Ngezansi izaga nezincazelo zazo.
Isaga |
Incazelo |
Abantu abayi ngandawonye bengemanzi |
∼Abantu abavumelani bonke ngento eyodwa. |
Akukho ndlovu yasindwa umboko wayo |
∼Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe. |
Akukho thusi lathetha lilodwa |
∼Akekho umuntu onganengwa engaqalwanga. |
Akukho zinyane lemboma ladliwa yingwenya kwacweba isiziba |
∼Uma uzwise omunye umuntu ubuhlungu noma umbulale, ngeke ukuthole ukuphumula abakubo nabangani bakhe bazomphindiselela. |
Akuqhude lasindwa umzwezwe |
∼Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe. |
Akuvelwa kanyekanye kungemadlebe embongolo |
∼Abantu abaphumeleli kanyekanye. |
Amathanga ahlanzela abangenamabhodwe |
∼Izinto ezinhle ziya kwabangazidingi noma kwabangakwazi ukuzisebenzisa ngendlela okuyiyo. |
Ayikho inkomo yobuthongo |
∼Impumelelo iyasetshenzelwa. |
Bahlangene phezulu kanti phansi bangamahele |
∼Benza sengathi bayezwana futhi akukho okungangena phakathi kwabo kanti bahubhuza amanga. |
Enethunga kayisengeli phansi |
∼Umnini wento akahlupheki ikhona. |
Engakhali ifela embelekweni |
∼Uma ungazibiki, ukhulume ngenkinga yakho ngeke ubonakale futhi ngeke uzwakale. |
Ibhizela labulala indlovu |
∼Umuntu uyalinyazwa nayinto yena athi ayilutho. |
Ikhiwane elihle ligcwala izibungu |
∼Into enhle ngaphandle ijwayele ukuba nobubi ngaphakathi. |
Ilelo nalelo nkankane aliyodla umsundu wangakubo |
∼Ilowo nalowo muntu kumele ayozizamela ngakubo. |
Imiphanda ibulawa izakhelani |
∼Abantu abakhelene noma abangabangani abajwayele ukulimaza abantu. |
Impi isesendeni |
∼Kuxabele abantu abazalanayo, bandoda nye. |
Induku enhle igawulwa ezizweni |
∼Intombi noma umakoti omuhle umthola kude noma ekuhambeni. |
Ingwe idla ngamabala |
∼Umuntu uzenza yena ukuthi athandeke ngezenzo nangemisebenzi yakhe. |
Inja yawaqeda ngolimi |
∼Kancane kancane koze kulunge. |
Inkomo ingazala umuntu |
∼Ngeke kwenzeke lokho. |
Inkonjane iwele enkundleni |
∼Umuntu oliqili ubhajwe ebuqilini bakhe. |
Inkonjane yakhela ngodaka |
∼Umuntu owenza okuhle kumele abekezele ngisho kunzima angalilahli ithemba. |
Intendele ibindwe isidwa |
∼Ukuhlakanipha kuphelele ezeni. |
Intendele iwel’enkundleni |
∼Inhlanhla izizele. |
Into yomuntu umhluzi wempisi |
∼Ungabothembela entweni yomuntu noma yokwebolekwa. |
Inxeba lendoda alihlekwa |
∼Ungabomhleka umuntu uma esenkingeni noma evelelwa okubi ngoba kusasa kungawe. |
Iqaqa alizizwa ukunuka |
∼Umuntu akasiboni isici noma ububi bakhe. |
Isalakutshelwa sibona ngomopho |
∼Umuntu ongalaleli iziyalo, noma ekhuzwa ubona ngomphumela omubi noma oyingozi. |
Isilo siyawafinyeza amazipho |
∼Umuntu onamandla noma ohlakaniphile ngeke umthole ehamba ezikhukhumeza ngalawomandla nenhlakanipho yakhe. |
Kazi iyozala nkomoni |
∼Kazi kuyokwenzakalani noma umphumela uyoba njani. |
Kubambene ingwe nengonyama |
∼Kuxabene noma kubhekene abantu abanamandla alinganayo. |
Lapho kukhona isidumbu ilapho kukhona amanqe |
∼Uma umuntu esenkingeni ilapho abantu abasizakala khona ngaye. |
Libheke uligcine |
∼Osongela omunye ngokumbulala. |
Lixhoshwa libhekile |
∼Iphutha lenzeka noma uqaphele. |
Nalapho kungekho qhude kuyasa |
∼akusho ukuthi lowo ozigqajayo uma eke wahamba kokwenziwayo kuyokuma izinto, kuyohamba kahle ngisho engasekho. |
Siyoze sihlangane okhalweni lwezimpungushe |
∼Usongo, siyoze sitholane la esiyodelisana khona, ngokulwa imvamisa. |
Sobohla Manyosi |
∼Uyophela umbuso. |
Ukhamba lufuze imbiza |
∼Ingane ifuze umzali wayo. |
Umenzi uyakhohlwa kodwa umenziwa akakhohlwa |
∼Umuntu osuke enze okubi komunye uyashesha ukukhohlwa kodwa lo osuke enziwe okubi akakhohlwa neze. |
Umkhumiso usulingene izintondolo |
∼Okusele sekulingene abanikazi bakho. |
Umthente uhlaba usamila |
∼Isimilo noma ithalente lomuntu livela esesemncane. |
Ungakhulumi ngobhejane kungekho sihlahla eduze |
∼Ungazifaki enkingeni kungenasidingo nasisombululo. |
Ungayishayi ingede ngoju |
∼Uma wenzelwe okuhle kumele ubonge. |
Usifumbu ubona uqhaqhazela |
∼Ubona isici somunye kodwa nawe ube unesakho. |
Yinkukhu nempaka |
∼Ubutha obukhulu lapho abantu bezondelana ukubulalana. |
Yimpi yakwamabon’abulawe |
∼Umuntu oyingozi owesatshwa njengenyoka. |