clan names 💛 clan history 💯

izithakazelo

Category: Praisenames Page 7 of 21

Iziduko AmaTshawe

Iziduko AmaTshawe

Mdange,

Tshiwo,

Nkosi Yamntu,

Ngcwangu

Izithakazelo zakwa Dladla Clan Names

Izithakazelo zakwa Dladla

Mgabadeli,
Owagabadela izinkundla zwakwaBulawayo,
Gadlela, Dwala,
Mpembe, Mhlophe,
Vezi, Dladla,
Mhlophe, Nyazitha,
Magalel’agoqe njengeshongololo,
Songololo siyakwesaba,
Ngoba wena inezinyawo eziningi,
Ongathinta wena,
Angafa nokufa, fi,
Wena zikhali kazikho zisemsamu koGobone,
wena sandla esembethe imbokodo.
Mgabadeli!

Izithakazelo zakwa Mdlalose Clan Names

Mdlalose Surname

Nyanda wephahla,
Khwenta,
Madlula,
Mgabashe,
Bhudukuziwia,
Phangakufa,
Dikane,
Wena wephahla elinhloko-nhle,
Sphungulo say’Ongoye,
Magutshwa laph’engekefekhona,
Wena kanhlangothi zimbovu amanxeba,
Wena webhaxa elithanda impi ngoba ladla uDayi kaSkhova!

Izithakazelo zakwa Nxumalo Clan Names

Izithakazelo zakwa Nxumalo [Ziphelele]

SingoZwide kaLanga!
Wena waseGudunkomo
Wena owahlaba inkomo wasipha,
Wena wesihlahla esincane
Esihlala izikhova zabathakathi.

Khasakhasa lwakaNtombazi,
Magaqa ngezandla
Eyoshona kwaMashobane,
Ngisho noyise uLanga
Akaze angene khona
Kodwa sambona esengaphakathi
KwaMashobane.

Uzwide kaMagqangqula,
Imamba ekhwela amagudu amabili
Kwathi kwelesithathu yajilingana
Yamudla umuntu yamushiya isibindi.
Ubusibindi ungakanani wena Zwide
Ungadla umuntu umshiye isibindi?

Isililo asikhalwanga kwaMashobane
Ngoba besaba ukuthela umkhwenyana ngezinyemezi.
Uyajabula-ke wena Mzilikazi owake walwa noZwide
Wambona evunule
Kwaye kwayiyizela udadewabo kaZwide uNozimpethu.

Ndwandwe waseGudu!
Nkabanhle!
Sbhaxa!
OkaSothondose omhlophe.
Umthondo wethusi
Othunda kuthole abafokazane
USdinana sikaMaphisa

Mkhatshwa!
Bathi bekhatshwa ngezinde
Wena ube ukhatshwa ngezimagqukumezana.
Wena wakwaNkokhelabantu
Behlatshwa ngemikhonto njengezinkomo.
Wena wakwaMnene.

Wena wakwaMasheshafike kuMashobana
Unozinyanga engafiki.
Wena kaNobhongoza.
Mnguni ongafi ngamkhonto,
Nogwaza bengahlonyulwa.

Sandla sivik umkhonto njengehawu,
Kukhal indoda namadojeyana,
“Kade ungigwaza Ndwandwe sengifile!”
Gudunkomo!
Langa!

INKOSI AYIQEDWA.

AbakwaMdleleni 😍 Mdleleni History 😍 Umlando Mdleleni

AbakwaMdleleni 😍 Mdleleni History 😍 Umlando Mdleleni 😍 Izithakazelo zabakwa  Mdleleni
Mbulazi
Mkhatshwa
Zikode
Mashobana
Mdleleni
Abantu bakwaMdleleni bangaMantungwa,baphuma kubantu bakwaKhumalo. UMdleleni okwaqanjwa ngaye isibongo wabe engumfowabo Mzilikazi, eyindodana kaMashobana njengabo oNzeni, oMzilikazi, oNgonyama oGquqgu nabanye. Imizi kaMashobana kwakuseNdinaneni kwabo Mzilikazi, eNyandeni kwabo Ngonyama owazala abakwaNyandeni, kanye naseNsingweni kwabo Mdleleni . UMashobana wayezele kakhulu izintombi, esengabala kuzo oNozipholo(uMafungwase), uNtanase, uNozinhlwathi(owagana uSikhunyane Dlamini eSwazini, wayengowaseNsingweni), uNgiyalila, uNozinyanga nabanye.
Lesi sizwe saMantungwa saqanjwa ngokhokho waso uMntungwa kaMbulazi. UMntungwa wazala uMabaso endlunkulu noKhumalo ekhohlo. UMabaso wazala uNyathi emzala nendodakazi kaLudwaba wakwaMajozi.UNyathi wazala uMthiyane. KuMabaso kwaphuma abeNtungwa ‎bakwaMabaso. Kuso lesi sibongo sakwaMabaso kwabuye kwakheka ezinye futhi izibongo ezifana nesakwaHlanguza, esakwaMlilo nezinye.
UKhumalo wazala uMkhatshwa owazala uZikode, uZikode wazala uGasa uMashobana noMagawozi nabanye.UGasa wazala uMagugu, uDonda kanye noSiwela owazala abakwaNkosi Ndlangamandla. UMashobana wazala uMdleleni okwaqanjwa ngaye isibongo sakwaMdleleni, uMakhatha,uNzeni, uMzilikazi, nabanye. Kuthiwa uMdleleni nguyena owayemdala kuwo wonke amadodana kaMashobana. Kuthiwa wayemdala impela kangangokuthi wayengamzala nomnawakhe uMzilikazi. Phela naye uMashobana kuthiwa wayemdala impela, emdala nakoDonda.
Ngesikhathi iLembe lixabane nenkosi uMzilikazi lake lamyeka uMdleleni, langamhlasela. Waze wahlaselwa nguMbomboshe omnyama(iSilo uDingane), selikhotheme iLembe eleqa amanye. Ingxabano phakathi kweLembe nenkosi uMzilikazi yabangwa izinkomo ezazidliwe kubeSuthu bakaHanesi ngaseHarrismith ithunywe yiLembe.

Ngaleso sikhathi inkosi uMzilikazi yabe ingenye yezinduna zeNgonyama uShaka, yayingakabi inkosi. Kuyaziwa ukuthi mandulo kwakuthi uma iqhawe leNgonyama lidle izinkomo enkosini ethile lezo nkomo lalizethula zonke kuleyo Ngonyama esuke ilithumile /esuke ibusa. Kwakuba yiNgonyama-ke eklomelisa lelo qhawe elidle izinkomo.

INduna yeLembe uMzilikazi(owagcina naye eseyiNgonyama)wagodla ezinye zezinkomo ayezidle kuBeSuthu wangazethula kokaNdaba. Kanti kuzogijima umnewabo uNzeni kaMashobana ayobikela okaNdaba ukuthi ezinye zezinkomo umnwakhe wedlule nazo waziyisa kubo eNdinaneni.
Kuthiwa wathi uma ebuzwa ukuthi kungani engazethulanga zonke izinkomo wakhombisa okukhulu okwedelela. Laphaka impi iLembe yayohlasela eNgome lapho kwakwakhe khona abakwaKhumalo. Kwaliwa impi eyaliwa iziwombe ezimbili.
Isiwombe sokuqala wakwazi ukusinqoba umfoka Mashobana. Kwesesibili kuthiwa wanqotshwa.Kuyilapho -ke athatha isinqumo sokuthi abhekise amabombo enhla. Kwakuwunyaka ka1821 ngenkathi iNgonyama uMzilikazi isuka kwaZulu.
Yasuka yabheka enyakatho, yakha amadlangala endaweni yaseNtabazwe (Harrismith), yathi uma isuka eNtabazwe yabheka ngaseEmerlo ihamba ihlasela ezinye izizwe ngenhloso yokuzakhela ubungonyama. Yakha umuzi waseKuphumuleni ngasesiphethwini soBhalule(Oliphant River) khona eErmelo okwaqanjwa ngawo ilokishi lakhona i-Pumula.
Yahlala eEmerlo kusukela ngonyaka ka1822 kwaze kwaba unyaka ka1825 lapho eyabhekisa amabombo eMosega (Zeerust) yafika yakha amahlalankosi ayo uMkhwahla (induna kunguMkhaliphi Khumalo), uMncwazi (induna kunguMtotobi Mabaso) kanye neGabeni (induna kunguMaqhekeni Sithole). Yahlala kwelabeTswana yaze yasuswa amabhunu kaHendrick Poitgetier ngoLwezi 1837 ngemuva kokushiswa kweGaba, uMkhwahla, kanye noMncwazi ishiswa ngamabhunu kaPoti.
UMdleleni wahlala kwaZulu waze wadudulwa nguVezi(iSilo uDingane) efela izono zomnawa wakhe uMzilikazi. Impi kaVezi yamdudula uMdleleni yaze yayomuweza umfula uMthamvuna . Kuyileso sizathu-ke abantu bakwaMdleleni bande kakhulu kwaXhosa. Esendeni lakhe uMdleleni kwabuye kwaphuma abakwaNyawose esisazobuye sixoxe ngabo.
Liyavela igama lomuzi waseNsingweni ezibongweni zeSilo uDingane uma kuthiwa
‘ Bantu baseNsingweni ninezindaba!
Gijimani ngazo zonke izindlela
Niyobikela abakwaMashobana’
Ukuthi lukhulu luyeza luyanyelela
Silufanisa noPhunga noMageba’
Kanti nalo elikaMdleleni liyavela uma kuthiwa
‘Omemeze amaNtungwa akwaSokhumalo
Kasabela uMdlleleni kwasabela uMakhatha’
UMakhatha lona wayengowaseNsingweni elama uNozinhlwathi emnhlane. UNzeni wayezalwa yintombi yakwaMkhwanazi okaBebesi, yena-ke wayelanywa nguNoziwawa. Kuthiwa uNzeni naye wayemdala kakhulu kuMzilikazi. Isenzo sakhe sokuceba umnewabo eNgonyameni uShaka yisona esaholela ekutheni agcine eseyiswe kwagoqanyawo ngumnewabo uMzilikazi, efela bona ubumpimpi.
Liyavela igama likaNzeni ezibongweni zeNgonyama uMzilikazi uma kuthiwa
‘Indaba yenziwe nguNzeni kaSokhumalo
Wazingela ngasemoyeni esikhaleni sikaBhejane
UNakane lwamnamathela emhlane lwamanakashela
Lwaze lwayogqebhuza ngophondo iNtubeni
INkomo zabeNtungwa zenza inqaba
Zagqibula inqaba ngezimpondo
Ngoba zavula iNgome ngezimpondo zahamba”
nguMzilikazi lowo!
ONakane wuhlobo lwezibawu oluthi uma lutinyele inkomo noma umuntu lowo muntu noma leyo nkomo ivele iphathwe isifo se’Nagana disease’, isiphetho kuba ukufa ngoba isifo sonakane aselapheki.
INtubeni ngenye yemizi yeNgonyama uMzilikazi, lowo muzi wawakhelwe kwelaseNgome.
Abantu bakwaMdleleni basabazisa kakhulu ubuhlobo babo nabakwaKhumalo kangangokuthi abaganani nokuganana. Nezithakazelo zabo zifana nse nezakwaKhumalo. INgonyama uMzilikazi yaphinde yayivusa futhi imizi kayise iNdinana kanye neNsingo iwuvusela eNtilasifali.Induna yaseNdinaneni kwakunguMbhungwana kaNyanzamakhanda Mashazi, kwathi ngemuva kokufa kukaMbhungwana induna kwaba nguMfangilele kaMbhungwana. AbakwaMashazi bangaMantshali, phela uMashobana wayezalwa isithole sakhona eMantshalini ingakho indodana yakhe uMzilikazi yayiwakhonze kakhulu aMantshali, ayengomzala bayo.
Induna yaseNsingweni ngesikhathi seSilo uMzilikazi kwakunguSomabhulane waseMaHlutshini.
Izibongo ezihlobene nesakwaMdleleni
Mabaso
Hlanguza
Khumalo
Nkomo
Ngubeni
Ntshona
Mahlambi
Khulu
Macozoma
Mvambi
Phukwana
Phenduka
Nkosi Ndlangamandla
Nyandeni
Nyawose
Cosa
Manzana
Mdletye
Nezinye eziningi

AbakwaMtirara 😍 Mtirara Clan History 😍 Mtirara Clan Praises 😍 Izithakazelo zabakwa Mtirara

AbakwaMtirara 😍 Mtirara Clan History 😍 Mtirara Clan Praises 😍 Izithakazelo zabakwa Mtirara
Nina bakaNdaba ngiyameba ngimuke naye, ngimbuke kuze kwehle izinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla somdlebe! Enhla nasezansi ngiyabingelela egameni lomlando wakithi kwaMalandela.
Namuhla sizobheka isibongo sakwaMtirara. Laba bantu bakwaMtirara bangaBathembu baseRhoda, bahlobene nabantu bakwaMvelase, Matanzima, Dal‎ingyebo, nabanye.  NgesiZulu isibongo sakwaMtirara siphinyiswa ngokuthi ‘Mthihaha’. Kukhona nomsakazi wakhona kwaMtirara odlala kuMetro FM, igama lakhe nguPaul Mtirara.
Abantu bakwaMtirara akuwona amaXhosa ngokwendabuko. Imvelaphi yabantu bakwaMtirara ikwaZulu eQhudeni. Laba bantu bakwaMtirara bangabesende lika Ndilo umfowabo omncane kaMvelase. Bobabili babengamadodana kaMthembu owazala bonke aBathembu jikelele. Kuthiwa kwaba khona ukungaboni ngaso linye phakathi kukaMvelase kanye nomnawakhe uNdilo. Leyo ngxabano yaholela ekutheni uNdilo adube ikhaya abhekise amabombo entshonalanga ayokwakha phakathi komfula uMzimkhulu neKoloni yaseKapa.
Ngesikhathi sombuso weLembe abantu bakwaMtirara babebuswa inkosi uNgubengcuka owabe engumzukulu kaNdilo waseBathenjini. Igama lomuzi wakhe kwakuse Mgwali.   Inkosi uNgubengcuka yazala indlalifa yayo ogama layo kwakunguMtirara iyizala kuNdlunkulu wayo uNonesi indodakazi yenkosi uFaku yaseMampondweni. Kwenye indlu inkosi uNgubengcuka yazala uMnqameni.  Inkosi uNgubengcuka yakhothama ngonyaka ka 1830.
Ngaleso sikhathi uMtirara okwaqanjwa ngaye isibongo wayesemncane kakhulu ngakho-ke ubukhosi bathabathwa nguJoyi umnewabo wenkosi uNgubengcuka owabusa njengeBambabukhosi likaMtirara wayesakhula. Ngenxa yezimpi zakwaZulu ezazishisa bhe ngaleso sikhathi uJoyi ebonisana noNonesi unina kaMtirara bakubona kukuhle ukuthi bafuduke babheke ngase ngaseRhodana endaweni eyaziwa manje ngokuthi iseLady Frere,kwakungunyaka ka 1838 ngaleso sikhathi kanti kwaZulu kwabusa uVezi.
Nakhona eLady Frere abahlalanga isikhathi eside ngoba baphinda bafuduka bayokwakha ngase mfuleni iNdwe endaweni eyaziwa manje ngokuthi ikwaGqebenya. Ngaleso sikhathi isizwe sasesiholwa nguNonesi luqobo ngoba uJoyi wayeseshonile, kanti noMtirara wayesemncane engakakulungeli noma engakafiki ezingeni lokubusa.
Kwathi ngonyaka ka 1840 wagcotshwa -ke uMtirara njengenkosi. ‎Ihlalankosi lakhe lalisendaweni yaseRhodana. Inkosi uMtirara yazala amadoda amaningi kodwa kwagqama abathathu nje kuphela. Lawo madodana ngo Ngangelizwe (inkosana), uRhaxoti Mathanzima (ekhohlo) kanye no Mthanta(iqadi).
Inkosi uMtirara yakhothama ngowezi 1855 ngaleso sikhathi indlalifa yayo u Ngangelizwe yayisencane ngakho-ke uGogo wayo uNonesi waphinde wayebambela futhi nayo. UNgangelizwe wagcotshwa ngowezi 1860 nokwathi ngemuva kokugcotshwa kwakhe wakhetha okuyovusa umuzi kayisemkhulu wakhe uNgubengucuka waseMgwali. UGogo uNonesi yena wakhetha ukuqhubeka azihlalele ngase Gqebenya no Mathanzima. KuMathanzima kwabuye kwakheka obunye futhi ubukhosi maBathembu obaziwa ngokuthi ‘amaHala’. Lobo bukhosi namuhla busendaweni yaseCofimvamva.
Kwathi ngemuva kokudliwa kwendawo yaseCofimvamva idliwa ngamaMaGcaleka kwaqokwa inkosi uMathanzima ukuba kube yiyona nkosi yesizukulu sikaMtirara, wachithwa kanjalo uNgangelizwe.
Inkosi uMathanzima yalandelwa indodana yayo inkosi uMhlobo eyalandelwa inkosi uMvuso eyalandelwa umnewabo uDalubuhle owayebambele inkosi uKaizer Mathanzima eyayisakhula. Aah! Daliwonga!
Enye ingxenye yesizwe sakwaMathanzima nansiya endaweni yaseMbembesi ezweni laseZimbabwe. Yona-ke yayifike kuleliya zwe ilethwa nguCecil Rhodes wamaNgisi ngenhloso yokuzophazamisa umbuso weSilo sakwaBulawayo inkosi uLobhengula kaMzilikazi.
Inkosi uKaizer Mathanzima yabekwa ngonyana ka1966, yabusa kwaze kwaba unyaka ka2003 nokuwunyaka eyakhothama ngawo. Aah! Daliwonga!!
 Yona-ke inkosi uKaizer Mathanzima yalandelwa umzukulu wayo uLwandile kaMthetho kaRhaxoti Mathanzima ka Mtirara. Ah! Zwelenkosi!
AbakwaDalindyebo
 ABathembu bakwaDalindyebo nabo baphuma kuNdilo umnawakhe kaMvelase. Bona-ke baphuma endlini encane nokuyindlu kaNtongakazi owalandelwa inkosi uBhomoyi owalandelwa inkosi uCedume owalandelwa inkosi uMnqunti owalandekwa inkosi uNtoyi owalandelwa inkosi uNxeko. UNxeko walandelwa inkosi uDlomo owanqoba umfowabo uHlanga empini yaseMsana kubangwa ubukhosi. Inkosi uDlomo yalandelwa inkosi uHala eyalandelwa inkosi uMadiba eyalandelwa inkosi uTato eyalandelwa inkosi uZondwa eyalandelwa inkosi uNdaba ‎. Inkosi eyayibusa ngonyaka odlule inkosi Buyelekhaya Dalindyebo. Aah!  Zwelibanzi!

AbakwaNzimakwe 😍 Mzimakwe Clan Praises 😍 Izithakazelo zabakwa Mzimakwe

AbakwaNzimakwe 😍 Mzimakwe Clan Praises 😍 Izithakazelo zabakwa Mzimakwe
AbakwaNzimakwe
Abantu bakwaNzimakwe bangabeSuthu ngokwendabuko. Ukhokho walaba bantu bakwaNzimakwe kwakunguMachi igama lakhe, lendoda yayiphila kudala kakhulu kanti ibuye ibe ukhokho wabantu bakwaXolo,Dlezi,Phehlukwayo, Machi, Ngutshana, Sabela nabanye. Laba bantu bakwaNzimakwe babuye baziwe‎ ngokuthi bangaMaphehlukwayo nokuligama likakhokho wabo okuthiwa wayengomunye wamadodana kaNzimakwe.
Elinye igama likaMachi kwakunguNtamonde. UMachi endlini yasekhohlo wazala Thango owazala uMbokodo owazala uNdaba owazala uNzimakwe. Kwenye indlu uNdaba wazala uDlezi noNgcukama. Endlunkulu uMachi wazala uNgeleka owazala abakwaChezi kanye nabakwaMachi.
Ngenkathi isizwe samaPhehlukwayo sifika kwaZulu saqala sazinza ngaseHighflats endaweni yaseNtimbankulu. Nakhona abahlalanga isikhathi eside kuleya ndawo, bashesha bafudukela ngaseMtwentweni ngaseningizimu yomfula uMzimkhulu.
Ohambweni lwabo babekade bakanye nabakwaNgceleka,Machi, Chezi, Xolo, nabakwaDlezi. AbakwaNzimakwe baphinda bafuduka sebebodwa bawela umfula uMpenjathi bayokwakha endaweni eyaziwa manje ngokuthi ikwaNzimakwe enyakatho yedolobha i-Port Edward. ‎
AbakwaMachi bagcina bezinze endaweni eyaziwa ngokuthi ikwaMachi buqamama nedolobha laseHarding

Kwathi ngonyaka ka 1842 inkosi yamaJali(Ngcolosi) uMphikwa Jali yawela uMthavuna yayocela ukusikelwa indawo yokwakha esizweni saMachi. Nempela yayithola indawo yokwakha iyisikelwa yinkosi uMbonwa Machi eyabe ibusa isizwe sakwaMachi ngaleso sikhathi.

Izithakazelo zakwaNzimakwe
Phehlukwayo
Mbumba
Nyawo zimhlophe
Joba

Abakwa Mvelase 😍 Izithakazelo zakwa Mvelase 😍 Mvelase Clan Praises

Abakwa Mvelase 😍 Izithakazelo zakwa Mvelase 😍 Mvelase Clan Praises

mthembu nina enavel’enyandeninina enadla iqhude lifile,
nina enavela ngomthwalo wakwamabaso,
ngoza,
zakwe,
maphanga,
khathide,
mthembu ,
mvelase ,
wena owawela enyandeni yakamabaso ,
vezi ,
ndaba,
ndabezitha,
ngoza omkhulu ongakhokhobi,
qhudeni!
omnisi,
mnisi wemvula!

Mzimela Clan Praises 😍 Izithakazelo zakwa Mzimela

Mzimela Clan Praises 😍 Izithakazelo zakwa Mzimela

mbizeni,ntaka, sheleza, mzungwanya
mnguni,
dimbani
mnguni,
donda kamlimandlela,
mfuyi wamatshe ,
lwandle kaluwelwa luwelwa izinkonjane ngoba zindizela phezulu,
maconi,
mfeka,
njingili lwazi.
abazimela abazimela ngentonga yethusi abafokazane bezimela ngomhlanga.
abazimela abahamba emhlangeni wangabasika kwathi abalandelayo wabasika

Msweli Clan Praises 😍 Izithakazelo zakwa Msweli

Msweli Clan Praises 😍 Izithakazelo zakwa Msweli

msweli,
mlombo,
khophaneni,
malawulane,
msutfu,
ntsatjana timbili tibuka umgwenya,
tfole lelabhodla emhomeni kumdvuba,
ntgomb’ atimgani, timtsintsa atsi eeish,
nsele!

Page 7 of 21

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: