya babuye baziwe ngokuthi bangabantu baseMazizini noma bangaMazizi.

Lokho-ke kususelwa egameni likayise kaMiya, uMtiti. Lesi sizwe saseMazizini sithe chithi saka cishe iMazansi iAfrika yonke, siyathilakala kwelikaMthaniya, eSwazini,eMabhaceni, kwaMthwakazi kanye nalena koMzimba eMalawi ngaphansi kubukhosi bukaNgwane Maseko.

Ngesikhathi iNgonyama uShaka ihlanganisa izizwe lesi sizwe sakwaMiya ‎sasakhe kusukela ngasesiyalwini soThukela(Mount -Aux -Sources)ngaseBergiville ,phansi kwezintaba zoKhahlamba nokuyilapho sisazinze khona nanamuhla kuze kuyofinyelela endaweni ebizwa ngokuthi iGiant Castle eduze kwesizwe sakwaMazibuko eMangweni.

Lesi sizwe sakwaMiya sasibuswa inkosi uXuza nokwathi ngemuva kokukhothama kwakhe kwabusa inkosi uMagangana. Sasakhelene naMaZolo (esisazobuye sixoxe ngawo) ayedume kakhulu ngokukhanda izinduku ezinhle zasebukhosini. Inkosi uMagangana yakhothama ibulawa nguSiphika Myeni wesizwe sakwaMyeni esasiqhamuke phezu kwezintaba zoKhahlamba sagcina sizinze eMkhanyakude lapho izizwe zakwaMyeni zikhona zikhona namuhla. USiphika waqola izinkomo zaMazizi wangakha lapho ngemuva kokubulala inkosi uMagamgana Miya.

Enye inkosi eyagqama kakhulu kwaMiya, igqanyiswa ukuziqhenya inkosi eyayibusa enye ingxenye yaMazizi eyayizinze ngaseMtshezi lapho sesitimela khona, eDrayccot. Leyo nkosi uDweba kaGwili.

Amakhosi aMazizi ngaseMtshezi alandelana kanje

Henqwa

Mkhuli

Makhuluza

Dlangamandla

Gwili

Dweba

Inkosi uDweba nayo yabusa ngesikhathi seLembe. (Mathathu amakhosi aseMazizini abusa ngesikhayhi seLembe.)Kuthiwa kwakuthi ‎uma iyozikhulula endle ithi makwendlalwe amacansi aze afinyelele lapho eyayiyozikhululela khona ukuze izinyawo zayo zingezukuthinta phansi enhlabathini.

Nempela aMazizi aqhubeka nokwenza lokhu ngazo zonke izikhathi nxa iyozikhulula. Kuthiwa ayigcinanga lapho inkosi uDweba, kuthiwa yagcina inqume ukuthi aMazizi ayendlalelwe amacansi eyayizohamba kuwo ngisho noma iyokhuluma izindaba zesizwe ebandla. Yayiphuma endlini yayo sekwendlwalwe amacansi ihambe phezu kwawo ize iyofika ebandla.

Kuthiwa langa limbe kwaqhamuka impi yenkosi uMatiwane kaMasumpa eyayikade ibalekela impi yeLembe yazithela esigodlweni saMazizi,kwagcina kuliwe enkulu impi. Impi yenkosi uMatiwane yayimandla vele kuneyenkosi uDweba, ngalokho-ke yahlulwa eyenkosi uDweba.

Inkinga eyavela ngeyokuthi inkosi uDweba ayikwazanga ukubaleka ngoba izinyawo zayo zazithambe kakhulu, ngoba zazingajwayele ukunyathela emhlabathini. Kwadingeka amadoda ayizidlakela aseMazizini ukuthi azame ukuyithwala abaleke nayo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. ‎Lawo madoda awakwazanga ukugijima nayo ibanga elide, zagcina ziwaficile izinsizwa zaseMangwaneni, zawathunga wonke ngemikhonto afa wonke, nenkosi uDweba nayo ayisindanga.

Elinye iqhawe laseMazizini elagqama kakhulu nguMphumane Miya owabe eyinyanga yeSilo uMzilikazi kaMashobana.

Uyakhumbuleka uMphubane Miya ngenkathi iNkanyamba yaseNdinaneni ibulala inkosi uMagodongo Mahlangu kwaNdebele. Kuthiwa inkosi uMagodong‎o yayinhke kakhulu emilingweni,ingena nesikhuni sivutha emanzini iphinde iphume naso sisavutha. Kuthiwa abahlali bakuleya ndawo yakwaNdebele basexwayisa iSilo saseNdinaneni ukuthi singalinge siyihlasele inkosi uMagodongo ngoba iyingozi kabi ezintelezini.

Kodwa lokho akuzange kwehle kahle kuMphubane, wazama ngazo zonke zindlela ukuqeda amandla enkosi uMagodongo. Kuthiwa langa limbe uMphubane wakhokhoba walandela inkosi uMagodongo ngenkathi iya endle iyozikhulula,wafika weba ucezwana lwendle yayo wayulusebenza ngemithi yakhe yaseMazizini.Awu! Pheliyane amandla kuMagodongo! Kuthiwa wonke amandla aphela kuMagodongo. Nguyena owayesenhena nesikhuni sibutha esizibeni samanzi aphune naso sizavutha. Esebona lokho umfoka Mashobana waphaka enkulu impi eyabulala inkosi uMagodongo.

Ake ngime lapho nina beNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa umdlebe!‎

Source: indabukoyakho

Umlando wakwa Mazibuko

AbakwaMazibuko

AbakwaMazibuko bangaBaMbo Nguni, bayinzalo kaNtsele njengabantu bakwaZwane . Bazibiza ngenkosi yabo uMungwe, yingakho baziwa ngokuthi bangaMangwe noma abaseMangweni.

Umlando uveza ukuthi abakwaMazibuko bahlobene eduze nabakwaZwane futhi kufanele ngabe abaganiselani ngoba ngokomlando bangabandawonye. Kunenkolelo yokuthi isibongo sakwaMazibuko saqhamuka ngemuva kwesiga sokulalana kwezingane zandawonye. Abaningi nokho bakwaMazibuko bayakuphika lokhu.

Umlando wezibongo eziningi nokho uveza ukuthi kwakuyisiga esivamile lesi, futhi umphumela wawuvame ukuba wukuvela kwezibongo ezintsha emuva kwesiga leso.Umlando wokuzalana kwamakhosi esizwe sakwaMazibuko uyaphenyeka kuze kufike kuNtsele, owazala uMafu, yena owazala uNzima, owazala uLanga, owazala uMzila. UMzila yena kukholakala ukuthi wazala uNkobeni owaba namadodanaamabili uMashoba noMabuza.

Womabili la madodana aba nabantu abaholayo. UMashoba wazala uShoba noPhuthini.UMabuza wazala uKhondlo.AbakwaMazibuko babehlala eNgcaka endaweni engalapho osekuseVryheid manje, ngeminyaka ye-1800.

Abadala bakwaMazibuko bathi bona kuleyo ndawo basuswa ngukuthi base beqhelukiswa, sekufanele kwakhe uMkabayi kaJama lapha okunguye okuthiwa wetha yonke leyo ndawo igama elithi kuseBaqulusini. Kukhona abathi uMashoba wayakhe eNquthu lapho basuswa khona impi yenkosi uShaka ngesikhathi seMfecane ngowe-1820, babaleka badonsa njalo baze bawela uThukela bafika eMangweni, bakha. EMangweni indawo ephansi kwezintaba zoKhahlamba, inkosi uPhuthini ayiqamba ngegama lenkosi endala uMangweni.

Isizwe naso sabizwa ngegama lenkosi uMangweni kwathiwa aMangwe. AMangwe ahlukene kabili kukhona asePhasiwe bese kuba khona naseSandlwana. Kumanje kunenkosi yakwaZwane eyakhe khona eMangweni ngoba bezazi ukuthi bangaMangwe nabo. Abadala bakwaMazibuko bathi ubukhosi bukaPhuthini obafika eMangweni. UPhuthini wabe enomuzi phansi kwentaba iPhasiwe. Sengathi inkosi uPhuthini nguyena othanda ukugqama kakhudlwana emlandweni wamakhosi esibongo sakwaMazibuko.

Ziningi izindawo uPhuthini ahlala kuzo, walihamba kakhulu izwe elihlola futhi ebalekela izimpi zenkosi uShaka. Lokho kwakwenzeka kakhulu ngesikhathi inkosi uShaka ihlasela futhi inqoba ngenhloso yokwakha isizwe esikhulu samaZulu.

Bukhona nobufakazi bokuthi kwaqhubeka lokhu nasemuva kokukhothama kweLembe sekubusa amakhosi oDingane noMpande. Kuthiwa uPhuthini esezohamba wavalelisa kumfowabo uKhondlo, owabe esemnika umphako wendlela owawuyinkunzi yenkomo egama layo kwakunguGwagwagwilika.Inkosi uPhuthini waba nomlando wokuba nyamanambana emakhosini akwaZulu ngoba wayengomunye walabo ababe nenyoni kayiphumuli, eyayithandwa kakhulu ebukhosini bakwaZulu. Kuthiwa inkosi uShaka wayeseke wazama kaningana ukumephuca lezi nkomo ngaphambi kokukhothama ngowe-1828.

Lokhu kwaqhubeka kwaze kwaba isikhathisokubusa kwenkosi uDingane ngowe-1830, yena ongachithanga sikhathi, owavele wayihlasela inkosi uPhuthini.UGwagwalagwilika wamhola njalo uPhuthini emphephisa emabuthweni amakhosi akwaZulu, uShaka, noDingane noMpande. Inkosi uPhuthini yakhothama ngonyaka we-1860 khona eMangweni. Idlinza layo likhona phansikwentaba iPhasiwe.

uGwagwagwilika:

Kwabe kuyinkunzi eyabe iyisipho senkosi uPhuthini esasivela kumfowabo uKhondlo. Kuthiwa le nkunzi yayibhilwe ngemithi okwenza ukuthi igcine seyifana nesangoma. Abadala bakwaMazibuko bathi yayiluphawu lwesizwe sabakwaMazibuko ababebona ngayo uma bezohlaselwa. Phela yayivele ibhonge iphume esibayeni, bese beyilandela babaleke bathuthe kuleyo ndawo.

Ngokubhonga kwayo yayisuke ibika ukuthi impi isisondele. Impi yezitha ebizohlasela yayifika sekukhala ibhungane, bese idubela emaqhugwaneni iwashise.

Kwakuthi lapho uGwagwagwilika efike walala khona phansi abakwaMazibuko bafike bakhe kuleyo ndawo. UGwagwagwilika wayicaba njalo indlela kaPhuthini, waphunyuka njalo ekuhlaselweni nasekuphucweni izinkomo zakhe.

UMabuza:

Umfowabo kaMashoba uMabuza yena wazala uKhondlo wezimanga. UKhondlo wayemdala kakhulu kuPhuthini. Phela uKhondlo lo kwakuyinyanga enkulu yeSilo sakwaNodwengu, uMpande ngeminyaka ephakathi kowe-1840 nowe-1850.UKhondlo nguyena owayethaka adidiyele izintelezi ezazisetshenziswa amabutho ngezikhathi zempi.

Wayedume kakhulu ngamakhubalo nangemilingo ayekusebenzisa namathambo lapho ebhula. Kuthiwa uKhondlo wayelapha ngokugwilizisa umuntu esizibeni sakhe esasibizwa ngesiziba sikaKhondlo, esinamanzi ayaluzayo. Umuntu onokuphithana kwekhanda noma ukugula kwanhloboni wayephuma esephile qingqo.

Izigemegeme ZikaKhondlo::

Njengoba sesiphawulile, esizibeni sikaKhondlo umuntu wayephuma esephilile noma ngabe ubenakufa kuni. Kuthiwa uKhondlo wayenganqeni ukwendlala isicephu phezu kwamanzi esiziba, singadudulwa amanzi, sivele sime singanyakazi,uKhondlo aguqe kuso bese ephonsa amathambo phezu kwaso abhule, kodwa angacwili.

UKhondlo wayeke angene esizibeni nesikhuni sivutha ahlale izinsuku, aphume sisavutha. Le migilingwane akungatshazwa ukuthi hleze yayethusa inkosi uMpande, yabona kungcono ukuba ithumele kuKhondlo ukuba afike kuyo ngokushesha.

Phela inkosi uMpande yayinesiqiniseko sokuthi ngeke uKhondlo awelele ngale komfula kwazise wawudla izindwane. Ngokuphazima kwesowatheleka uKhondlo njengokusho kwenkosi uMpande ngoba lalingaweli phansi izwi lenkosi. Inkosi uMpande yambuza ukuthi uwele kanjani. Ngaleso senzo uKhondlo wabe esethola izibongo ezithi:

“Wena owawela ngezihlenga zomfula“

Ongawelanga ngamazibuko ngoba umfula

ugcwele”.

AbakwaMazibuko base bethola izithakazelo ezintsha ngaleyo ndlela.

Ukwehlukana Kobukhosi BasePhasiwe NobaseSandlwana::

Inkosi uPhuthini wabusa eside isikhathi futhi enamadodana amaningi, UMphikeleli uyena okwakufanele abuse ngemuva kukaPhuthini kodwa akabange esabusa ngoba wayesegugile ngenxa yakho njalo ukuthi uyise wayephile iminyaka eminingi futhi wabusa isikhathi eside.

UMphikeleli waba namadodana amabili angamawele uManzezulu noGadeleni. Inkosi eyalandela ngokubusa kwaba uManzezulu. UMphikeleli wayemyalile uManzezulu ukuthi uma esebuse iminyakana ethize adlulisele kumfowabo izintambo zobukhosi ngoba bamuntu munye. UManzezulu akayenzanga intando kayise yokuba ashiyele umfowabo uGadeleni ubukhosi kodwa yena wabushiyela uLukazi owabe eyindodana yakhe.

Ngenxa yalokhu kwabe sekuqala uthuthuva nombango phakathi kwamawele. Kwaba ukuphuma kukaGadeleni ePhasiwe, ehamba nabalandeli bakhe baze bazinza phansi kwentaba iSandlwana bude buduze nalapho okusenedolobha laseNquthu. Lokhu kwenzeka ngonyaka we-1882.

Ubukhosi BaseSandlwana:

UGadeleni wafikela enkosini yakwaNgobese, uSihayo okunguyena owahamba wayomkhonzela enkosini uCetshwayo. Inkosi uCetshwayo yamsikela indawo ebhekile impela nje ngoba nakhu phela ephuma ebukhosini benkosi uPhuthini. Ngonyaka we-1906 uGadeleni wabe eseyinkosi ezimele. Waqamba isizwe sakhe wathi Amangwe-Buthanani ngoba abantu bakwaMazibuko base behlakazekile, efuna babuye futhi bahlangane.

UGadeleni wakhothama ngonyaka we-1916. Ngalesi sikhathi abantu bakwaMazibuko base besabalele izwe lonke kungakho kwaba nesidingo sokwanda kwamakhosi akwaMazibuko njengoba etholakala ezifundeni ezahlukene.Inkosi eyalandela kwaba uMampunga owabekwa esihlalweni sobukhosi ngonyaka we-1918. Njengokhokho wakhe uPhuthini, wabusa iminyaka eminingi impela nje ngoba waze wakhothama ngonyaka we-1954.

UNdabakade yena wathatha izintambo zombuso waMangwe- Buthanani ngokukhothama kwenkosi uMampunga kwaze kwaba unyaka we-1956. Emuva kukaNdabakade kwabamba uNgqova isikhashana, kwathi emuva kwakhe kwabe sekubamba uMashisimpi kusukelangonyaka we-1964 kuya kowe-1993. Inkosi eyalandela kwaba uMbhekiseni Petros Mbangomuni Mazibuko owagcotshwangowezi-2009 kuZibandlela ziyishumi nesishiya galolunye, esifundeni saseMzinyathi.

source: indabukoyakho

Abakwa Ximba Umlando wakwaXimba

Ximba

Abantu bakwaXimba \Mlaba baphuma kuNyawo. UNyawo wayenamadodana amaningi okwathi uma esekhotheme kwaba nombango,agcina-ke esedube ikhaya.Ngokwezigaba zabeNguni bona bangaBaMbo Nguni yize noma sebegcine kungathi sebengabeSuthu kodwa -ke lokho kwenziwa ukuthi ngesikhathi sezimpi kunengxenye eyafuduka baze bayofika ebaSuthwini kwaba sengathi sebengabeSuthu.

Ziningi izizwe noma abantu ababalekela izimpi bagcina sebekhosele ngaphansi kwezibongo noma kwezizwe ezithile .Lokho kugcina labo bantu kube sengathi baphuma kulabo bantu kanti basuke sebakhe ubuhlobo nabo. Njengoba ngikubalulile ukuthi basuka-ke o-Ximba balibhekisa ngakoBaQulusini lapho bafike bazakhela ubuhlobo nabantu bakwaZwane,kodwa abanye bedlula bayozinza ngakoMtshezi.

Babuye basuka lapho balibhekisa ngasoKhahlamba ,nokulapho baye behlukana ,abanye bayozinza ngakoLesotho nje njengoba sekushiwo .Abanye bakhona bagcina sebengoMolaba bejobelela u-‘O’ emuva kuka ‘M’. Abantu bakwaMolaba ngabaseLesotho kusengabantu ababodwa nabakwaXimba okwabe kunguMlaba. Lo Mlaba -ke bathi wayehlakaniphile kakhulu .

Basukile eMtshezi ,bahlakazeka sebesoKhahlamba .Laba abangayanga eLesotho basuke bayokwakha ngaseMsunduze endaweni eyaziwa ngokuthi kuseNtendeni .eseduzane naseNadi .Lapho-ke bakhelana nabantu bakwaZondi,abendlu kaNsele kaGasa kaGagashe,lapho njengamanje kuphethe inkosi uSondelani kaQalabantu .Lapho-ke babe sebeba ngabakwaMlaba, sebesebenzisa uXimba njengesithakazelo.

Namaliba okhokho babo akhona laphaya eNtembeni lapho singabala khona elikaMlaba ,uMabhoyi ,namanye .Babuye basuka lapho bayokwakha eMkhambathini[Camperdown]nosekwaziwa ngokuthi kukwaXimba, benabela nakoKito kanye nako.KwaXimba -ke kulapho kunendlu yobukhosi nokuyindlunkulu yabo.

INDLU YASEMHLABATHINI ENHLUNGWANE :

Le ndlu-ke yona iphuma kuMqundane kaMabhoyi wakhona kwaMlaba \kwaXimba. Kuthe emuva kwempi yamaNgisi noZulu ngowe-1879 eyayiseSandlwane nasoCwecweni.Njengoba uMqundane wayethwalela amaNgisi iposi esuka lena koMgungundlovu eliyisa koSandlwana ,emuva kwempi ayeninga[ecabanga]ukuthi angamklomelisa ngani ngoba wayebasebenzela kangaka.

Abe esenquma ukumnikeza indawo elaphaya eNhlungwane eMahlabathini,emsusa eMkhambathini. AmaNgisi asusa uMfanawendlela kaThanga wakwaZungu athi usezobusa izwe elincane elize liyoma ngeMfolozi eMnyama enyakatho.

Phela uMfanawendlela wayengesengenye yamakhosi ayesethobele imithetho yamaNgisi ,kungakho engazange akulwele lokho kususwa kwakhe .

UMqumbane wasuka-ke kwelakubo ehambisana nabantu bakwaMbambo ,abakwaGwala ,abakwaVilikazi ,abakwaHlengwa ,abakwaGoba kanye nabakwaGasa . AbakwaMbambo babeholwa nguBhubhu kaNdaba owaba ngundunankulu kaMqundane laphaya eNhlungwane eMahlabathini .

UMqundane wazala uNdukuyezulu[inkosana],uSigungu noNomasonto owagana kwaMkhize khona eNhlungwane,koNkunkwana. Kuthe ngesikhathi ngesikhathi uMqundane eseya koqeqeshelwa ubusosha ,washiya inkosana yakhe uNdukuyezulu ukuba imbambele ubukhosi.

Kuthe uma esebuya ebusosheni ,sekufanele uNdukuyezulu ashenxe phela esihlalweni sobukhosi ,wenqaba akabange esafuna ukusuka, esethi kuyise uMqundane akamnike okungokwakhe uNdukuyezulu. Waduba-ke uNdukuyezulu wayokwakha kwesakwaBiyela kwaSanguye nokulapho aganwa khona intombi yasebukhosini bakhona kwaBiyela.

Ngaleso sikhathi uNdukuyezulu eya kwaBiyela wayehambisana namakhosikazi akhe nezingane ,nokulapho kwafike kwashona khona inkosana yakhe eyabe izwalwa nguMaDlamini ,okwakunguMpisi igama layo inkosikazi yakhe ayeyilotsholelwe nguyise,eyesibili kwabe kunguMaGoba owazala uSikhethi [ikhohlwa] nabanye .Emuva kokushona kwenkosana yakkhe uMpisi ,uNdukuyezulu nxa ebona ukuthi wenza iphutha ngokuphikisana noyise ,wabuya kwesakwaBiyela.

Esebuyile-ke uNdukuyezulu,uMqundane wabe esimkhipha umuzi esethi lo muzi kuseKushingeni ,esemsikela nezwe wathi uzophatha kusukela ngaphesheya komfudlana uMfazi kuze kuyoshaya phezu kweMfolozi eMhlophe koDumaneni .eSiqiwini nakoBasamlilo.

Umuzi waseKushingeni wawungaphesheya kwesihoshana sesibili phambili komfudlana uMfazi. UMqundane yena -ke wakhothamela khona laphaya emzini wakhe ,idlinza lakhe likhona laphaya eDamaseku eNhlungwane . USigungu yena wazala uMalamba owaganwa ngamakhosikazi amathathu nentombi yakwaNxumalo kwaNongoma,abulawa eya kuyo iMfolozi eMnyama .Inkosana kaMalamba nguMagana [amathola kuMaNcanana] uNgididi[amzala kuMaGasa] nabanye

UMpisi kaNdukuyezulu yena washona ezale uNjuqu[uMgilimbana]omdala nabanye,nokuthe ma kufanele ubukhosi buthathwe nguye,uNjuqu wenqaba wathi ‘kungafa umfowethu bese mina ngithatha ubukhosi kobe ngidayisa ngegazi lababembulele, ngeke bangibulale yini mina”? Kwase kuyolandwa uMakhawukani eMkhambathini ukuba azohlala esihlalweni sobukhosi .Yena -ke uMakhawukani wazala uMakhonsonke ozala inkosi uMagengeobusayo .

UKWELAMANA KOMLAMA\XIMBA:

-UXimba wazala uMlaba II

-UMlaba II wazala uDikani

-UDikani wazala uNcwadi

-UNcwadi waganwa ngamakhosikazi wazala kuwo kakhulu esingabala uGogela ,uPhaphama ,uNodlela nabanye

-UMabhoyi wazala uMahlanya noMqumbane

Izithakazelo zakwa-Mlaba

Ximba,

Mabhoyi, Nodlela,

Mbewumbili, abanye bamhlophe abanye babomvana,

Nina enacaba isicaba ngokucazelana,

Msuthu

Dumakude

Sambane phuma ehlathini kwenile kulele izingwe nezingonyama

Mthandi wabantu bengamthandi bethi bayamthanda kanti bayamkhohlisa

Njono wena waseMdlangweni

Ngena kule web www.indabukoyakho.com ubheke umlando ngesibongo sakho

Izithakazelo zakwa Ntshaba Clan Names

Mgabe,
Thole,
Nyonyoba,
Nondo,
Shishi owashishizela izinja zaseMagozeni,
Uqhoboshelane odlela egilweni,
Wena wakwantaba zendelana !

Nkutha Clan Names

Ngwende, Maweza, Shigane
Dlanga eladli’mbelezi
Lathi yinyama
Mdungi ndaba kanti isamhlalele
Ngaphesheya komfula.
Usazavuka kakusasa abuyele
Oka sambatha mkhonto njengo bhedu
Umkhonto oduma njengezulu
Igazi lehla mahlangothi wonke
Oka hanga libovu okwe ngwenyama
Mlangala nawe weme nje
Wemise kwe nsimangwe ezimehlo abovu

Page 8 of 10

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: